Zibhajwe kweziludlayo: Kuthiwa usehungwe yisibunge samaNdiya



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Bathi noMkhize usekhalakathele njengabanye. Kwenzeka eqhakaza njengomholi ezweni
Kubantu abehlukene uyizinto ezahlukene kuye ngokuthi ukhuluma nobani. Lowo nguDkt uZwelini Lawrence Mkhize onguNgqongqoshe Wezempilo kuleli. Ngokungangabazisi unamava njengoba eseke waphantha izihlangu ezahlukene ngaphakathi nangaphandle kweqembu elibusayo. Kanti ngesikhathi kunomjaho wokuhola uKhongolose nowanqontshwa nguRamaphosa uDkt uMkhize naye wayekhona.
Emuva kwalokho ubethathwa njengomholi kaKhongolose kepha kuthe uma izwe lihlaselwa wukhuvuthe wabe esegqama ngokunye umfo kaMkhize. Uma kuqala ukungenelela kukaHulumeni abantu baseNingizimu Afrika batusa ubuchule bakhe ekuvikeni inhlekelele eyayingabhekana nezwe njengoba yena nethimba aliholayo baphumelela ukudodobalisa ukugabavula kokhuvethe. Konke lokhu kwenzeka ngomlenze wokuqala wokugasela kwalo mkhuhlane.
Ezingqaphelini ukubonakala kwekhono likaMkhize lokwelusa izwe ngesikhathi sempi nokhuvethe kwenza kwakhona ‘isixazululo’ ebuholini beqembu njengoba ngaphakathi nangaphande kweqembu kukhona abangazwisisi ukuthi uma kwenzeka noma yini kuMengameli izwe selingaphathwa nguSekela Mengameli uMabuza. Ukuphakama kukaMkhize kunike labo ithemba lokuthi kungenzeka kungabi nguMabuza kepha kube nguMkhize. UMabuza wexwaywa nje yizinkulumo ezithi yiqili nembulu enyathela ngamanyikwe amabili. Lokhu bakulumbanisa nezindaba okuthiwa zenzeka kwelakubo eMpumalanga kanye nokushiya kwakhe okhalweni abathile ngesikhathi kunokhetho nolamuweza waba yiSekela Mengameli weqembu, nokwamphendlela ekubeni nguSekela Mengameli wezwe. Abanye nje abangamuzwa kahle ngabaKwaZulu-Natal nabamsola ngobumbulu okwenza babuya okhethweni bengaphethe lutho ekubeni beyisifundazwe esikhulu ku-ANC.
Nokho izinto zijikile ngoMkhize. Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi umkhulumeli nongunobhala kaDkt uMkhize osesebenze isikhathi eside kuyena uhlomule ngemali yokhuvethe ekhokhwe enkontilekeni engacaci kahle eyaqashwa uMnyango Wezempilo. Inkampani lena, iDigital Vibes, ithole imisebenzi eminingi enanini layo lingaphezu kwezigidi ezingama-R82 kwenziwa okuphathelene nobhubhane. Yona le nkampani ibuye yathola umsebenzi eMnyangweni Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (Cogta) ngowezi-2018, ngesikhathi uMkhize ehola lo Mnyango. Ndawo zombili, uTahera Mather, ongumkhulumeli kaMkhize osesebenze isikhathi eside kuyena futhi okusolakala ukuthi ungumngani womndeni kaMkhize, uthole imisebenzi eminingi kuDigital Vibes emveni kokuba isithole izivumelwano kuHulumeni.
Isibunge samaNdiya
Lezi zinsolo zifike kabi ngesikhathi lo mholi esengubuso bamaqhawe empi elwa nokhuvethe. Abafundi abaningi kwelaboHlanga baphawule ngalokhu beveza ukuthi lokhu sekuluphawu lweqembu elibusayo ukubandakanywa nenkohlakalo. Umhlaziyi ohlonishwayo wezepolitiki nomnotho ngaphansi kweXubera, uMnu uXolani Dube, uthe kulishwa ukuthi noMkhize usehungwe yisibunge sosomabhizinisi bamaNdiya. Uthe lokhu akuqali ngaye kepha umgodi ohlale ukhalakathela abaholi baKwaZulu-Natal.
“Abaholi baKwaZulu-Natal kumele bazi ukuthi ukusondelana kwabo nosomabhizinisi bamaNdiya kubahudulela phansi. Lokhu kwenzeka kuwo wonke amaqembu epolitiki. Akuyona imfihlo ukuthi amaNdiya ababambe ngamankwahla abaholi abaningi kulesi sifundazwe. Amanye aze azisondeze nabaholi abathile ukuze acebe,” kusho uNyamazane.
Ube esenza izibonelo ngalokhu akushoyo: “UMshlozi owayehlonishwa aziwa njengeqhawe lomzabalazo ungeniswe ngubani emgodini? Akuyena usomabhizinisi weNdiya uShabir Shaik owaphalaza konke ukuthi wayeze amkhiphele ngisho imali yokuwasha izingubo. Kuthe kusenjalo uMsholozi wazibandakanya nomndeni wakwaGupta onkaba yawo iseNdiya. Nango omunye ezisondeze koNgangezwe Lakhe nozibiza ngeNduna. Lona ngusomabhizinisi okhonjwa ezintweni zoikuganga kepha ozocasha ngoHlanga lezwe”, kusho uDube. Uthe lesi sibunge sasikhona nangezikhathi ze-United Democratic Front (UDF) lapho abaholi boHlanga babegajwe yisibunge.
Ngakolunye uhlangothi umholi weNjeje YabeNguni, uMnu uPhumlani Mfeka uthe uMkhize kade aba ngumvikeli wosomabhizinisi bamaNdiya.
“Yeyi wayethetheleleka noNdebele ngoba wayesadakwe wukubuya ekudingisweni nokwenza wathemba osomabhizinisi bamaNdiya nabaningi eMnyangweni Wezokuthutha. UMkhize kathetheleleki ngoba ubehlala lapha nathi ngaphakathi ebazi ubunzima bokuhweba nosomabhizinisi bamaNdiya. Kade aqala ukubavikela waze waba sekhaleni lokhuthi nabo abalinganiswe naboHlanga ngaphansi kohlelo lweBEE.”
UDube uvumelene noMfeka odabeni lwezinkampani zaseThekwini i-Aqua neCrossmoor abathi zadlondlobala ngesikhathi sikaNdebele ephathiswe uMnyango weZokuthutha.
Sekuyisikhathi zimnuka
UMkhize uke wasolwa ngokuba nevenge kwaPIC nokuyinto ayiphikayo. Kulokhu kuthiwa uKhabazela wafuna ivenge lezigidi ezi-R4.5 emuveni kokukhongela inkampani kawoyela kuPIC. Lolu daba waluphika uMkhize wathi: “Izinsolo ngesamba esiyizigidi ezi-R4.5 zentshontsho noma ‘umvuzo wokugqugquzela’ okufanele ngabe ngiyawufuna ngenxa yemalimboleko eyagunyazelwa inkampani i-Afric Oil yiPublic Investment Corporation kuyimbudane nje engihlinzela ezibini. Angikaze ngigqugquzele imizamo yokuthola leyo malimboleko futhi angikaze ngifune ‘umvuzo wokugqugquzela’ kule nkampani. Angikuthandi mpela ukuba kuhudulwe igama lami lifakwe odabeni engingangeni ngalutho kulona,” kusho yena. Ngaleso sikhathi wathi uzofaka abameli kulolu daba kwaba wukuphela kwalo emehlweni abantu.
EsaKwaZulu-Natal kwake kwanodaba oluthinta isikhungo Ithala nalapho wanukeka uNgunezi. Umfundi welaboHlanga uMnu uThembelani Msomi uthe: “IThala Bank umkakhe watapa. Indoda elibonayo iqatha, maqede ithume oseduze ukuthi ahambe ayicoshele.”
Owayengumphathi wakwaPassenger Rail Agency of SA (Prasa) uMnu uLucky Montana ugeqe amagula ngezinsolo zokubandakanyeka kwezezimali okuthinta owayengu mphathizimali jikelele ku-ANC uMnu uZweli Mkhize, noMaria Gomes, onguwesifazane ongusomabhizinisi wase-Angola okwathi ngowezi-2013 nowezi-2014 walhomula ngevenge lezigidi ezingama-R40 enkontilekeni yezigidigidi ezi-R3.5 yakwaPrasa ye‘zitimela ezinde’.
UMontana uth yena noMkhize babehlala behlangana noGomes emzini wakhe nomyeni eJohannesburg ngesikhathi uPrasa esegixabeze ngenkontileka yezitimela eyaba nokhuluma inkampani iSwifambo Rail Leasing.
NakuKhomishini ebeka izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso igama likaMkhize like laphatheka. Enza isethulo sakhe usomabhizinisi, uSodi waveza ukuthi wanikela ngezigidi eziyisi-R6.5 enhlanganweni ngesikhathi sikaDkt uZweli Mkhize njengoMngcinimafa.
ElaboHlanga liye koshicilelwa ngesikhathi abeSpecial Investigating Unit (SIU) sebeqinisekisile ukuthi bazosibheka isikhalo ngethenda eyanikezwa inkampani yezokuxhumana KwaZulu-Natal. Umkhulumeli weSIU uKaizer Kganyago uthe, “Izinsolo zithi kwakukhona ukungqubuzana ngesikhathi kuqhutshwa uhlelo lokuqasha le nkampani nokushiya imibuzo. Seziwathumelile onke amaphepha eminyangweni ethintekayo ukuba ibheke ukuthi ingasitholela kanjani ulwazi. Uma sekuphothuliwe lokho, kothathwa izinqumo futhi sikwazi ngpkweqiniso ukuthi yini ngempela eyenzeka.”
Kuze kube yimanje kuzo zonke lezi zigemegeme uDkt uMkhize siqu kanjalo nangokwezikhundla zakhe asuke eziphethe uyakuphika ukubandakanyeka enkohlakalweni.