Akuvumanga iqophe umlando intokazi kaWilliams kwezomphebezo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNaomi Osaka uphule izinhliziyo zabalandeli bebhola lomphebezo abaningi izolo (ngoLwesine) ekuseni eguqisa imfivilithi kwabesifazane uSerena Williams emdlalweni owandulela owamanqamu e-Australian Open.
U-Osaka wehlule uWilliams ngo-6:3, 6:4 okungathathanga isikhathi esingakanani ukuthi lo mdlalo uphele yize bekulindeleke ukuthi udonse ngenxa yokuthi buyaziwa ubuchule balaba bobabili.
Okwenze u-Osaka aphule izinhliziyo zabaningi ukuthi abaningi bebefisa ukubona uWilliams edlulela kowamanqamu nalapho ebezoba semathubeni okuqopha umlando.
Umlando obuzoqoshwa ile ntokazi eyaqala ukudlala umdlalo womphebezo okhokhelwayo ngowe-1995 wukufica uMargaret Court ngokunqoba amaGrand Slam amaningi kulo mdlalo.
UCourt washiya kulo mdlalo enqobe amaGrand Slam angama-24 kanti uWilliams yena usenqobe angama-23. Ubezophinda azifake emlandweni wokunqoba i-Australian Open kayisi-8 okuyimanje yena noCourt basayinqobe ngokulingana kayisi-7.
Uma kukhulunywa ngamaGrand Slam kushiwo imiqhudelwano ehlanganisa iWimbledon, i-US Open, iFrench Open ne-Australian Open.
UWilliams unqobe iWimbledon kayisi-7 ngonyaka wezi-2002, ngowezi-2003, ngowezi-2009, ngowezi-2010, ngowezi-2012, ngowezi-2015 nangowezi-2016, unqobe i-US Open kayisi-6 ngowe-1999, ngowezi-2002, ngowezi-2008, ngowezi-2012, ngowezi-2013 nangowezi-2014, wanqoba iFrench Open kathathu ngowezi-2002, ngowezi-2013 nangowezi-2015.
Ube esedla i-Australian Open kayisi-7 ngonyaka wezi-2003, ngowezi-2005, ngowezi-2005, ngowezi-2007, ngowezi-2009, ngowezi-2010, ngowezi-2015 nangowezi-2017.
ngowezi-UWilliams oneminyaka yobudala engama-39 indlela adlale ngayo ebhekene no-Osaka ukhombisile ukuthi iminyaka isihambile kuye. Kuyimanje ukleliswe endaweni ye-10 ngokwezikeliso zeWomen Tennis Association (WTA) kanti u-Osaka usendaweni yesithathu.
Abaningi emva kokwehlulwa kukaWilliams bancome ukuthi athi khumu kulo mdlalo njengoba iminyaka ingasamuvumeli.
Unomlando ongasoze walibaleka kwezomphebezelo ngokuthi akeliswe endaweni yokuqala kusukela ngoNtulikazi wezi-2002 kwaze kwaba ngowezi-2017. Phezu kwalokho uke wanqoba izindondo zamagolide emdlalweni wama-Olympics Games.
UWilliams ekhuluma nabezindaba emva komdlalo ukhombisile ukuthi umoya wakhe uphukile njengoba ebelokhu ekhihla eseNdlovukazi uNandi.
Ephawuma uthe: “Usuku engingasoze ngalukhohlwa. Angazi. Sengiqedile,” wabe ephuma ehamba ekhala.
Ephawula u-Osaka emva ko mdlalo uthe: “Kuyisifiso sanoma imuphi umdlali ukubhekana noWilliams, bengisaba futhi ngethukile. Yize bekunjalo kodwa bengilwela ukungaphumi kulo mqhudelwano, ingakho ngenze konke okusemandleni ukuwunqoba lo mdlalo.”
Umdlalo wamanqamu uzokuba kusasa ngele-10:30 lapho u-Osaka ezotholana phezulu noJennifer Brady/Karolina Muchova.