Emdlalweni wamankomane uMthalane uzibonakalisile
Abanye bangathi uJacob “Babyjake” Matlala ofanelwe ukuba yinkunzi kuFlyweight ekhiqizwe iNingizimu Afrika kuleli shuminyaka esiphuma kulo nokho abanye babona uMoruti Mthalane kunguyena othe xaxa ngokuba ngcono.
UMatlala, owayengumshayisibhakela omfushane kunabo bonke emhlabeni, wahlonishwa ngekhono lakhe elamenza wanqoba izicoco ezintathu zomhlaba.
Wazinqoba ezigabeni ezahlukene njengoba amabhande eWBO neWBU wawanqoba elwa esisindweni seJunior Flyweight. Elinye ibhande leWBO walinqoba elwa kuFlyweight. Ngakolunye uhlangothi okuhlukileke ngoMoruti Mthalane ukuthi selokhu angena esibhakeleni eminyakeni eli-19 edlule, akakaze ashintshe isisindo.
Okugqamile ngalo mlisa ocijwe ikhono lesibhakela eLindelani ngaphambi kokufudukela eGoli, ukuthi uzithobile, uyazimisela futhi uhlelekile. Usuka emndenini wesibhakela njengoba abafowabo abadala uSihle no- Innocent balwa esigabeni esikhokhelayo. U-Innocent wake waba umpetha waseNingizimu Afrika kuJunior Featherweight.
Ngesikhathi abafowabo bevelela, uMoruti, njengokuthula kwakhe, ubegxile ekufundeni okuthile kubo nasekukhuleni kulo mdlalo. Yena no-Innocent bahlanganiselwa umgqugquzeli wezimpi waseThekwini uRodney Blom ukuyobheka amadlelo aluhlaza eGoli lapho bahlale ngaphansi kwesandla esiqinile sikaNick “Mthakathi” Durandt, osadlula emhlabeni.
Ilapho-ke ikhono lakhe liqale ladlondlobala khona, elwa ezimpini ezasisePark Station eqhathwa uPat Molefe weRainbow Promotions. Waqala ngokuhlabana ngesicoco sikazwelonke ngaphambi kokudlulela ebhandeni elincane le-WBC. Ilo elimwelise kwele-IBF alivikele okwesithathu ngokungqimuza u-Akira Yaegashi empini ebiseJapan mhla zingama-23 kuZibandlela. Leli bhande le-IBF useliphethe ihlandla lesibili. Eliphatha okokuqala esaqeqeshwa uNick “Mthakathi” Durandt, walivikela kane kodwa ngenxa yokungagculiswa imali ekwathiwa akalivikela ngalo, waqoma ukulilaxaza.
Ngesikhathi ehleli kungaqhamuki zimpi, utakulwe abaqeqeshi oThulani Magudulela, omenze wanqoba ele-IBO. Ukulivikela kwakhe amahlandla amane kumphindisela ekuzameni ele-IBF. Kuyo yonke le minyaka edudulana nezinsizwa eringini usahlulwe kabili vo. Washaywa uNkqubela Gwazela ezama ukumhlwitha isicoco sakuleli ngo-2004
Wasuthiswa induku inkakha yasePhillipines uNonito Donaire empini ye-IBF eyayibanjelwe eLas Vegas e-USA ngowezi-2008. Yize iminyaka isihambile kodwa kubukeka sengathi uzelwe kabusha njengoba esaqukethe amandla asabekayo kulezi zibhakela zakhe.
Njengamanje uqhoshe ngerekhodi lokunqoba izimpi ezingama-39 kanti ushaye imingqimuzo yomlalisaphansi engama-26. Ngemuva kokunqoba eChina naseJapan evikela leli bhande, uMthalane udle umhlanganiso we-SA Sportsman of The Year kuma-SA Sports Awards ayebanjelwe eThekwini ngasekupheleni konyaka odlule.
Okumele kube isifundo entsheni ukuthi ngesiphiwo sakho uma uzosinakekela uyakwazi ukuziphilisa kahle nomndeni wakho. Njengamanje uMthalane unomuzi komntakabani eSandton eGoli lapho ehlala khona nengoduso yakhe. Bashonelwa indodakazi eminyakeni edlule kanti uvamise ukuthi uma njalo ezokulwa, usuke elwela yona kanye noyise osadlula emhlabeni.
Osekusele manje ukuthi alwe impi ehlanganisa amabhande. Ubheke ukulwa nompetha weWBA noma oweWBO. Uma engayinqoba leyo mpi, akungatshazwa ukuthi uyozifaka emlandweni.