Now Reading
Yamukela unyaka omusha iChina
Dark Light

Yamukela unyaka omusha iChina

Abantu baseChina babungaze unyaka omusha owaziwa ngomgubho weSpring Festival noma iLunar New Year, ngaphansi kwemigomo yokhuvethe. Ngokwejwayelekile abantu bahlanganyela nemindeni nezihlobo babe nesidlo sakusihlwa ndawonye baphinde babelane ngezipho kanye nemali efakwe ezimvilophini ezibomvu. 

Kodwa kulokhu abaningi bebengabodwana ngoLwesine ebusuku belindele unyaka omusha. UZhou Shuping udabuka esifundazweni iHebei nesiwumakhelwane weBeijing lapho esebenzela khona. Ubengomunye wabantu abangakwazanga ukugoduka. 

“Ngiyaqala ukuthi ngibungaze ngedwa unyaka omusha futhi ngingekho ekhaya. Kuyinto entsha kumina futhi akungikhathazi,” kusho uZhou. 

Uthe ukuba yedwa kumnike ithuba lokuthi azenzele amadombolo avame ukudliwa uma kubungazwa unyaka omusha, nokuyinto angakaze ayenze ngoba umama wakhe ubengamvumeli. 

Abaningi abantu abasebenza emadolobheni amakhulu afana neBeijing abazange bagoduke baye emakhaya ukunciphisa amathuba okusabalalisa ukhuvethe. 

Bekulindeleke ukuthi abantu abangaphezulu kwezigidi ezili-100 bahlale emadolobheni abasebenza kuwo kula maholidi adonsa isonto. 

See Also

UHulumeni ugqugquzele abantu ukuthi bangaluthathi uhambo kula maholidi emva kokuthi liqubuke kabusha igciwane ezindaweni ezahlukene. NgoLwesithathu, uMengameli uXi Jinping ufisele abantu bakuleli zwe izilokotho ezinhle kunyaka omusha emcimbini obubanjwe eBeijing. 

Kulezo zinto azibale njengezizuzwe iChina ngowezi-2020 kube ukunqanda ukusabalala kokhuvethe, ukuhamba phambili kumazwe amakhulu ukukhulisa umnotho, kanye nokuqeda ububha ngesikhathi ebesibekwe uHulumeni. Uthe kunyaka wezi-2021 kuzomele bakhele phezulu kwalokho okuzuzwe kunyaka ofile ukuze baqhubeke nokuthuthukisa izwe. Kulo nyaka omusha, iqembu elibusayo iCommunist Party of China, neseliphathe iminyaka engama-70, ligubha iminyaka eyikhulu labunjwa.

UXi uthe iCommunist Party of China ihlanganisa ikhulu leminyaka iyiqembu eliqinile nelinamalungu ayizigidi ezingama-91 futhi lesekwa izwe lonke. Uthe uma iCPC kanye nabo bonke abantu baseChina abayisigidigidi esi-1.4 besebenzisana nesigungu esiphezulu seqembu, akunanselelo engeke inqobeke. 

Scroll To Top