Now Reading
Ubumqoka boBukhosi ezwenikazi i-Afrika bungelinganiswe
Dark Light

Ubumqoka boBukhosi ezwenikazi i-Afrika bungelinganiswe

UBukhosi bendabuko, angingabazi, baqoshwa ezulwini, imithetho yabo eminingi yaqoshwa ezulwini, ukuze yehlele lapha emhlabeni, lapho buyokwazi ukuphatha isintu ngentando, ngohlelo nangendlela kaMvelinqangi. Lokhu kuvela kakhulu nxa ulandela indlela iziNgonyama zaseKhemethe ezaziwuphatha ngawo umbuso kanye noBukhosi bezwe. Lokhu ngikususela eKhemethe lapho kulele khona inkaba yethu thina benzalo kaNobuntu noNtu.

Akukho okusemhlabeni okungekho eZulwini, akukho okuseZulwini okungekho emhlabeni, yingakho iNkosi enkulu uPtah, owayengomunye owaba ngabokuqala ukubeka unyawo lwakhe eKhemethe, ngenkathi kungakahlali muntu, ethunywe yilowo ongabonwayo. Yingakho nje eminye imibhalo imibiza ngokuthi ‘uNkosinkulu waseKhemethe’. Ngiqala ngokusho lokhu ngoba nguye owaba ngowokuqala emhlabeni ukwemukela imithetho eyayivela eZulwini. Phakathi kwemithetho eyayivela eZulwini, kwakuyimithetho yoBukhosi bendabuko. Le mithetho itholakala encwadini yesizwe eyayibizwa ngokuthi yiNcwadi Yabafileyo (Book of the Dead). Njengoba lisho igama lomunye umasikandi, lithi: ‘Njalo nje siyabizwa koMkhulu; Njalo nje kukhona imbizo’.  Kuwumsebenzi weNkosi ukubiza abantu ukuze ithole ubuhlakani bokuhola, ngoba iNkosi iyiNkosi ngabantu. Umthetho lo ojulile woBukhosi noBuntu. Ngenye imini siyoxoxa sijule ngobudlelwane obukhona phakathi koBukhosi noBuntu. 

Eminye yemithetho ebalulekile yaMakhosi endabuko, ngokohlelo lwaseKhemethe, uBuntu kanye nenhlonipho. Le mithetho yiyo eyayihamba phambili eziNgonyameni zaseKhemethe, kusukela kuMenes kuze kube iyawa iKhemethe isibuswa yizizwe. Uma ngenza nje isibonelo semithetho eyayibalulekile: Umthetho wokwazisa ubumqoka bukaMvelinqangi kanye nomphefumulo nemvelo, imithetho yonke yemvelo, umthetho woBuntu, imithetho yonke yokuhlonipha labo asebasishiya emhlabeni, njalo njalo. Okulandelayo kwakuba yimithetho yezwe lelo eliphethwe yiNkosi, eyayihambisana nemithetho emikhulu yaseZulwini. 

Ucwaningo luyaveza ukuthi, uBukhosi, njalo nje, kuhlala kungqubuzana nohlelo lukaHulumeni olubizwa ‘ngentando yeningi’. Izinhlelo zikaHulumeni, eziningi, zisalandela inqubomgomo yakoNgcindezi. Kuncane okushintshile okuhambisana nenqubo yoBukhosi bendabko.  Ngisho uMthethosisekelo wezwe uqobo awunikezi isithunzi esifanelekileyo uBukhosi. AMakhosi asaphethwe njengoba imibuso eminingi yamaKoloni yayiwaphethe. Indlela yokuphatha yakoNgcindezi isabukelaphansi ubuqotho nesithunzi soBukhosi bendabuko. Yisimo lesi, abaningi bethu, abangasemukeli ngoba uBukhosi buyithi, thina siwuBukhosi. Noma yini enyemfisa uBukhosi inyemfisa thina boHlanga. UBukhosi bungaphezu kwayoyonke into elethwa uHulumeni, bungaphezulu ngisho nakwezepolitiki uqobo, ngoba yibo obuthwele intando yombuso waseZulwini. Ubuntu nenhlonipho yimithetho yaseZulwini.

Mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuba aboHlanga baxukuzwe imiqondo, bavuke emaqandeni, bafundiswe ukubaluleka koBukhosi kanye naMakhosi, ukuze nawo aMakhosi afundiswe uBukhosi, abuqonde, futhi abuhloniphe ngaphambi kokuba kuhlonishwe uquqaba. Ngeke abantu babuhloniphe uBukhosi uma aMakhosi engazihloniphi futhi engabuhloniphi uBukhosi. Abantu babukela eMakhosini ngoba phela aMakhosi angabaholi bezizwe. Abantu babukela eMakhosini ngoba phela kukhona kubantu bakithi ukuthi uBukhosi obaseZulwini. Yikho kanye lokhu okwenza ukuba uBukhosi buhlonishwe ngoba buyimvelo yaseZulwini, badalwa nguMvelinqangi. Okusalayo ukuthi aMakhosi ayakwazi yini lokho, uma ekwazi, pho kusuke sokwenzenjani sibona amanye aMakhosi ehudulela phansi uBukhosi bawo?.

Ngisayibhoxongwana lomfana, ngangike ngizwe kuthiwa kukhona isikole samadodana aMakhosi. Angazi noma sisekhona yini, uma sikhona sisebenza kanjani? Uma sesingasekho, saqedwa ubani? Uma sesingasekho, yini ebanga ukuthi ungabikhona umcabango wokuthi sivuswe?. Ngibuza lokhu ngoba, amadodana eZingonyama zaseKhemethe nawo ayenesikole sawo, lapho ayefundiswa khona uBukhosi noBuzwe. Yinto endala le ukuthi kubekhona isikole samadodana aMakhosi. Uma sifuna uBukhosi bendabuko bubuye, ngenye yezinto lezi ezidinga ukuthi zibuyiswe ngokushesha. Uma sikhuluma nge ‘African Renaissance’ yiyo kanye le. Mazibuye emasisweni! Kodwa ngeke sakwazi ukwakha uBukhosi bendabuko obunqala uma singakahlali phansi sibonisaneni ukuthi inqubo yentando yeningi yasentshonalanga kanye nenqubo yentando yeningi yase-Afrika zithelelana kanjani amanzi, zisebenza kanjani ndawonye ukuze kubekhona ukuhlalisana okuhle okunenhlonipho. Uma lezi zinhlelo zisabukana ngeziqu zamehlo, khohlwa! Enye yezimbangela zokuthi abantu baphelelwe unembeza, bantshontshe imali, benze yonke inkohlakalo, njengoba sibona nje kwenzeka ezweni lethu, ukuthi abusahlonishwa uBuntu, ayisekho inhlonipho. Futhi akukho namizamo yokuthi isizukulwane esizayo sithole indlela yokufundiswa ngoBuntu noBukhosi. Nemfundo yezwe, nabahleli bemfundo yezwe, abacabangi ukuthi kubuyiswe izifundo zoBuntu ezikolweni. 

See Also

Okucatshangwayo ukuthi kufundiswe izingane imfundo yasentshonalanga ezokwazi ukuthi ingane ithole umsebenzi kuphela, ukuze kutholakale isinkwa neyambazana. Sithola imfundo esenza sibe zicelankobe kuphela, sikwazi ‘ukuveteza’ isilungu ngaphezu komlungu. Asinalo uhlobo lwemfundo lokwakha umphefumulo noBuntu bengane. Yisimo lesi esize sidale ukuthi uzwe umuntu ethi ‘Wo hhe, laf’elihle kakhulu, lasala nobunja’.

  UMnu uMfuniselwa Bhengu, ungumbhali noMshicileli wezincwadi

Scroll To Top