Now Reading
UNdunankulu we-Israel uyaliphika elenkohlakalo
Dark Light

UNdunankulu we-Israel uyaliphika elenkohlakalo

Lilokhu limlandele njalo ifu lenkohlakalo uNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu. NgoMsombuluko uvele phambi kukamehluleli enkantolo yaseJerusalem wathi uyaziphika zonke izinsolo ezibhekiswe kuye zenkohlakalo. Kube khona ukukhala kwabathize ngokuziphatha kwakhe kulokhu kuvela njengoba elishiye liphakathi icala futhi ezihambela yedwa engaphelezelwa lungu lomndeni okanye lesigungu sombuso. 

Kulezi zinsolo uNetanyahu unombono wokuthi ziyindlela yokuzama ukumketula. NgeSonto, ekhasini lakhe kuFacebook uthe: “Wonke umuntu uyabona ukuthi ngiyazingelwa, lena imizamo yokuketula uNdunankulu ongekho buthaka”. Amacala abhekene nawo ngelokungathembeki nokufumbathisa abezindaba ukuze bakhulume kahle ngaye bese benyundulula amahlazo ezimbangi. 

Leli cala kwakumele lihlale zili-13 kuMasingana kodwa ngenxa yomthetho wemvalelwakhaya ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe  libe selihlehlela uMsombuluko wesibili kuNhlolanja. Okuvumele ukuhlala kwaleli cala uhlelo lokugoma laleli lizwe eselituswe ngabaningi njengelisheshayo nelinomthelela obonakalayo. UNetanyahu unguNdunankulu wokuqala kwa-Israel ukumangalelwa esesesihlalweni sombuso. 

Leli cala lifika ngesikhathi lapho i-Israel ilungiselela ukhetho lokukhetha ubuholi obusha zingama-23 kuNdasa kulandela ukunqamuka kobudlelwano bokusebenzisana nokwakha uhulumeni phakathi kweqembu likaNetanyahu iLikud neBlue and White kaMnu uBenny Gantz. 

Lolu khetho luzobe lungolwesine eminyakeni emine ngenxa yokwehluleka kwamaqembu ukunqoba ukhetho ngamavoti angaphezu kwama-51%. 

UNetanyahu uhlose ukuqhubeka kwesobuNdunankulu okuyobe kuyihlandla lesikhombisa elokuqala elaba ngowe-1996 kuya kowe-1999 kanti kusukela ngowezi-2009 okuze kube manje nguye osasibambile lesi sikhundla. 

Kulolu khetho lwakulo nyaka akulindelekile ukuthi uNetanyahu angabuyi njengoNdunankulu. Lokhu kungoba uvele umkhankaso wakhe wokhetho usuhamba kahle kulandela izimo ezithize ezimvunayo. Isimo sokuqala ukhuvethe. 

Amazwe amaningi adidekile ngokuthi azoyenzenjani eyokhuvethe kulandela indida ngemigomo yawo. Isibonelo, inhlangano yamazwe ase-Europe i-European Union ibamba iyayeka ayazi ukuthi isebenzise i-Oxford-AstraZeneca okanye iSputnik V yaseRussia kulandela imibiko ephikisanayo ngomthelela wayo. Nansi neNingizimu Afrika isikumisile ukugoma ngenxa yobuthuntu bomgomo i-AstraZeneca nokubikwa ukuthi uzophelelwa isikhathi kungekudala. I-Israel yona yaphuthuma yagoma abantu kusukela ngoZibandlela wanyakenye okuhloswe ukuthi kube sekuphothuliwe ekupheleni kukaNdasa. Lokhu akungabazeki ukuthi kuyingxenye yomkhankaso kaNetanyahu kwazise inhloso yakhe ukwenza abantu bakwa-Israel bangakwazi ukucabanga ikusasa ngaphandle kwakhe. 

Ngaphezu kwalokhu uNgqongqoshe Wezempilo oyilungu leLikud, uMnu uYuli Edelstein, akakufihli ukuthi bahlose ukubancisha abantu basePalestine lo mgomo wokhuvethe. 

See Also

Iqembu iLikud linobudlelwano obungebuhle nabantu basePalestine abasakhala ezimathonsi ngokuhlwithwa umhlaba i-Israel okwabashiya neqeqebana lomhlaba eliseWest Bank, nakhona i-Israel esiqalile ukuyincunza, neGaza. Ukuncisha abasePalestine umgomo wokhuvethe kuwumkhankaso omuhle kuNetanyahu neLikud kwazise inkulu inzondo kubantu bakwa-Israel ngabantu basePalestine. 

Mhlawumbe isimo ezimvuna kakhulu uNetanyahu kulolu khetho ukungena kukaMnu uJoseph Biden Jr kwesobuMengameli e-United States of America (USA). Laba bobabili abanabo ubudlelwano obuhle kusukela uBiden eseyisekela kuMnu uBarack Obama. 

Okwabaqhatha ukusayindwa kwesivumelano iJoint Comprehensive Plan of Action phakathi kwe-Iran ne-USA ngenhloso yokunxenxa i-Iran ukuthi ingasebenzisi ubuchwepheshe benuzi ukwakha izikhali khona kuzohoxiswa uhlelo lonswinyomnotho. 

UNetanyahu wabona lesi sivumelwano sibeka engcupheni izwe lakhe okwaholela ekutheni bube muncu ubudlelwano bakhe noHulumeni ka-Obama. Kulindeleke ukuthi uNetanyahu aqhakambise ukubuya kukaBiden njengokukhishwa inyumbazane kwe-Israel okuyinto eyamsebenzela okhethweni lwangowezi-2015. Ngaphandle kokuboshwa, akungabazeki ukuthi uNetanyahu uzoqhubeka kwesobuNdunankulu. 

Scroll To Top