Iqala phansi imidlalo yelomnqakiswano
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ekuqaleni kukaMasingana nonyaka inhlangano ephethe umdlalo womnqakiswano kuleli iNetball South Africa (NSA), yamemezela ukuthi iyimise yonke into ebandakanya lo mdlalo ngenxa yokhuvethe.
Kodwa izinto ziguqukile nokuyinto efuze engabe ibajabulise kakhulu abantu abazibandakanya nalo mdlalo. Maphakathi nesonto kuvele izindaba ezithi lo mdlalo uzobuyela enkundleni.
“Isinqumo sokuqalisa kabusha imidlalo yeNetball besingelula ngoba sisephakathi nobhubhane futhi bekudingeka ukuthi siqaphele ukuthi sizokwenza kanjani izinto ukuya phambili. Lokhu bekuyisenzo sokulinganisela ngoba ukhiye ohlwini lwethu lwezinto eziseqhulwini ukuqinisekisa ukuthi silonda impilo yabo bonke ababamba iqhaza ukuze kubuye lo mdlalo esiwuthandayo. Njengesigungu esiphezulu sibeke izindlela esizosebenza ngazo sikwazi ukuqinisekisa ukuthi sivikela impilo yawo wonke umuntu,”kusho uNks uCecilia Molokwane, onguMengameli weNSA.
Umqhudelwano wokuqala kuzoba oweSpar Challenge obekumele ube ngoMasingana. Amaqembu azobe edlala kulo mqhudelwano iSpar Proteas, iSA President XII, iqembu lesizwe labaneminyaka engama-21, elesizwe lase-Uganda neNamibia esazokuqinisekisa ukuza kwayo kuleli.
ISpar Challenge izodlalwa ngaphansi kwemigomo kaHulumeni, bonke abadlali abazodlala bazobe behlolelwe ukhuvethe.
Lo mqhudelwano uzobanjelwa eCape Town kusukela mhla zingama-24 kuya zingama-31 kuMbasa. Uzoqala ngaphambi kokuthi kube khona ikhempu yangaphambi kokuziqeqesha ezokuba mhla zili-19 kuya mhla zingama-23 kuMbasa.
Okunye okugqamile ngesikhathi ekhuluma uNks uMolokwane ukuveza ukuthi iCape Town izokuba ikhaya leNetball kule minyaka emithathu elandelayo kuze kube kudlalwa iNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka wezi-2023 ezobanjelwa kuleli khona eCape Town.
INSA iphinde yakhuthaza amaqembu amancane ukuba aqale kabusha ukuqeqesha nokusingatha imitholampilo yokuqeqesha. Aphinde athumele uhlelo lwawo lokunciphisa ubungozi emahhovisi eNSA ukuze avunyelwe ukuba akwazi ukubuyela enkundleni. Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ulandela imithetho nemigomo kaHulumeni.
Amaqembu iSpar Proteas neSA Presindent X11 amemezela izikwati zawo ngoZibandlela nyakenye.
Obhekwe kakhulu ukuthi amemezele iqembu lakhe uDkt u-Elsjie Jordaan ongumqeqeshi weSpar Baby Proteas. Uzobe esebenzisa lo mqhudelwano ukuthola iqembu eliqinile elizomela elakuleli emqhudelwaneni obizwa nge-Under 21 World Youth Cup ozokuba seFiji ekupheleni konyaka.
UMike Prentice osesikhundleni esiphezulu kwaSpar exhase iNetball kuleli uthe: “Siyajabula kakhulu ukuthi kufikwe esivumelwaneni sokuthi kubuyiswe imidlalo. Sethemba ukuthi konke kuzohamba kahle kulo mqhudelwano, sifisela wonke amaqembu azokuba yingxenye yomqhudelwano izilokotho ezinhle. Sibonga uMnyango Wezemidlalo, abeNSA kanye nabaphathi baseCape Town ukusivumela ukuthi basingathe imidlalo yeNetball.”