Impendulo yimpendulo noma ingavumi



UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
Kukhona iphutha elihlale lenzeka lapha phandle. Cishe lenziwa ngabantu bazo zonke izinkolo ngisho nalapha kwezesintu. Leli yiphutha lokuba abantu nxa becela bamukele uhlangothi olulodwa lwempendulo – lolo olusuke luvuna yena umuntu.
Isibonelo nje kulezi zinsuku ngesabantu abathandaza ngezindlela ezahlukene benxusa uMdali ukuba angenelele njengoba abantu befa ubuthaphuthaphu nje. Ukunxusa uMdali nabadala ukuba banxuse uMdali akulona iphutha, empeleni yinto ekade yabe yenziwa ngaboHlanga. Endulo kwakuba khona izikhathi zokushweleza emndenini nasesizweni. Babe khuphuka abadala esizweni baye entabeni, zikhuphuke izintombi ziyocela imvula khona entabeni.
Babe buthana abantu ezimpophomeni nasemifuleni benxusa. Babekhona abazila ukudla nokunye ngakho belu ukulandela inqubo umuntu akholelwa kuyo. Nalapha ekhaya, emzini wasekuthini kwakuba khona indlela yokushweleza kuzo izidalwa zalapha ekhaya. Kepha kukho konke lokhu kwabe kukhona into eyabe imqoka nesengibona sengathi kayisenzeki kukho.
Umuntu owabe eyoshweleza kwakumele alunge futhi azilungiselele ukuyobika nokuyoshweleza. Abanye babeze bagonqe bazile konke bezilungiselela. Umuntu wayeya lapha elindele zonke izimpendulo, enhle noma ebukeka ilukhuni noma elula.
Isibonelo nje nxa kuyoshwezwa ngoba nali ikhehla lapha ekhaya selixinekile, ababenza njalo babazi ukuthi kungenzeka impendulo ngekhehla ithi liyagoduka lendele koyise mkhulu noma seliyowuphosa umbalane.
Ngezikhathi zokhuvethe siyabuka futhi siyezwa abantu sebephenduke izinto abangezona nabangakazilungeli. Wonke umuntu useyathandaza kuMvelinqangi, uyashweleza kwabafa bengafi. Umbuzo ngalaba bantu yikuthi ngabe bacela bashweleze nje bazilungiselele yini ukuthola impendulo okungenzeka ukuthi iyaphikisana nalokhu abakufisayo nabakunxusayo? Uma ithi impendulo iva elisihlabile okulukhuvethe isilonda sisazobhibha lokho kuyokwamukeleka yini noma kuyohunyushwa njengokwehluleka kwemithandazo yabantu?
Engizama ukukusho lapha wukuthi asingadlali, asithi uma senza into siyenze ngokweqiniso. Sizilungiselele nathi ukuthi ekuceleni kwethu kungenzeka impendulo ibe ngokunye. Uma kunjalo futhi asingayeki ukuqhubeka nokunxusa ngoba ezinye izinto ezenzeka kithi zibuke aziwubuhlungu nje kepha ziyizifundo nokuphenyeka kwekhasi elisha.
Ngalolu khuvethe nje ngelinye ilanga siyoxoxa ngalo, sikhomba izibazi esinazo ngalo kepha konke kuyobe sekwedlule, seyiphendulekile imithandazo yethu, umehluko kungenzeka ukuthi impendulo ifikele esinye isizukulwane nalokho kungelona iphutha.
Qhubeka-ke wena woHlanga ushweleze, ukhuleke kepha wamukele ukuthi impendulo kungenzeka ingabi ngeyesikhathi sakho kepha ibe yimpendulo yezizukulwane – Thokoza !