Imigwaqo eqanjwe ngamagama aMakhosi naBantwana


UMagema Magwaza Fuze wayengumbhali owayezalwe ngowe-1840. Wasintongelisa ngefagugu, ngefamlando lencwadi yakhe yangowe-1922 ethi: “Abantu Abamnyama Lapho Bavela Ngakhona”. Sekwakleza abaningi kuyona. Akuyona inzwabethi ukuthi uFuze wayesekhona ngesikhathi seNgonyama uMpande, uCetshwayo, uDinuzulu noPhumuzana.
Yabe isibhalwa, yahlelwa ngolimi lwesiNgisi ngokuthi: “The Black People and Whence They Came” nguHarry Camp Lugg owayesazi isiZulu noSolwazi uTrevor Cope owayeyiNhloko eMnyangweni Wolimi lwesiZulu Nowezincwadi e-University of Natal kusukela ngowe-1974 kuya kowe-1984.
Ngaba nale ncwadi ngowe-1986. Ngaklezisisisa ukuhlobana kwamagama emigwaqo KwaMashu nokunye ngenkathi yamanje. Njengoba sekwaqanjwa kabusha eminye imigwaqo ezweni, kusukela ngowe-1996 nangowezi-2008. Kwabasemqoka ukungagodli ulwazi kwazise ngangingenabanga emakhasini anduleleyo ngesihloko esithi “Amagama Ezigceme KwaMashu Axoxindaba”. Ngangicakule ngamagama ezigceme KwaMashu, ngokwamaqoqo nangamakilabhu. Ngangikususele mhlazane aboHlanga behlaliswa KwaMashu ngowe-1958 kugcine ngowe-1969 ngesigceme kwaM. Ngaphinda ngacakula esilulwini somlando ngamagama emigwaqo yakwa-E, okuthiwa iseMakhosini nawasemigwaqeni kwa-G okuthiwa iseMabuthweni.
Ngichoma uphaphe lwegwalagwala izinjulabuchopho ngobuciko obungeyiwa bokuqamba amagama emigwaqo KwaMashu. Ngicabanga ukuthi okunye zazikususele encwadini kaMagema. Isishozi ngoba aligcinekanga ifagugu, ifamlando lalezi zinjulabuchopho ukuthi kwakungobani. Ekubeni sekwaqanjwa amagama emigwaqo ngale ndlela ngamanye amalokishi nakwezinye izindawo yize kungefani.
UMagema Fuze wasincindisa ekhasini lama-55 ngoMzilikazi wakwaKhumalo. Owayeliqhawe, umkhuzi webutho kusabusa iLembe. Wahlamuka iLembe wayozinza eMashonaland, esibizwa ngeZimbabwe. Sinomgwaqo uMzilikazi ngakubo kaVusi ‘uMkhomikhi’ noMbhekeni Amos Phoswa owayengumdlali wamaJeke i-Union Jack FC akwa-E.
Kwaqambeka isizwe samaNdebele eZimbabwe esiyimvelaphi yaKwaZulu. Phambilini umnewami u-Andries Mbhekwa Khunzi uShabba, wangicakulisa ngamaShona ukuthi ayehluleka ukuphimisa ukuthi amaZulu, ayethi amaZezuru. AmaZezuru ayingxenye yamaShona.
Kunomgwaqo uDingiswayo owaqanjwa ngoDingiswayo owayeyiNkosi yakwaMthethwa. Ekhasini lama-69, sifunda ukuthi wabeka iNgonyama uShaka kaSenzangakhona eSihlalweni, ineminyaka engama-30 yobudala.
Sinomgwaqo uManyosi ngakwababa uMagwaza, kwa-R2.00, osonta eChibini. Ngakubo kaDumisani Mthembu, umdayisi ozimele. Ekhasini lama-92 nelama-93, sifunda ngoManyosi wasemaMbatheni owayehlonishwa, owayeliciko elaliqamba amahubo nokunye nowayedla imbuzi yedwa nomhluzi wayo. Wahlubuka uDingane benoMpande ngesikhathi kugqabuka igoda. UDingane wamqalekisa wathi; ‘Sobohla Manyosi’. UManyosi wazala indodana wayiqamba uSobohla.
Sifunde ekhasini le-101 ngeNgonyama uMpande ngokuqamba amabutho. Elinye kwakungamaMboza uThulwana elalinaBantwana uCetshwayo, uMbuyazwe, uSitheku, uHhamu nabanye.
Kwaqanjwa umgwaqo ngoMbuyazwe, ongakwaNsimbi, owayedlalela iLeeds United yaseMakhehleni kwa-F. UMbuyazwe wayengahloniphi, wayenokuzikhukhumeza. Wayevunwa ngamaNgisi ekubeni yiNgonyama. UCetshwayo wayehlonipha nokwazisana, ekhonzwe nguZulu. Kwaba nomgwaqo uSitheku okwaqanjwa iSwimming Pool kwa-G ngokuthi Phikankani kaSitheku Zulu.
Kunomgwaqo uMnyamana ngakwababa u-Alfred Nokwe nokwakungakubo kwaNonhlanhla Madlala, esasifunda naye eBuhle ngowe-1971, ingakwababa uPhiri, no-Eric Ngidi oweyedlalela iZulu Royals osekunga-AmaZulu uSuthu.
UMnyamana wayenguNdunankulu kaCetshwayo nokaZulu. Bavikela iSihlalo nombuso kaZulu owawubumbene ngaphansi kukaCetshwayo ukuba ungahlakazwa ngabamhlophe. Ngokulandiswa kombhalo osekhasini le-115 nele-116, uMnyamana wayengukhokho kaMntwana uMangosuthu Buthelezi, onguNdunankulu weNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu nokaZulu.
Ekhasini le-119 sikha ngoSigananda wakwaShezi, abangadayisanga ngeNgonyama uCetshwayo kwabamhlophe icashe eNkandla. Manje aboHlanga basadayisana ngenxa yemali nemfundo. Yingakho kunomgwaqo uSigananda manje osekunguVusi Dlamini.
UZibhebhu wasusa wahlakaza ubumbano lukaZulu ehlangene nabamhlophe. Bahlasela, babulala izikhulu zikaZulu bashisa nesigodlo seNgonyama uCetshwayo oNdini, ngokombhalo ekhasini le- 125. Kwaqanjwa nomgwaqo ngoZibhebhu. Kungakubo kaPeter nangakwababa uMpinkulu Vilakazi owayelikhansela.
Kwaqanjwa imigwaqo ngoHhamu noSomkhele. Esifunda emakhasini le-128,129,130, ngoHhamu owabophisa aBantwana uNdabuko, uShingana noDinuzulu namanye aMakhosi okwakuyiNkosi uSomkhele kaMalanda kaVelane Mkhwanazi.
UMntwana uNdabuko wagwetshwa iminyaka eli-15, uShingana eli-12, uDinuzulu wagwetshwa iminyaka eyisi-8. Kwaboshwa neNkosi uSomkhele eyakhokhelwa ibheyili yisizwe sakwaMkhwanazi ngezinkomo ezingama-80.
Kunomgwaqo uNdabuko ngakwaNgidi owayenguthishomkhulu e-Ubuhle Higher Primary School, owathatha umhlalaphansi ngowe-1973.
Umgwaqo uMnyayiza ngakwaMandlakapheli. Ekhasini le-146, siklezisiwe ngeqhaza likaMnyayiza ekukhuliseni uPhumuzuzulu uSolomon, iSilo uDinuzulu sasidingisiwe ngamaNgisi.
Umgwaqo uSidiya, ngakwathisha uHlabisa owayenguthisha e-Isibonelo High School ngowe-1978, waba nguthishanhloko eNhlakanipho High School. Ungumakhelwane kaNhlanhla Maseko, esasifunda naye e-Isibonelo ngowe-1978, wayenguthisha ngowe-1985, nosewashona.
UMtubatuba okwaqanjwa idolobha uMtubatuba nomgwaqo ngakwaStanley Mngomezulu owayengumseshi ngowe-1984. Umgwaqo uMalandela okuwu-M21, wayengukhokho weLembe. Umgwaqo uNtombela kaMalandela ngakwaDu Ndlela esasithi “uMfanawephoyisa” sisafunda eZakhe.
Umgwaqo uDabulamanzi kaMpande wayengumkhuzi webutho eSandlwana. Umgwaqo uMabhoko kaMasiphula Ntshangase wazama ukunqanda ukufakwa kobuKhrestu. Kube umgwaqo uThimoni, abamhlophe bayihlakaza i-Afrika ngemfundo, ngemali nangobuKhrestu kunoguquko. Badlisa iNgonyama uCetshwayo ubuthi, yakhothama mhla ziyisi-8 kuNhlolanja ngowe-1884. Sisahlakazekile namanje.