Now Reading
Ulwazi lweqiniso lutholakala ekhaya nakubantu abadala
Dark Light

Ulwazi lweqiniso lutholakala ekhaya nakubantu abadala

Esikhathini lapha ulwazi luthe chithi saka, ngizithola ngiphendula abantu abasha abaningi mayelana nokubaluleka kokuba nomuntu ongumeluleki empilweni. Ingakho ngikubone kubalulekile ukuthi ngikucacise kubantu bakithi ababonakala bedukiswa izinto zesimanje ezenza bangakuboni ukubaluleka kokuba nomeluleki empilweni. 

Kuyiqiniso impela ukuthi ulwazi luningi kulezi zinsuku, lutholakala noma ngabe ikuphi futhi noma ngabe kunini. Omakhalekhukhwini besimanje abasaxhumanisi abantu kuphela kodwa uyakwazi ukubasebenzisa ukuthola nolwazi oludingayo. Kulezi zigatshana ezilandelayo ngifisa ukukhanyisela intsha yakithi ukuthi kungani ngithi indlela ibuzwa kwabaphambili.

Endulo okhokho babefana nemitapo yolwazi kubantu abasha kanye nakubantu jikelele. Bekuyibo abacobelela intsha ngolwazi ngoba ulwazi ababenalo babengalutholanga ezincwadini kuphela kodwa bekuwulwazi lwempilo abayiphilile. Iningi labantu lidukile lidukiswa izeluleko abazithole kumathelevishini bayeka ukubuza abantu abadala abaseduze nabo. 

Abanye badukiswe abalingani babo abangazi lutho ngempilo kwanabo. Angisho ukuthi esikubona kuthelevishini, esikufunda kumaphephandaba kanye nesikuzwa emisakazweni ngeke kwasifundisa kodwa ngithi kubalulekile ukuthi ube nomuntu omdala okwelulekayo futhi ongamethemba empilweni.

Ngiyazithanda izinkundla zokuxhumana futhi ngiyazisebenzisa kodwa azisiwo umthombo wolwazi engingalusebenzisa ukuthatha izinqumo ezizoguqula impilo yami. Intsha yakithi iyabhubha ngenxa yokubukela phansi abantu abadala. 

Intsha eningi seyathatha izeluleko kubantu engabazi ezinkundleni zokuxhumana kunokuhlala phansi nomuntu omdala ongakunika ulwazi olubanzi. Abantu abadala bangabonakala begugile futhi bengafundanga kodwa baseyiwo umtapo wolwazi oluningi lwempilo. Umzali ubengeke akuyise esikoleni ukuze ube yile nto oyiyo namuhla uma ubeyisilima. 

Ngokubona kwami ngibabona behlakaniphe ukwedlula wonke umuntu ngoba bakwazile ukukhiqiza odokotela bengafundanga futhi bengazi nokuthi yini kwabudokotela lobo. 

Ulwazi oluthola ku-inthanethi kanye nezeluleko eziqoshiwe ongazilalela akusoze kwashintsha ukuthi umuntu ongakukhombisa indlela kangcono yilona oyihambile futhi omaziyo. Uma ukhonjiswa ngumuntu indlela eya lapho oya khona akufani noma ukhonjiswa imishini yabelungu. 

Umuntu uyakwazi ukukutshela ngezinto odinga ukuziqaphela endleleni, okufaka phakathi ubugebengu, imishini yabelungu ebingeke ikutshele khona. Iphuzu engifisa ukuliveza ukuthi asibuyele empilweni eyayiphilwa okhokho bethu endulo, impilo yokumazi futhi neyokumhlonipha umuntu ophambili kunawe. 

Abantu abaphambili kunathi abangabi yizitha nathi futhi asisondele eduze nabo ukuze sincele ulwazi kubo.

Impilo yethu, ikakhulu intsha, ingaba nekusasa eliqhakazile uma singabuyela siyohlala phansi kwesihlahla nabantu abadala ukuze basisize silungise izinkinga esibhekene nazo. 

Ubaba ongizalayo engeluleka ngokubuya ekhaya wathi kubalulekile ngoba ilapho uzothola ulwazi olusha ozolusebenzisa lapho uyakhona. Ngiye ngithi uma sengikhulumile naye ngabeka izinkinga zama kuye aqhamuke nesisombululo. 

See Also

Okuye kungihlekise futhi kungimangaze ukuthi kwesinye isikhathi ngisuke ngikhuluma nangezinto zesimanje engingacabangi ukuthi angaba nolwazi ngakho kodwa uyakwazi ukungeluleka uma ngimnikeze isithombe esiphelele sento engikhuluma ngayo. 

Awukwazi ukuba umculi ungenaye umculi obukela nothatha kuye izeluleko ngendima yomculo. Uma ufuna ukuba yinto ethize empilweni udinga ukuthi uthole abantu abenza futhi abayileyo nto ofuna ukuba yiyo. 

Impilo Ibiza ukuzehlisa ukuze uthole impumelelo. Abaningi abashayisile empilweni, bashayise ngoba bebengafuni ukutshelwa kanye nokubuza indlela kwabaphambili. 

Abantu abaphambili ngempilo bavamisile ukwenza isikhathi benzele labo abazimisele ngempumelelo empilweni. Into ebalulekile ukuzehlisa ngoba impilo ayimile ngawe futhi awubalulekile ukwedlula wonke umuntu. 

Kungithathe isikhathi ukubona ukuthi izimpendulo zezinkinga esibhekene nazo zikhona futhi ziphambi kwethu ngaso sonke isikhathi. Into engicela uyenze ukuzibuza ukuthi ubani umuntu odlule kulobu bunzima kanye nenkinga obhekene nayo. 

Uma ekhona, hamba kuye ukuze akucobelele ukuthi wedlula kanjani futhi wathatha ziphi izinyathelo ukuze aphumelele. 

Scroll To Top