Ukuzenyeza kwezwekazi kungagcina kulifaka ezikweletini



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
“Abantu abangenalo ulwazi ngomlando wabo, imvelaphi namasiko abo kunjengesihlahla esingenampande,” lawa ngamazwi kaMarcus Garvey owayengowoHlanga owazalelwa eJamaica futhi engumholi wenhlangano yamaPan Africanist Movement.
Ukhuvethe eNingizimu Afrika lufike lwahlukanisa izakhamuzi phakathi ngenxa yokuthi kukhona ebezinenkolelo yokuthi lukhona luzoqeda ngezwe ezinye bezithi kalukho uhlelo nje lwabathize ukuqothula izizwe ngenxa yokufaka ubuchwepheshe besimanjemanje.
Kuzo futhi lezi zinkulumo kube nokuthi lokhu kugadla kokhuvethe kuvikelwa kanjani noma lona uqobo luqedwa kanjani.
E-Afrika nakhona luphinde lwahlukanisa abantu njengoba kukhona amazwe angaphansi kwemvalelwakhaya kepha kukhona amanye angakholelwa ukuthi lukhona okuyiTanzania lapho emasontweni adlule uMengameli wakuleli lizwe, uJohn Magufuli (osesithombeni), ethe izwe lakhe aliyidingi imvalelwakhaya ngoba uMvelinqangi uzobavikela abantu balo futhi imishanguzo yemvelo efana nokugquma ingcono kunemithi yokugoma eyingozi yangaphandle kwaleli lizwe.
Lokhu kube ukuphikisa okuqondile koluleko oluqhamuka enhlanganweni iWHO.
UHulumeni kaMagufuli bewungalunaki kakhulu udaba lokufakwa kwezifonyo kanye nokuqhelelana kwabantu. Leli lizwe lagcina ukukhipha izibalo zokhuvethe phakathi nowezi-2020 “Imigomo ayikho mihle. Ukube mihle ngabe abelungu sebawukhipha umuthi wokugomela ingculaza nesandulela ngculaza,” kusho uMagufuli ngesikhathi evula ipulazi esifundeni sakubo esisentshonalanga. Lokhu kubeka ngokucacile ukuthi imibono ngokhuvethe kanye nomgomo yokhuvethe ihlukile ezwenikazi.
Imizamo yaqhamuka kuHulumeni yokufaka izwe ngaphansi kwemvalelwakhaya ecishe isondela kunyaka yafakwa kulokhu kushintsha ukuqina kwayo.
Ngaleso sikhathi konke lokhu kwenzeka kwemvalelwakhaya amazwe amaningi amisa ukuxabana kwawo aqondana nesitha esiwukhuvethe ngokuthi azame indlela yokubangula leli va ngokuthola umuthi wokugomela ukhuvethe.
Iqiniso lekhambi lokugomela ukhuvethe ukuthi seliphenduke cishe indlela yokwenza imali noma ukuthola ithonya phezu kwamanye amazwe kepha indlela eya ekutholeni leli khambi iphinde yakhombisa ukwethembela kakhulu kwamazwe ase-Afrika emazweni angaphandle.
Lokhu kokwethembela kwe-Afrika kubonakala ngokuthi leli lizwekazi linemvelaphi nemuva elikholelwa kakhulu kubalaphi bendabuko kodwa kuthe kufika lolu bhubhane akekho uhulumeni osondele ngakubo kepha ohulumeni bangene indlela bayocela amakhambi emazweni angaphandle kanye nezinhlangano zakhona. Ukulahlwa kwabelaphi bendabuko kanye nemithi yomdabu kubonakale ngisho sekunenhlansi yethemba ukuthi ukhona umuthi ongagomela ukhuvethe khona e-Afrika, kwezwakala inhlangano ethize isithi cha leli khambi alihloliwe ngakho alelaphi, ngaleso sikhathi akubanga ngisho nezwe elilodwa lase-Afrika elithi cha. Thina siyakholelwa kokwethu. Sizoqhubeka senze uphenyo sibheke amanye akhetha nje ukuthula uma kukhulunywa ngekhambi lase-Afrika lomdabu kodwa kuthe uma sekuqhamuka ikhambi langaphandle asukuma amazwe ase-Afrika ayofuna izimali zokubolekwa ezinhlanganweni nasemabhange ukuze zizuze leli khambi. Iqiniso lithi yebo leli khambi elaqhamuka e-Afrika kungenzeka ukuthi lalingahloliwe ngokwanele noma lalingenawo amandla anele okulwa nokhuvethe. Kepha ubumbano lwe-Afrika ngenxa yalo yayizophoqa ukuthi kuqhutshekwe kubhekwe amanye amakhambi omdabu angase aqhamuke kubo abalaphi bendabuko ayengalunqoba ukhuvethe.
I-Afrika inqume ukukhipha nokuboleka izimali eziyokhokhwa yizizukulwane nezizukulwane ezizayo kunokwethemba lokhu yona eyikho, ukwethemba lokhu okwakuphilisa okhokho bayo.
Sikhuluma nje manje sekunenkulumo nesiqinisekisiwe yokuthi umgomo thizeni wase-India osufikile eNingizimu Afrika awunawo amandla okubhekana nalolu khuvethe lwaseNingizimu Afrika futhi uMnyango Wezempilo wezwe usuthole elinye elizoqhamuka eRussia okuliqiniso ukuthi ngalo mgomo ongasasebenzi iningi imali esisebenzile ngamafuphi esimoshekile ngoba asisekho isidingo sawo, kodwa futhi kuzoqhutshekwa kukhishwe enye imali yokuthola lo mgomo omusha waseRussia.
Lesi sithombe siqhubeka nokwandisa esokuthi i-Afrika iyazenyeza ngalokhu yona eyikho noma enakho.
Sizibiza ngezwe noma ngezwekazi eliziqhenyayo ngemvalaphi yalo kepha sibheke kwamanye amazwe engabe sisebenzisa esinakho okuyimvelo yezwekazi kanye nalokhu okwakuphilisa okhokho.