Now Reading
Aluputshukanga egumbini locwaningo ukhuvethe – WHO
Dark Light

Aluputshukanga egumbini locwaningo ukhuvethe – WHO

Ithimba lososayensi leWorld Health Organization (WHO) ebeliphenya umsuka wokhuvethe eChina likuchithile ukuthi igciwane laqubuka emva kokuputshuka egunjini lokucwaninga (laboratory) laseWuhan.

Liphothula umsebenzi walo kuleli sonto, leli thimba lithe kungenzeka ukuthi ukhuvethe lwangena kubantu lusuka ezilwaneni noma enyameni yasendle. Umholi wethimba lalaba ongoti bamazwe ngamazwe, uPeter Embarek, nongusosayensi wezokudla weWHO, wethule abakutholile kulolu phenyo oluthathe cishe inyanga yonke edolobheni iWuhan, bebambisene nososayensi baseChina.

“Esikutholile kukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi igciwane lalethwa esinye sezilwane, nokuyinto esadinga ukuthi iphenywe kabanzi,” kusho u-Embarek. Uthe umcabango wokuthi igciwane laputshuka egunjini lokucwaninga awukwazi ukuchaza ukuthi langena kanjani kubantu, ethi asikho isidingo sokuthi kwenziwe uphenyo ngalokho.

Kwaqubuka ukuqagula ngomsuka wokhuvethe ngonyaka odlule ngesikhathi abanye entshonalanga begxeka iChina ngokubhebhetheka kwalo. 

Abanye, okubalwa kubo naloyo owabe enguMengameli wase-USA, uDonald Trump, kanye naloyo obeNgungqongqoshe Wezangaphandle uMike Pompeo, basola ukuthi leli gciwane laputshuka esikhungweni esenza ucwaningo ngamagciwane eWuhan.

Phakathi kwezindawo ezihanjelwe ithimba labaphenyi beWHO kubalwa amagumbi okucwaninga, isikhungo iWuhan Institute of Virology kanye nemakethe edayisa izinhlanzi lapho kwatheleleka khona abantu abaningi kuqala.

U-Embarek uphinde wathi kungenzeka ukuthi igciwane langena eWuhan ngenyama egcinwa emafrijini ngoba ezinye izilwane ziyakwazi ukusingatha izinhlobonhlobo zamagciwane.

Izikhulu zezempilo eChina sezisho kaningana ukuthi zisola ukuthi igciwane litholakele enyameni ethile egcinwa emafrijini. Lokhu kuholele ekutheni kuvalwe ukudayiswa kwenyama ethile okubalwa nenhlanzi iSalmon ethengwa emazweni angaphandle.  

Abantu abasebenza eziqandisini bathathwa njengabanye balabo asebehlonzwe njengabasengozini yokutheleleka ngokhuvethe njengoba sekukhishwa imigomo yalo. 

Ithimba leWHO ebelenza uphenyo eWuhan belihlanganisa ochwepheshe abayishumi nesikhombisa abavela emazweni ahlukene futhi bemele imikhakha eyahlukene.

Latheleka eWuhan zili-14 kuMasingana ukuyoqala uphenyo ngomsuka wokhuvethe olwatholakala okokuqala kuleli dolobha elisenkabeni yaseChina ngoZibandlela wezi-2019.

Ucwaningo lwangaphambilini lwaveza ukuthi leli gciwane liyatholakala emalulwaneni nokuthi lolo hlobo luthi alufuze lona leli eselibhebhetheke kubantu lagcwala umhlaba. 

Ososayensi bathi abakutholile ophenyweni lwabo ukuthi lolu hlobo lwegciwane lisukela ezilwaneni, kodwa abakahlonzi ukuthi yisiphi.  

Kulo msebenzi wabo, u-Embarek uthe bacubungule imininingwane eyaqoqwa ososayensi baseChina kulezo ziguli zokuqala zaseWuhan khathi kuqubuka ubhubhane. 

Uthe ithimba lakhe alizange lithole bufakazi obuqinile obukhomba ukuthi ukhuvethe lwaqubuka eChina ngaphambi kukaZibandlela wezi-2019.

Uthi ngokufanayo ukuhlolwa kwezilwane kubhekwa leli gciwane ezingxenyeni ezahlukene ezweni, kubalwa nalezo ezifuywe emakhaya kanye nezasendle, akuzange kutholwe zinkomba zokuthi leli gciwane lisabalele ezilwaneni. 

“Isiphetho esifinyelele kuso ukuthi asitholanga bufakazi bokuqubuka kobhubhane nokungahlotshaniswa nokhuvethe ngaphambi kukaZibandlela wezi-2019 eWuhan noma kwenye indawo,” kusho u-Embarek.

ISikhulu Esiphezulu sezempilo eChina, uLiang Wannian, seKhomishini kazwelonke yezempilo besihola ithimba lakuleli lizwe. 

See Also

Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uLiang uthe ososayensi abayishumi nesikhombisa baseChina bachithe izinsuku ezingama-28 benza lolu phenyo nethimba leWHO eWuhan. 

Ubalule uhlelo olulandelwe uphenyo nalapho kucwaningwe khona imininingwane eminingi kubalwa namasampula ezilwane eziyizi-11,000. “Abukho ubufakazi obuveza ukuthi igciwane lafika kanjani emakethe yokudla kwasolwandle iHuanan,” kusho uLiang, egcizelela ukuthi igciwane latholakala kule makethe nakwezinye izindawo ngesikhathi esifanayo. 

Ngokuthola umsuka wokhuvethe ososayensi bethemba ukuthi lolo lwazi luzosiza ukuthi kuliwe kangcono nalolu bhubhane.

Sebengaphezulu kwezigidi eziyikhulu nesithupha abantu asebetholwe nokhuvethe kwathi abantu abayizigidi ezi-2.3 bashona kusukela lwaqubuka.

I-USA isizwakalise ukuwungabaza umphumela wophenyo lososayensi beWHO. Leli lizwe lithe ngeke liyamukele imiphumela ngaphambi kokuyiqinisekisa yona ngokwayo. Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina, uWang Wenbin, unxuse i-USA ukuthi ivumele ithimba leWHO ukuthi liyokwenza uphenyo olufanayo nakhona lokuthola umsuka wokhuvethe. 

Uthe uHulumeni waseChina ulweseke ngayo yonke indlela uphenyo lweWHO khathi lisebenza kuleli zwe. “Sethemba ukuthi amanye amazwe azolandela iChina nawo abeke phambili isayensi, azibandakanye emizamweni yomhlaba nakulona uphenyo lokuthola umsuka wokhuvethe,” kuqhuba uWang. 

Kusenjalo, iphephandaba lombuso lithe i-USA ayihloniphe isayensi ingagcini ngokusho ngomlomo nje. Lisole iWashington ngokulandela ezinyathelweni zikaTrump ngokuthi yenze udaba lokhuvethe ibhola lezepolitiki. 

“Ubuholi obusha e-USA buthathe izintambo ngaphansi kwesiqubulo esithi buhlonipha isayensi. Manje sebenza njengoba uTrump obephikisana nesayensi yeWHO,” kusho umbono weGlobal Times. 

Scroll To Top