UBiden uhlalelwe isinqumo esinzima nge-Afghanistan



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
I-United States of America (USA) ibhekene nesimo esiyindinda e-Afghanistan. Ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe baqala ngowe-1979 ngesikhathi i-Afghanistan ihlaselwa iSoviet Union ngenhloso yokuyigwinya nokuyisebenzisa njengesizinda sombutho wezempi ozolusa amazwe aseMiddle East.
Kulesi sehlo i-USA yafika njengabantu abazolekelela. Inkinga ngalokhu kwelekelela kwaba ukuthi i-USA yabona kuyithuba elihle ukuthi yakhe esayo isizinda sombutho wezempi kuleli lizwe okuyinto eyenza kube khona ukungahoshelani phakathi kwaleli lizwe nabantu base-Afghanistan.
Izinhlangano ezakhelwa ukulwa nokuzinza kwe-USA kuleli lizwe zakhishwa inyumbazane zabizwa ngamavukelambuso. Akuziqedanga amandla nokho lezi zinhlangano okumanje zisaqhubeka nokufaka ingcindezi ku-USA ukuthi iphume iphele e-Afghanistan.
Ukuphuma kwe-USA kuleli lizwe sekuyinto engasekho lula. Isizathu salokhu ukuthi sekukhona osomathuba abafana neTaliban ne-Al-Qaida esebefuna ukusebenzisa ithuba lokuhoxa kwe-USA njengesitebhiso sokubusa leli lizwe. Phakathi kwe-1996 kuya kowezi-2001 iTaliban yayiyiqembu elibusayo e-Afghanistan.
Ngale minyaka leli qembu lakhombisa isihluku esikhulu kwababengahambisani nenqubomgomo yalo. Leli qembu lifuna leli lizwe lilawulwe ngemigomo yenkolo yobuSulumane.
Kwababekukhonondela lokhu babejeziswa ngendlela eyathusa amazwe omhlaba. Inkinga enkulu ye-USA e-Afghanistan ukuthi indaba ayisekho kuphela ngokubuyisela izwe kubantu balo kodwa sekunosomathuba abafuna ukuphoqa imigomo yenkolo yobuSulumane kubona bonke abantu.
Kubalulekile ku-USA ukuthi ishiye i-Afghanistan iyile ndlela eyayifica iyiyo njengezwe elinozinzo kupolitiki nomnotho. Ukwehluleka ukwenza lokhu kuyalihleba leli lizwe emazweni omhlaba kuphinde kushiye inxeba izimbangi zayo ezifana neRussia, i-Iran neHezbollah yaseLebanon ezingangena ngalo ukuze nazo zifezekise izinhloso zazo.
Okukhulu ukuthi lezi zimbangi zinomlando wokusebenzisana.
I-USA ifuna ukuthi uma ishiya kube sekukhona uhulumeni wentando yeningi kodwa ongeyona iTaliban noma i-Al-Qaeda, lo hulumeni kube ngozovuna yona ngaphezu kwezimbangi zawo. Ukwehluleka ukwenza lokhu yikho okusahlalise i-USA e-Afghanistan. UHulumeni kaMnu uDonald Trump wazama wehluleka ukuhoxisa wonke umbutho kuleli lizwe. Akakwazi ukukwenza uTrump ukuthi anciphise amasosha alo mbutho kwayizi-5 000 uye kwayizi-2 500.
Isithembiso sakhe kwakuwukuthi uma enqoba ukhetho lwangoLwezi nyakenye uzowuhoxisa wonke umbutho kuleli lizwe. Nokho lokhu akubange kusenzeka ngoba kulolo khetho waguqiswa uMnu uJoseph Robinette Biden Jr (osesithombeni).
Ingcabha isisele kuye uBiden ukuthi ahoxise wonke lo mbutho kodwa inkinga naye azobhekana nayo yiyo lena yokuthi uzovimbela kanjani ukuthi amandla ombuso angasale ethathwa iTaliban okanye kungenelele iRussia, iHezobollah okanye i-Iran ekulawuleni inqubomgomo yaleli lizwe. Ukhuvethe lumunike ithuba lokuyicashela le ndaba uBiden. Lo mkhuhlane ugasele wazimelela e-USA nokwenza ukuthi uBiden anake kakhulu izindaba zezwe lakhe kuqala kunokunaka ezithinta amanye amazwe.
Nakhona uma esenaka ezamanye amazwe ikakhulukazi eMiddle East kulindeleke ukuthi aqale ngamazwe afana ne-Israel, iQatar, i-Iran, iSaudi Arabia, i-United Arab Emirates (UAE) ne-Iraq nokuyinto okuyibeka emuva ohlwini lwamazwe aphuthumayo nabalulekile e-USA.
Nakuba kunjalo kodwa eyase-Afghanistan uzogcina eyinakile kanti okubhekiwe ngaye ukuthi acacise ngobudlelwano phakathi kwalawa mazwe omabili ukuthi ngabe uzoqhubeka lapho uTrump agcina khona ahoxise wonke umbutho wempi nokunganikeza ithuba iTaliban, iRussia, i-Iran neHezbollah lokugwamanda amandla ombuso okanye uzoqhubeka lapho agcina khona yena njengesekela likaMnu uBarack Obama ukuthi akhuphule isibalo sombutho ukuzama ukulawula inqubomgomo kuleli lizwe nokuzama ukuvalela izimbangi ukuthi zingangeni.