Now Reading
Igcine ikhululiwe intatheli ye-Al Jazeera
Dark Light

Igcine ikhululiwe intatheli ye-Al Jazeera

Iziphathimandla zase-Egypt ngeledlule zikhulule intatheli esebenzela i-Al Jazeera ebigcinwe esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala layo iminyaka engaphezu kwemine.

Lokhu kushiwo ngumfowabo uNagesh kanye nommeli wayo intatheli uTaher Abo al-Nasr ngesikhathi bekhuluma nabezindaba.  

UMnu uMahmoud Hussein, ongowase-Egypt, waboshwa ngoZibandlela wezi-2016 ngemuva kokufika edolobheni iCairo esuka edolobheni iDoha ngamacala okusabalalisa izindaba ezingamanga, ukujoyina iqembu elingavumelekile kanye nokuthola imali kwamanye amazwe.  

Ukhululwe ngemuva kokuthi amazwe iSaudi Arabia, i-United Arab Emirates, iBahrain kanye ne-Egypt ngoMasingana aba nesivumelwano sokulungisa ezokuhweba nezokuvakasha neQatar ngemuva kokuthi kube nezinkinga ngowezi-2017 lapho iQatar yayisolwa ngokwesekela ubushokobezi kodwa yona iyaphika.

Inkantolo yaseCairo iyalele ukuthi uHussein akhululwe kodwa ngaphansi “kohlelo lokucophelela” kusalindwe uphenyo lwangoNhlolanja. 

U-al-Nasr uthe abashushisi abayifakanga incwadi yokuphikisa isinqumo senkantolo njengoba benza esinqumweni esasifana ngowezi-2019. Ayisheshanga yacaca imibandela yokudedelwa kukaMahmoud kepha umnewabo uthe kungenzeka achithe amahora amaningi ngesonto esiteshini samaphoyisa.

I-Al Jazeera izamukelile izindaba zokukhululwa kwale ntatheli. “Ayikho intatheli okufanele ihlukumezeke ngendlela uMahmoud ahlukunyezwe ngayo kule minyaka emine edlule ngenxa yokulandela umsebenzi wakhe,” kusho i-Al- Jazeera kusizindalwebu sayo.

Ividiyo esatshalaliswe enkundleni yokuxhumana uFacebook eyenziwe nguNagesh iveze amalungu omndeni wale ntatheli nomakhelwane beyamukela beyiculela, beshaya nezigubhu endaweni eseduze neCairo.

See Also

Kuvela ukuthi i-Egypt ikhulule izintatheli ze-Al-Jazeera ezintathu okubalwa phakathi eyase-Australia, eCanada kanye neyase-Egypt ngowezi-2015 ngemuva kokuboshwa unyaka zilinde ukuqulwa kwecala lazo.

Ikomiti elivikela izintatheli lisole i-Egypt ngokubopha izintatheli ngendlela yokuzivala umlomo, laphinde lathi zingama-27 ebezisejele ngasekupheleni kowezi-2020.

Kepha iziphathimandla zakuleli lizwe zithe izinyathelo zomthetho zithathelwe labo abawuphulayo.

Scroll To Top