Now Reading
UZuma uthi sebeyomlanda kwelakubo, kalesabi ijele
Dark Light

UZuma uthi sebeyomlanda kwelakubo, kalesabi ijele


Bathi uMsholozi uyasukelwa


Angimsoli nakancane uMsholozi kulento ayishoyo. IKhomishini kaZondo indawo okwethulwa khona okwaziyo hhayi ukuphoswa uphekwe ngemibuzo njengoba besibona kwabakade bevelile ngaphambilini. Kodwa kuyamangaza ukuthi uma sekunguMsholozi konke lokho kuyaguquka, atshelwe ukuthi kufanele akhulume kanjani, aphekwe nangemibuzo engathi usenkantolo. Uma ezama ukuphakamisa ukungenami kwakhe abeKhomishini badinwe bagane unwabu. Kunabantu amagama abo avelile ebufakazini obuke bethulwa bezinsolo zenkohlakalo kuHulumeni owawuholwa uZuma okubalwa abafana noPaul Mashatile, uMantashe, uZizi Kodwa, uRamaphosa, uMbalula, uRupert, uRamos, uGigaba, u-Ace Magashule, uFaith Mutambi, uZweli Mkhize, indodakazi kaGordan, indodana kaRamaphosa neBosasa nabanye kodwa asikaze sizwe iKhomishini ibabiza.  UZuma ukukhombisa ukuthi akabaleki usebatshelile ukuthi bazomtholaphi. Impela angilona ilungu likaKhongolose nomlandeli kaZuma kodwa ngathi sebemphuza inyongo manje. Labo abahlezi bethi uMsholozi bayamthanda futhi bayemeseka sekuyiso isikhathi sokuba bakukhombise lokho ngoba angicabangi ukuthi ukhona umuntu ongavuma ebona umkhulu, ugogo, ubaba, umama, uninalume, ubhuti, udadewabo noma umntwana wakhe exhashazwa abantu ekhona yena ephila. – nguLihle Sothole

Siyohlala sikweseka Msholozi kumnyama kubovu. Ukhona oke wakhuluma izinkulumo ezithinte uRamaphosa ngabe ubufakazi bakhe wabuqeda kahle nje? Izinsolo akhuluma ngazo ezibheke kuRamaphosa ngabe zilandelwe ngendlela efanayo nakuMsholozi? Kanti eNingizimu Afrika sekunjani? Abomthetho nabezindaba kanti banjani sebeyitiye lakwaMkhize elikhetha abagcabile? – nguMbhasobhi Zwane

Bachaza ukuthini uma bethi uZuma akanalo nelilodwa Ilungelo, bayamphuca bachaza ukuthini ube umthetho waseNingizimu Afrika uthi ngisho isiboshwa sinelungelo uma bethi akanalo ilungelo lokuthula? Engabe kwake kwenzeka yini lokho phambilini? Okunye, yini lena abafuna ukuyibuza uZuma, kungabe icala alenza yini bengaliphenyi befuna yena abasize ukuze bezombopha? AbakuHulumeni wobandlululo babulala abantu wathi uMandela ubaxolele. EMarikana kuthinteka noRamaphosa babulala abantu abaningi kwaphela kanjalo kanti uZuma yini le ayenza? Kungabe baphoqwa ondlebe zikhanyilanga ukuthi bamgudluze ngoba sebezame izikhawana ukumbulala behluleka? – nguPhiwokuhle Pkz

Kuthi angithi ubaba uZuma engimthanda ukubhubha ubaleka neqiniso azolikhipha kugcine kubhidlike lonke iqembu i-ANC phakathi kwezikhulu eziphezulu. Ubaba uZuma wafica konakele waqhubeka lapho begcine khona abanye kwavele kwakubi kakhulu njengoba nakubaba uRamaphosa kusashubile. Namanje kuba nzima kakhulu futhi, noma ethi uzama ukuvala ngapha kuvuza ngala, kubi. – nguPrincess Dube

Ngiyafisa ukwazi kuthi kanti wenzani uZuma kangaka, nangu uRamaphosa ulokhu evela kodwa kuyanyamalala uZondo wathi kukhona osenokhuvethe ngoba ezwa indaba ngoRamaphosa kanti ngabe kwenzenjani eNingizimu Afrika? UMvikeli WoMphakathi wathi uma efuna ukukhipha amaphepha mayelana nemali eyatholwa uRamaphosa wagijima wayovimba enkantolo. Yini le ayeyifihla? Ngiyawakhumbula amazwi kaShaka athi: “Nibulala mina nje ngeke nilibuse leli lizwe lobuswa zinyoni zezulu.” – nguMusa Mdu Musa Mdu

UBaba uZuma wazi kahle ukuthi uma eboshwa indaba yeKhomishini yofana nefile ngoba ngaphandle kobufakazi bakhe ayilutho. Kuwukubheda lento eyashiwo iNkantolo YoMthethosisekelo yokumephuca ilungelo lakhe lokuthula angayiphenduli imibuzo. Kufana nokumnqumela ogodweni ekubeni kunoMr X noMiss K. – nguMdu Mdlophane


Bamfuna esitikini uZuma


UBaba siyamuhlonipha kodwa kwakungafanele nasekuqaleni avume ukusebenzela umphakathi ume engeke aphendule ngezenzo ezenzeke phansi kwehlo lakhe. Kumele ahloniphe abantu abamfaka esikhundleni. – nguSandile Mthimkhulu

Kanti uBaba uZuma usephethwe ukuguga noma kukhona abamkhohlisayo, yena akaye kuKhomishini aveze akwaziyo bese ephendula akwayizo, ilokho kuphela siyisizwe esifuna ukukuzwa. Sizomeseka uma kudlalwa ngaye kodwa okwamanje akaye sizwe uhlangothi lwakhe njengowayengumkhuzi noma ukaputeni womkhumbi kusabusa yena. Le nto ayiqondene naye kuphela, sisafuna ukubona uBaba uMbeki, uMaMlambo Ngcuka, nabanye ukuze sizothola lonke ithumba nomsuka walo. – nguLucky Mncane Dube

Akayophendula uMsholozi uma emsulwa asikho isidingo sokungayi phambi kweKhomishini kaZondo ngoba kukhona izinto ezimuthintayo okufanele aphendule yena kuzo. – nguSihle Nduna

See Also

Uyisikhohlakali nangu umuntu. Uma yena engaveli kuKhomishini kusho ukuthi asilingani uma kuyiwa kwezomthetho oZuma bakhulu bona. – nguSibusiso Radebe

Akunamuntu la onaye shaqa, akaye aveze ubumsulwa bakhe bazophuma kuye. Lo macashelana awudlalayo ngathi kukhona abaleka nakho. – nguZakhele Toto Nsele

Kumnandi ukuba nemali ukube ithina ngabe kudala saboshwa safakwa amasamanisi. Mntaka MaMzobe hamba uyohlanza igama lakho angithi uthi umsulwa. – nguSiyeza Siyeza

Usethi zinaye shaqa manje. Engani uyena owathi uzokhuluma abayeke ukumhlokoloza manje uma esenikwa ithuba lokukhuluma akasakwenzi lokho. Akakhulume-ke ithuba uselitholile. – nguBongekile Pititi Luthuli

Scroll To Top