Now Reading
Owomkhaya uqinisekisa elilodwa ukuqhubeka kuNedbank Cup
Dark Light

Owomkhaya uqinisekisa elilodwa ukuqhubeka kuNedbank Cup

Noma kungathiwa kwenzekani kweminye imidlalo ebandakanya amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal, kodwa likhona iqembu elilodwa elizodlulela esigabeni esilandelayo somqhudelwano iNedbank Cup. Lokho kwenziwa ukuthi amaqembu akulesi sifundazwe, AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows, azotholana phezulu esigabeni sokuqala salo mqhudelwano. 

Umdlalo wala maqembu uzokuba kusasa ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, uqala libumbene elesi-5 ntambama. Kuyinto engabuzwa ukuthi kuzoguga utshani kulo mdlalo, ngaphandle kokuthi la maqembu angomkhaya asefomini eyisimanga.

NgoLwesibili la maqembu adlalile emdlalweni yeDStv Premiership, iLamontville Golden Arrows inqobe ngamagoli amabili eqandeni avalelwe phakathi uPule Mmodi ngesikhathi ibhekene ne-Orlando Pirates. 

AmaZulu FC (uSuthu) wona abebhekane neBloemfontein Celtic nawo anqoba ngamagoli amane kwamathathu ashaywe uThapelo Xoki amabili, uSiyethemba Sithebe no-Augustine Mulenga.

ILamontville Golden Arrows kulogi isendaweni yesine, emva kwemidlalo eli-14 inamaphuzu angama-25, uSuthu lona lusendaweni yesi-7 ngamaphuzu angama-21 emva kwemidlalo eli-15.

ElaboHlanga likhulume nenjini ye-Arrows uThabani Zuke mayelana namalungiselelo alo mdlalo.

“Ukunqoba kwethu sibhekene nePirates ngicabanga ukuthi kuyisikhuthazi esikhulu kuthina, ngoba sizobhekana na-AmaZulu FC sizithemba kakhulu. Amalungiselelo alo mdlalo ahambe kahle kakhulu. Mina njengoba ngikhulele ezinkulisa ze-Arrows ngiyazi ukuthi umdlalo wethu na-AmaZulu FC uhlezi uba ngoshubile kwazise uqala ukudlala ngaphandle. Siyazwana kakhulu nabadlali bawo, kodwa kulokhu ukuzwana siyokubona emva komdlalo,” kusho uZuke odabuka kwaMakhutha.

Ebuzwa ukuthi yini imfihlo yabo eyenza benze kahle kuze kube yimanje uthe: “Ukuzwana ikhona engibona kunomthelela ekutheni sinqobe. Bonke abadlali bazimisele, basebenza kanzima ukulwela indawo yabo. Siyasekana singabadlali noma abanye bengekho eqenjini elizodlala kodwa bayafika ukuzoseseka.”

Abafana Bes’thende uma kungabhekwa imiphumela yakamumva nje, ibona abanqobe imidlalo eminingi uma la maqembu ebhekene. Emdlalweni weligi owawumhla zili-16 kuZibandlela nyakenye banqoba ngamagoli amabili eqandeni.

USuthu oluqeqeshwa uBenni McCarthy lunqobe imidlalo yeligi emithathu kulandelana, ludle iStellenbosch FC, iBaroka FC neCeltic. Lunqoba le midlalo nje lugabe ngoMulenga, uSithebe, uLuvuyo Memela, uSphelele Mthembu noBongi Ntuli.

Ebuzwa uZuke ukuthi imiphumela yakamuva yoSuthu ayibethusi yini uthe: “Akusethusi nhlobo wonke amaqembu ayafana kuthina alikho esingathi silithatha kancane. IPirates sidlale nayo iqeda ukwehlula iKaizer Chiefs, asiyesabanga sagcina siyehlula.”

UMcCarthy uthe ezakhe kuzomele zilungise amaphutha agcina edala ukuthi zingenelwe amagoli amaningi. Kanti uphinde washo ukuthi abadlali abangabonakalanga ngoLwesibili ingoba ubebaphumuzile. Kulabo badlali kukhona uNtuli, uMemela noXola Mlambo. 

See Also

Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup ihlelwe kanje:

Namuhla 

  • IPretoria Callies neRoyal AM, eLucas Moripe Stadium ngele-15:00
  • IMaritzburg United neSekhukhune United, eHarry Gwala Stadium ngele-17:00.

NgoMgqibelo

  • IJDR Stars nePretoria University FC, eGiant Stadium ngele-15:00
  • ITS Galaxy neTS Sporting, e-Emirates Airline Park ngele-15:00
  • I-Orlando Pirates no-Uthongathi FC, e-Orlando Stadium ngele-15:00
  • ICape Town City FC neBloemfontein Celtic, eCape Town Stadium ngele-17:00
  • ILamontville Golden Arrows na-AmaZulu FC, eSugar Ray Stadium ngele-17:00.

NgeSonto

  • IChippa United neFree State Stars,  eNelson Mandela Bay Stadium ngele-15:00
  • ISwallows neCape United, eVolkswagen Dobsonville Stadium ngele-15:00
  • IJomo Cosmos neBlack Leopards, eProfert Olen Park ngele-15:00
  • IKaizer Chiefs neRichards Bay, eFNB Stadium (Soccer City) ngele-17:00.

NgoMsombuluko

  • IBaroka FC neCape Town Spurs,  ePeter Mokaba Stadium ngele17:00.
Scroll To Top