Kulokhu ngeke siyihloniphe enkundleni iChiefs – uMtolo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngesikhathi kuqala isizini yangowezi-2020/2021 yeGladAfrica Championship, umqeqeshi weRichards Bay FC uSimo Dladla watshela elaboHlanga ukuthi leli qembu lizoba yingozi kakhulu.
Kubukeka kuya ngamagama enkehli njengoba leli qembu liyiqale kahle isizini. IRichards Bay FC kuyimanje ihlezi endaweni yesibili kulogi, emdlalweni eli-12 inqobe emihlanu, yadlala ngokulingana kwemihlanu, yahlulwa kwemibili inamaphuzu angama-20.
Leli qembu kule mpelasonto lizobhekisa amabombo eGoli lapho liyodlala khona umdlalo weNedbank Cup libhekene neqembu eligijma kuDStv Premiership iKaizer Chiefs.
INedbank Cup iyaziwa ukuthi ihlezi inezigameko eziningi ezishiya abalandeli bakanobhutshuzwayo bebambe ongezansi. IChiefs ingelinye la maqembu ake aba sematheni eminyakeni edlule ngawo lo mqhudelwano ngokuhlulwa ITS Galaxy kowamanqamu kanti eminyakeni edlule yahlulwa iBaroka FC womabili la maqembu ayedlala ezigabeni ezingezansi.
ElaboHlanga likhulume nokaputeni weBay FC uSphamandla “Spepe” Mtolo ukuzwa ukuthi bazizwa benjani njengoba bezobhekana neChiefs.
“Wonke umdlali ukhombisa ukuzimisela okuphindaphindiwe njengoba sizilungiselela lo mdlalo omkhulu kangaka. Wonke amaqembu amancane ahlezi ekufisa ukudlala neqembu elikhulu njengeChiefs, njengoba leli thuba silitholile siyalijabulela kakhulu,” kusho uMtolo.
IRichards Bay FC eteketiswa ngokuthi iNatal Rich Boys, emdlalweni wayo weligi odlule ibhaxabule kabuhlungu omakoti iBizana Mpondo Chiefs ngamagoli amane kwelilodwa. “Kuyasikhuthaza kakhulu ukuthi siya kulo mdlalo sinqobile. Sinqobe umdlalo wokuqala ekhaya, yinto ebesiyifisa kakhulu. Indlela esenze ngayo kulo mdlalo uma singaqhubeka ngayo iChiefs izozithola isenkingeni enkulu. Siyayihlonipha kakhulu, kodwa uma sesisenkundleni lokho kuzophela ngoba sizobe sisemsebenzini sonke,” usho kanje uMtolo.
UMtolo ujoyine iNatal Rich Boys ekuqaleni kwesizini esuka kuThongathi FC, ukusayina kwakhe kufana nokuthi uDladla ubambe ufishi omkhulu kwazise ngesikhathi eqeqesha iReal Kings wayemufuna uthuli lo mdlali oyibamba esiswini. “Kuyajabulisa kakhulu ukusebenza nalo mqeqeshi (uDladla), uhlezi esikhuthaza futhi indlela aqeqesha ngayo ikwenza uzethembe. Njengoba siya kulo mdlalo nje asitshele khona ukuthi sikhululeke senze noma yini kodwa ekugcineni uyafisa sinqobe,” kusho uMtolo obezwakala ukuthi uyazethemba.
ElaboHlanga limbuza ukuthi iNedbank Cup ngeke ibaphazamise yini kuligi uma kwenzeka bedlulela phambili, uthe: “Iqiniso lithi esikufisa kakhulu ukunqoba iligi kodwa esikwatini esinaso kugcwele amasosha angakwazi ukuthi ababambe bobabili labo nogwaja. Uma singanqobi sizogxila kuligi nakanjani esifuna ukuyinqoba,” kusho uMtolo ongowokudabuka kwaDukuza, eNkomongo.
UMtolo ufisa ukunqoba iligi nje ngesizini edlule edlala kuThongathi FC bahlulwe ukuyithatha ekubeni izinto zazibavuna.
“Namanje ngisezwa ngithunukala emoyeni uma kukhulunywa ngokwehluleka kwethu siwuThongathi FC ukuthatha iligi, sasinamathuba amaningi kodwa-ke ekugcineni kwangenzeka. Uma kungase kuthiwe sihlala esicongweni kule sizini neRichards Bay ngiyokwenza konke ukuqinisekisa ukuthi asisehli kuze kuphele isizini ngoba ngiyabazi ubuhlungu,” kusonga uMtolo.
Umdlalo weChiefs neRichards Bay FC uzokuba ngeSonto eFNB Stadium, ngehora lesi-3 ntambama.
Yize iChiefs isike yehlulwa amaqembu amancane kulo mqhudelwano kodwa umlando uveza ukuthi iyona esike yawunqoba kaningi izikhawu ezili-13.
Lo mqhudelwano ngaphambi kokuxhwaswa abakwaNedbank, uke wabizwa ngeLife Challenge Cup, iBenson & Hedges Trophy, iMainstay Cup, iBob Save Super Bowl kwaba i-Absa Cup.