Kabanzi ngamabhuku: Inqubo yokushicilela inemigudu



UZodwa Zondi ungumshicileli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter
Namuhla ngithanda sike sibheke ukuthi ukushicilelwa kwebhuku kuhamba kanjani. Liqhamuka sekuyibhuku nje, liguduze miphi imigudu. Angiyiveze le nkiyankiya ngeminxa emibili:
Okokuqala kulapho abashicileli bebona isidingo sokushicilela umkhiqizo othile; okungaba amanoveli, izinkondlo, izindaba ezimfushane, imidlalo noma kube imibhalo yabantwana.
Okwesibili kuba yilapho uMnyango Wezemfundo uguqula khona ikharikhulamu; lapha kuye kuthunyelwe abashicileli, baziswe ukuthi izoguquka ikharikhulamu. Banikezwe leyo entsha. Emva kwalokho-ke sebezoyicubungula abashicileli leyo kharikhulamu, bebheka ukuthi ifuna uhlobo olunjani lwemibhalo.
Kukhona kokubili osekubaliwe, abashicileli babe sebehlwaya, bafune ababhali abalulungele lolu hlobo lwemibhalo edingeka ngaleso sikhathi. Kuyintokozo ukwazi ukuthi ukuloba lokhu, yikhono eliqavile, abanye bazalwe nalo base beyalithuthukisa kanti abanye balithole esikoleni.
Abashicileli bazobe sebedweba uhlelo lwencwadi, banqume ukuthi leyo ncwadi izoba namakhasi amangaki, izoba ngakanani ubude nobukhulu bayo, banqume ukuthi kungabe izoba nezithombe ezino-inki wombala noma izoba nje nezithombe eziphuzi. Uma sebenqumile ngobunjalo bebhuku bazobe sebedweba isabelomali salo ibhuku lelo. Babheka ukuthi kuzobiza malini ukulenza, babheke ukuthi izokwenzeka yini inzuzo futhi izoba ngakanani.
Emva kwalokho ibhuku babe sebelibhalisa emtapweni wezincwadi jikelele ukuze bathole inombolo yalo, ebizwa ngokuthi yi-International Standard Book Number (ISBN). Imininingwane yebhuku izobe seyifakwa emqulwini kanye nababhali bayo, igcinwe. Ababhali bawuletha umsebenzi usesimweni esibizwa ngokuthi imanuscript. Ekufikeni kwemanuscript, umshicileli oqondene nalelo bhuku, uyobe eseyicubungula, ebheka ukuthi ngempela umbhali ukulandelile yini obekufunwa yikharikhulamu noma-ke okufunwe yinkampani.
Uma esenelisekile umshicileli, imanuscript leyo uyidlulisela kumhleli. Umsebenzi womhleli, ukubheka ukuthi imanuscript ibhaleke ngendlela efanele yencwadi na, noma ililungele yini izinga noma ibanga lalabo abazobe beyifunda. Ubheka izihlokwana ukuthi kungabe zonke zihlelwe kahle, abheke ifonti ukuthi iyalingana futhi iyefana lapho kufanele ifane khona na.
Uma umhleli aneliseka ngendlela ehlelwe ngayo incwadi, uyibuyisela kumshicileli, asho ukuthi uyaneliseka noma akhiphe iseluleko lapho kufanele kulungiswe khona.
Uma seyilungile imanuscript, umshicileli ube eseyifaka amalebula, avezayo ukuthi isihloko, noma umyalezo noma iteksthi egelezayo, noma imibuzo, noma isibonelo.
Zonke lezi zinto, uyobe eziveza obala ukuze abazosetha noma abadizayna ibhuku bakwenze kube sezingeni elilinganayo konke okufanayo encwadini. Emva kwaloko umshicileli uyithumela kumadizayna imanuscript.
Amadizayna
Laba benza ibhuku, belandela imiyalelo yomshicileli. Umzamo wokuqala uma umshicileli evumelana nawo, uyobe esethumela abadwebi, ebazisa nangemidwebo okufanele bayifake. Ubathumela lo mzamo wokuqala ukuze babone ukuthi umdwebo uzoma kanjani. Bazodweba, baqede bese imidwebo leyo ithunyelwe kulabo abadizayna ibhuku ukuze bafake imidwebo.
Abafundisisa incwadi
Uma seyifakiwe imidwebo, incwadi iyobe seyithunyelwa kulabo abazoyifunda, bebheka ukuthi awekho yini amaphutha. Uma sebenelisekile, incwadi iyobuyela kumshicileli, oyoyibheka okokugcina, uma esenelisekile, uyosayina phansi asho athi leli bhuku likulungele ukuphuma libonwe yisizwe.
Abagayi
Uma seliphelile ibhuku, umshicileli ulidlulisela kubagayi, ligaywe liphume seliyibhuku ngokulandela imininingwane ebeyihleliwe ukuthi lizoba amakhasi amangaki, imidwebo ibe yimibala enjani, ubungako balo ngobude nobubanzi.
Ukushicilela ngendlela yokusagesi (e-publishing)
Uma ibhuku lizotholakala ku-inthanethi lishicilelwa khona kusizindalwebu senkampani leyo. Kulapho kufakwa khona amavidiyo ahambisana nebhuku. Lenziwe libe nemibhalo okuxoxekayo ngayo.
Abashicileli bakwaShuter and Shooter baziqhayisa ngemikhiqizo yezilimi zabeNguni ezahlukahlukene, kukhona IsiZulu, IsiXhosa, IsiSwati, nesiNdebele. Zonke lezi zilimi zinabashicileli abaqondene nazo futhi abakhuluma zona.
UZodwa Zondi ungumshicileli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter