E-Afrika amasiko noBukhosi kuyahambisana


Uma amasiko endabuko (esintu) engumgogodla wobuholi bendabuko, isizwe sakithi saseNingizimu ne-Afrika, esizigqajayo ngoBuntu baso, siyaphoqeleka ukuhlonipha ubuholi bendabuko ngoba kunobudlelwane nokusebenzelana okujulile phakathi kwamasiko endabuko kanye nobuholi bendabuko
INHLONIPHO yobuholi bendabuko kwaqalwa ngezikhathi zawokhokho bethu basenhla nezwekazi i-Afrika, eGibithe, lapho uFaro kwakuba yiNgonyama bese kuba khona amakhosi ngaphansi kwayo ayephethe izwe kanye nosikompilo lwamaGibithe. Ngakhoke selokhu kwathi nhlo, ubuholi bendabuko yibo obusekela, buthuthukise, buphinde bandise ubumqoka nokubaluleka kwamasiko nobuciko emphakathini wayinoma yiliphi izwe e-Afrika.
Ngisuswa yingxoxo ebengiyilalele kweminye yemisakazo yesilungu yalapha eNingizimu Afrika lapho bekuxoxwa khona ngokubaluleka kobuholi bendabuko, nesidingo esikhulu sokuba uHulumeni wezwe lakithi athuthukise futhi asekele izizinda zamasiko nobuciko bendabuko.
Ngaphandle uma kukhona omunye umqondo nombono ophikisana nalokhu, kuyadingeka ukuba izizinda zamasiko nobuciko kwesintu sakithi kuthole ukwesekwa, hhayi uHulumeni kuphela, kodwa yiwo wonke umuntu ompisholo oziqhenyayo ngobu-Afrika bakhe njengomsinsi wokuzimilela wakuleli balazwe lase-Afrika.
Asingangeni empikiswaneni yezepolitiki, kungaba yishwa nehlazo uma thina bengabadi singaboni kuyinto ebalulekile ukusekela nokuthuthukisa ubuholi bendabuko kulesi sikhathi esiphila kuso, ngoba lokho kungasho ukuthi sisekela futhi sithuthukisa okwabezizwe. Uyancomeka kakhulu umsebenzi owenziwa uMnyango WezaMasiko NobuCiko kuleli lakithi, ezingeni eliphezulu likaHulumeni kanye nasemazingeni aphansi. Kodwa kusasekuningi okudingeka kwenziwe ukuguqula imiqondo yethu ukuze sikwazi ukubona ukubaluleka kwamasiko nobuciko kwethu.
Angiboni ukuthi izwekazi i-Afrika nomhlaba wonke jikelele ungasinika inhlonipho esiyifanele uma singahluleka ukuhlonipha amasiko ethu, kodwa sihloniphe amasiko nemikhuba kwakwezinye izizwe.
Zimbili izinto esibhekene eziqhudelanayo lapha: usiko lwase-Afrika nosiko lwaseNtshonalanga. Umbuzo ukuthi thina simephi kulokhu? Akudingekile ngisho ukubuwubuza lo mbuzo kodwa ngenxa yomlando wethu lapho amasiko esintu sakithi adicilelwa phansi, kwaguqulwa nokucabanga kwemiqondo yethu, kudingekile, ngiyacabanga, ukuthi siwubuze.
Inselelo esibhekene nayo, kulesi sikhathi sanamhlanje, ukungasimami kwamasiko endabuko yethu thina ma-Afrika, okuze kwadala nokuthi nobuholi bendabuko bungasimami kahle ngenxa yomlando wengcindezelo. Iqiniso lithi ubuholi bendabuko base-Afrika babukhona futhi buyisibusiso esikhulu kubantu bakithi, kodwa ngokufika kobandlululo, bashabalala.
Yingakho ke, abanye bakithi belwela ukuthi buvuselelwe kabusha, nangezinga eliphezulu, ubuholi bendabuko, okuyinto ehambisana ncimishi nokuthuthukisa amasiko esintu sabantu bakithi.
Ukukhululeka ngokomqondo kuyinto ebalulekile kakhulu e-Afrika, ikakhulukazi uma sikhuluma ngokubuyisa isithunzi somuntu ompisholo, ngoba ukwenza lokho kubuye kudinge ukuba silwe negciwane elafakwa ingcindezelo emiqondweni yethu, lapho satshelwa ukuthi kuhle okwezizwe ngaphezu kokwethu.
Lokhu esikubiza ngokuthi ‘ngukuzalwa kabusha kwe-Afrika’, kusho khona ukuhlonipha, nokwazisa, nokubuyela emasikweni nasebucikweni bendabubuko. Izwe lakithi laziwa kakhulu njengezwe eligqugquzela ukuzalwa kabusha kwe-Afrika, ngaphandle-ke uma ngokusho lokhu sisuke sisho izinto eziningi ezahlukeneyo. Kimina ukuzalwa kabusha kwe-Afrika, emveni kokucindezelwa nokubandlululwa, kusho ukubuyela emasikweni nasebucikweni bendabuko yethu. Kusho ukubuyisela ubuthina kithina.
Angizwa kahle uma kuzothi esikhathini esinjengalesi, sentando yeningi, bese kutholakala ukuthi izinhlaka zobuholi bendabuko, lapha kwelakithi lengabadi, azisekelwa ngokwezinga elifanele, nangendlela ezingakwazi ukuthi kuthuthuke ubuholi bendabuko.
- UMnu Mfuniselwa Bhengu ungumbhali wencwadi AmaZulu: Ancient Egyptian Origin