Oweqembu eliphikisayo e-Uganda ugqunywe endlini ngesikhathi sokhetho
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi weqembu elikhulu eliphikisayo e-Uganda uMnu uBobi Wine (osesithombeni) uthi amabutho agasele ekomkhulu leqembu lakhe ngoMsombuluko njengoba izisebenzi zalo zilungiselela ukuyophonsela inselelo imiphumela yokhetho olunqotshwe uMengameli uYoweri Museveni.
UWine obeboshelwe endlini ngesikhathi sokhetho uveze ukuthi abanye abaholi baleli qembu sebephila ngokubaleka.
“Amahhovisi eqembu lethu ahlaselwe ngezombutho kwakhishwa zonke izinto ezibalulekile. Wonke umuntu uyathungathwa,” kusho uWine ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
Okhulumela amaphoyisa uMnu uPatrick Onyango uthe kugaselwe ehhovisi leNational Unity Platform (NUP) ngenxa yezizathu zokuphepha kodwa akakhiphanga eminye iimininingwane ngalolu daba.
IKhomishini Yokhetho imemezele ukuthi uMuseveni unqobe ukhetho okuholele emibhikishweni ezindaweni ezimbili. UWine ongumculi wePop ophume isibili kulolu khetho neqembu lakhe iNUP usole imbangi yakhe wathi inqobe lolu khetho ngokukhwabanisa.
Kulolu khetho lapho abavoti bebekhetha khona amalungu ePhalamende, iNUP inqobe izihlalo ezingama-61 kwathi amanye amaqembu aphikisayo amahlanu athola izihlalo ezingama-48 okunike abashayi bemithetho abaphikisayo izihlalo ezili-109 kuleli Phalamende elisha. Iqembu elibusayo lona linqobe izihlalo ezingama-316.
UWine ogamalakhe langempela nguRobert Kyagulanyi, wanxusa intsha ukuthi ivote ikhiphe uMuseveni oneminyaka yobudala engama-76, osehlale kulesi sihlalo kusukela ngonyaka we-1986.
Izingoma ezikhishwa nguWine bezinokugxeka uMengameli waleli lizwe ngokukhwabanisa ukunakekela izihlobo zakhe okungamacala uMuseveni awaphikayo.
UMuseveni ongomunye wabaholi basezwenikazi i-Afrika asebebuse isikhathi eside uziphikisile izinsolo zokuthi kube nokukhwatshaniswa kokhetho waphinde wagcizelela ukuthi belukhululekile.
Okhulumela iqembu eliphikisayo uMnu uJoel Ssenyonyi uthe uHulumeni ufuna ukudidisa amadokhumenti akhombisa ukukhwabanisa.
“Abafuni siqhubeke sisebenze emahhovisi ethu ngenxa yokuthi bayazi ukuthi sihlanganisa ubufakazi obuzovezela umhlaba ukuthi lolu khetho lube nokukhwabanisa.”
Imikhankaso kanye nokhetho uqobo bekuhambisana nokuqiniswa kwesandla kwabezomthetho kubhekiswe kwabamaqembu aphikisayo. Kweminye imibhikisho yangoLwezi nyakenye kwashona abantu abangama-54.
UHulumeni uthe abeqembu eliphikisayo kanye namalungu alo babephula imithetho eyayibekiwe yokhuvethe.
UWine ucele ezombutho ukuthi zimkhulule ekuboshweni endlini ngenxa yokuthi ikhaya lakhe alithathwa njengesikhungo esisemthethweni sokuboshwa komuntu. Usole amasosha ngokuhlasela umkakhe ngesikhathi ethi uya engadini. “Amasosha abemudonsa ngamabele,” kusho uWine ophinde wathi lesi sigamelo asichazayo sibhalwe phansi kumakhalekhukhwini womunye umuntu.
Okhulumela amabutho uBrigadier uFlavia uthe lolu daba akalwazi.
Umthetho ubeka ukuthi abantu abaphikisana nemiphumela yokhetho banezinsuku ezingama-20 ukuthi bafake isicelo eNkantolo Enkulu. UWine ubike ukuthi ufuna ukuhlangana nabeqembu lakhe bese bethatha isinqumo sokuthi balusingatha kanjani lolu daba.