Now Reading
EyaseMyanmar izohila i-Asia nomhlaba jikelele iphinde yembule uBiden izinqe
Dark Light

EyaseMyanmar izohila i-Asia nomhlaba jikelele iphinde yembule uBiden izinqe

Kwenzeka konke lokhu obengumholi wakhona useliqaqa kubaholi bomhlaba


Lokhu kufane nokuphela kwenganekwane ngesikhathi umlando uziphinda eMyanmar (eyayaziwa ngeBurma) lapho umbutho wezempi uthathela kuwo amandla ombuso. Lokhu nokungekhona okokuqala kulandela ukhetho olube khona ngoLwezi nyakenye nolunqontshwe yiqembu elibusayo iNational League for Democracy neholwa nguNkk u-Aung San Suu Kyi.  

Kulolu khetho iqembu elibusayo labutha iningi lezihlalo njengoba izimbangi zalo nezabe zesekwa ngabezempi zagcina zithole izihlalo ezingama-33 kwezingama-476, kwathi abanqobile bacosha ezingama-396. Izidumo zakamuva lapho abezempi belithathe ngejozi ziqhamuke emuva kokuthi besole ukuthi ukhetho lolu aluhambanga ngendlela okuyinto iKhomishini eyabe yengamele ukhetho eyiphikayo. 

ElaboHlanga liye koshicilela amagumgedlela esavalelene phakathi kwabanye uNks uSuu Kyi nezinye izikhulu zikaHulumeni wakhe.  

Akaqali uNks uSuu Kyi ukuboshwa ngale ndlela njengoba eminyakeni eyedlule wayevalelwe endlini wagcina ekhululiwe emuva kwengcindezi yohulumeni bamazwe. Nokho isimo kulokhu sehlukile emuva kokuthi lo mholi esolwe ngokusuka ezimisweni zedemokhrasi nokuyinto ayehlonishwa futhi esekwa ngayo ngamazwe omhlaba. 

Lokhu kusolwa kwabe kumayelana nezinkulumo zakhe azenza ngesikhathi kunesibhicongo sokubulawa kwesizwe samaRohingya esabe silandela inkolo yobuSulumane. Lokhu kuthiwa kwenziwa ngamasosha ayesekwa ngabenkolo yobuBuddha.  

Lapha uNks uSuu Kyi wehlukela ukusola amasosha kunalokho waphika kwakhona ukuthi kube nesibhicongo.

Okwenzeke kamuva kubukeka kungahle kufake ingcindezi kunqubomgomo kanjalo nobudlelwane be-United State of America (USA), amazwe angaphansi kwe-European Union (EU) kanye neChina njengoba kukhona ukwesaba ukuthi uma nje sike saqina isandla se-USA namazwe omhlaba  kuHulumeni wamagumgedlela, iChina ingase ibe yikhaya nehawu likalo Hulumeni nokuyinto engaphazamisa izinhlelo kakhulu ze-USA ngezwekazi i-Asia.

Ngakolunye uhlangothi uHulumeni wamagumgedlela eMyanmar awusatshiswa wunswinyo njengoba iminyaka wabe ungaphansi kwalo nokwaholela ekufadalaleni komnotho nendlala ngesikhathi i-USA namazwe ase-Europe befake unswinyo. Emazweni omhlaba akukho ukungabaza ukuthi amagumgedlela lawa anamandla okufaka eyawo ingcindezi njengoba inkambo yawo incike kakhulu kwabenkolo yobuBuddha abaliningi kuleliya lizwe. 

Okwenzeka kamuva kuNks uSuu Kyi kudala inkinga ngoba emazweni asentshonalanga nguye obeselithemba lezinguquko nobengawasiza ukwakha ugange olungavimba ukucanasa kweChina. Kwezinye izingxenye zosomaqhinga bamazwe sekukhona ukusola ukuthi okwenzekile kuyayithinta iChina. 

See Also

Abasho lokhu baveza ubufakazi bomhlangano wakamuva phakathi komele iChina, uMnu uWang Yi, kanye nomele amagumgedlela uMnu uMin Aung Hlaing. Imilomo iyavunana ekutheni kulo mhlangano nakanjani yake yamunyungwa eyetulo lokudla umbuso.

Lo mhlangano uma nembala ubumunyunga lokhu uyosho ukuthi sekukhona ukubuyisana phakathi kwabezempi baseMyanmar neChina emuva kokuthi kwaba nokungaboni ngasolinye ngesikhathi abezempi beqoma ukunqamula ubudlelwano obadla abaseChina izigidigidi ezi-$3.6 owawuzokwakha idamu iMyistone. Lokhu kwayinenga iChina neyangcina isisondelana noHulumeni kaNks uSuu Kyi.

Kukhona ukuvumelana ezingqaphelini ukuthi okwenzeka eMyanmar  kungahle kwembule uMengameli omusha wase-USA uBiden izinqe ngoba kuzomele amelane neChina okusalindeleke ukuba athunge ubudlelwano nayo oboniwa yinqubomgomo yalowo owayenguMengameli, uTrump.  

Le ngcindezi ilandela leyo yaseRussia lapho izidubedube ezidalwe wukuboshwa komholi weqembu eliphikisayo kuphoqa uHulumeni kaBiden ukuba uthathe uhlangothi ngalesi sikhathi kulindeleke ukuthi udale uzinzo kunqubomgomo nobudlelwano bamazwe.

Scroll To Top