Ukuvalwa kotshwala kuthikameza amanye amabhizinisi



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Isifundazwe iWestern Cape yiso esisakhiqiza kakhulu izithelo ezisawolintshi (citrus fruits) lapha eNingizimu Afrika, kanti leli lizwe lingelesibili emhlabeni wonke jikelele ukukhiqiza nokuhwebela amanye amazwe ngalolu hlobo lwezithelo, lilandela iSpain. Kulezi zithelo kubalwa phakathi ulamula noma umhlina, ilayimi, igrape fruit ukubalwa ambalwa. Lolu hlobo lwezithelo lusebenza kakhulu uma kukhiqizwa utshwala, okuyiziphuzo ezehla esiphundu amasayida.
Kusukela ngoZibandlela sewuyophela iziqandisi zosomabhizinisi abathengisa ngotshwala selokhu zikhale ibhungezi. Enye yezindawo ethengisa ngotshwala eshayekile iLucky Plaza Tarven elokhu yaqala ukuhweba ngowezi-2000. Le ndawo yokucima ukoma iheha kakhulu abathengi abasuke bezothenga inyama esitolo esikamakhelwane bese amakhasimende edla inyama athenge utshwala alalele umculo. Kepha selokhu kwavalwa utshwala kuthuli.
UMnu uPaul De Gouveia okunguye ongumnikazi wendawo yokuthengisa ngotshwala kanye neyokucima ukoma uthi ibhizinisi lakhe lishayeke kakhulu ngokuvalwa kukatshwala kusukela busavalwa okokuqala ubesazama ukutabalasa waphinda washaywa ihlandla lesibili. Uthi kudingeke ukuba avulele izisebenzi ezi-3 ebezisebenza endaweni yokucima ukoma ukugwema ukuthi kube khona izisebenzi ezilahlekelwa umsebenzi.
Uthi njengoba ibhizinisi lokuthengisa ngotshwala kudingeke ukuba livale kungekho muntu oya lapho kuthengiswa khona ngotshwala nalapho kuthengiswa khona ngenyama kuthikamezekile. “Alikho ibhizinisi okwamanje, kubi. Siyavala abantu abezi la kuthengiswa khona utshwala ukuzothenga idrinki. Kumele ngithathe imali yami elinganiselwa ezi-R20 000 ukuze ngikhokhe irenti yenyanga. Ngibonga iNkosi nje ukuthi angibakweleti labo abangihlinzeka ngempahla. Konke ebesinakho ingoba sikukhokhela uma bekuletha,” usho kanje.
UDe Gouveia uthi akanathemba lokuthi ibhizinisi lisazobuye lisimame. “Abantu abaningi balahlekelwe imisebenzi, ayikho imali engenayo kulabo bantu, okusho ukuthi abanayo imali abazoyisebenzisa otshwaleni. Abantu basazihlela basaphila impilo entsha,” kusho yena.
Ukuvalwa kotshwala kwamenyezelwa uMengameli uCyril Ramaphosa mhla zingama-28 kuZibandlela nyakenye ngenhloso yokunciphisa ingcindezi embhedeni ezibhedlela. “Ubudedengu nokungaziphathi kahle ngenxa yotshwala kudlale indima ngokunyusa izibalo zabahaqwe ukhuvethe. Izingozi ezihlobene notshwala kanye nodlame kufaka ingcindezi ezibhedlela zethu,” kusho uMengameli.
“Abantu abaphuza utshwala kumele bazijwayeze ukukwazi ukuzibamba, bangalwi futhi bangabulalani,” kusho uDe Gouveia. Amamitha ambalwa eLucky’s Tavern u-Aundry Mundandi oyiMeneja eYalta’s Pub and Grill, ubefikele ukuzobheka isimo ePub. Ekhomba izinqandisi ezingenalutho esinye sine Redbull uthe: “Liyafa ibhizinisi, abantu okuthenjelwe kubo emakhaya balahlekelwe okokuziphilisa.”
Okwakamuva uMphathiswa woMnyango Wezolimo eWestern Cape, uMnu u-Ivan Meyar, uthe uMnyango wakhe sewuthumelele uNgqongqoshe woMnyango WezoLimo kuzwelonke uThoko Didiza ukuba abasize kubuyekezwe isinqumo sokuvalwa kotshwala, kuvunyelwe iwayini lidayiswe kanye neWine Tasting ivunyelwe.
UMeyar uthe lokhu obekuhlosiwe ngalesi sinqumo sekuzuziwe kodwa ukuwa komnotho kulokhu kuqhubeke njalo.
“Amaglebhisi angangama-50% amahektha ayizi-181 233 ezithelo ezikhiqizwayo esifundazweni iWestern Cape, imali yala maglebhisi iyizigidigidi ezingama-R33.94. Iwayini yilo elihamba phambili empahleni ekhishwa ilesi sifundazwe (Western Cape) edlala indima engama-6,5% emnothweni wesifundazwe,” kusho uMphathiswa uMeyar. Uthe uMnyango uhlawumbisela ezisebenzini ezingama-45 610 ezisebenza ngaphansi komkhakha wewayini kuphela, abondla abantu abalinganiselwa ezi-228 053.