Now Reading
Inkantolo ivune abotshwala ngokudayisa kuze kuse
Dark Light

Inkantolo ivune abotshwala ngokudayisa kuze kuse

INkantolo eNkulu yasePolokwane eLimpopo isikhiphe isinqumo ebesilindelwe ngabomvu mayelana nomthetho omusha wotshwala. Umehluleli uGerrit Mueller unqume ukuthiabadayisi bakulesi sifundazwe basangakwazi ukuqhuba amabhizinisi abo kuze kube yihora lesibili ekuseni kumalayisensi abawathola ngaphansi komthetho wangaphambilini wotshwala.

Izicelo zokudayisa utshwala ezintsha, nokho, zizolawulwa ngaphansi komthetho omusha ovimbela ukudayiswa kotshwala phakathi kwamabili. Lesisenzo esibuyekeziwe sotshwala soMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho siphonselwe inselelo ngemuva kokuthi abadayisi kanye ne-EFF befake isicelo esiphuthumayo sokuthi kuvinjwe ukudayiswa kotshwala phakathi kwamabili.

IPhini likaSihlalo weSekhukhune Liquor Traders Association, uSello Mokwana, uthe lesi sinqumo siyabavumela ukuthi bahwebe ngaphansi kwesenzo sangaphambilini. “Njengabadayisi botshwala sikhululekile ngokuthi inkantolo isivune. Ngakho-ke, kuwukunqoba okukhulu, okukhulu kithina njengabadayisi botshwala, okusho ukuthi singaqhubeka kuze kube ihora lesibili ekuseni. Ngakho, yilokhu ebesikufuna. Ngakho-ke, sizobe simatasa nethimba labameli engxenyeni B yesicelo sethu, okuzoba ngeyenkantolo ukuthi ibuyekeze lokho okwaboniswa ngokucacile nguMehluleli uGerrit Mueller ukuthi amalayisensi amadala asengasebenza, yingakho isicelo esisha.”

Scroll To Top