Impilo enenjongo iqala ngaphakathi kumuntu



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Ngicabanga ukuthi isikhathi esifanele sokuthi ngikukhumbuze ukuthi unyaka uqalile. Iningi lethu siye sibone ngokuphela kukaMasingana ukuthi unyaka uqale ngempela futhi namaholidi aphelile.
Ngiqala ngokukukhumbuza ukuthi unyaka uqalile ngoba ngifisa ukukhuluma ngendaba ebalulekile kulo mbhalo, indaba yokuphila impilo enenjongo.
Ngaphambi kokuthi singene odabeni, ngifisa ukugcizelela ukubaluleka kokuqala kanye nawowonke umuntu futhi uqale unyaka usaqala ukusebenzela ukufeza amaphupho onawo kulo nyaka. Akuve kubuhlungu ukuthi uqambe uzama ukuhlanganisa izinto uthole ukuthi isikhathi asisekho.
Sibaningi esifisayo ukuphila impilo enenjongo futhi kuyinto ebalulekile neyingxeye yempilo. Singabantu asithandi impilo emi ndawonye kungakho kuyisifiso sethu ukuthi siphile impilo enenjongo kanye nenenqubekela phambili. Uma ngeluleka abantu ngempilo ngiye ngithole ukuthi iningi labo alijabulile futhi aleneme ngempilo eliyiphilayo.
Kwesinye isikhathi akusikho ukuthi abanayo imali noma ukudla noma indawo yokulala, kodwa indaba isekuphileni impilo enenjongo. Ngiyacabanga ukuthi uyazibuza ukuthi kuyini ukuphila impilo enenjongo?
Impilo enenjongo yileyo enomgomo nesizathu sokuphila. Uma uphila impilo enenjongo usuke uphila impilo ephokophele emgomeni omkhulu empilweni yakho ohambisana nezinto eziwumgomo wempilo yakho. Impilo enenjongo yimpilo ejabulisayo futhi egculisayo kuloyo oyiphilayo kanye nabantu abaseduze naye.
Umbuzo engicabanga ukuthi unawo owokuthi uyiphila kanjani impilo enenjongo? Ngingakangeni lapho, ngifisa wazi ukuthi ukuphila impilo enenjongo akulula njengoba abantu bekuchaza, ikakhulu labo esibabiza ngabakhuthazi. Amaphuzu alandelayo azokunika umhlahlandlela wokuthi ungaqalaphi futhi yini ongayenza ukuze uphile impilo enenjongo:
Okokuqala
Zibuze ukuthi yini ekujabulisayo empilweni neyenza waneliseke. Impilo enjani ekwanelisayo nekushiya weneme ngaso sonke isikhathi uma uke wayiphila. Kubalulekile kodwa ukuthi impilo ekujabulisayo ingahlukumezi omunye umuntu.
Ukuphila impilo enenjongo ngeke kwenzeke uma uphila impilo engakujabulisi futhi nengakwenelisi. Lokhu kusho ukuthi impilo enenjongo iqala ngaphakathi kuwe ngaphambi kokuthi omunye umuntu akukhombise ukuthi iphilwa kanjani.
Okwesibili
Impilo enenjongo uyiphila mhlazane wazi ukuthi yini ebalulekile empilweni. Abantu abangazi ukuthi yini ebalulekile empilweni baphila noma kanjani. Umuntu ongazi ukuthi yini ebalulekile empilweni kanye nasempilweni yakhe uhamba ethathwa yizo zonke izinto futhi uhamba ehalela yonke impilo yabanye abantu.
Ukwazi ukuthi yini ebalulekile empilweni kwenza waneliseke futhi usebenze kanzima ngoba uyazi ukuthi usebenzela ini. Umuntu ongazi ukuthi yini ebalulekile empilweni umbona ngokuthi amathuba ameqe futhi adlale ngawo uma ewatholile ngoba akazi ukuthi yini ayiphilelayo empilweni.
Okwesithathu
Yakha ubudlelwane nabantu abaphila impilo enenjongo kanye neya phambili. Abantu onobudlelwane nabo empilweni kanye nabangabangani bakho banomthelela omkhulu ekuphileni impilo enenjongo kanye negculisayo. Abakwazi ukukhuluma bathi “sitshengise abangani bakho sikutshengise ikusasa lakho”.
Lokhu bakushiso ukuthi abantu onobudlelwane nabo uchitha nabo isikhathi esiningi futhi kuningi okufundayo nabakufundisa khona. Lokhu kusho ukuthi uma ufuna impilo enenjongo thola abantu abazokubonisa ukuthi iphilwa kanjani futhi labo bantu kumele nabo babe ngabantu abaphila impilo enenjongo.
Okwesine
Kopela kwabanye abantu abaphila impilo enhle, oyithandayo kanye noyifisayo. Empilweni kunabantu othi uma ubabuka uyithande indlela abaphila ngayo nempilo abayiphilayo. Uma bekhona labo bantu empilweni yakho, zibuze ukuthi bafike kanjani kuleyo mpilo. Uma bekhona eduze kwakho, sondela kubo ukuze uthole ukuthi yini ebasizile ukuze baphile le mpilo enhle nenenjongo.
Uma bengekho eduze nawe zama ukuthola izincwadi noma izinkulumo zabo eziqoshiwe, landela impilo yabo ezinkundleni zokuxhumana ukuze ufunde kabanzi ngempilo yabo kanye nokuthi baphila kanjani.
Ukuphila impilo enenjongo kubalulekile futhi kuletha enkulu injabulo. Uma ubona umuntu ongenamali futhi ongenalutho olutheni empilweni ejabulile ukwedlula abantu abanakho konke wokwazi ukuthi loyo muntu uphila impilo enenjongo. Uma ufuna injabulo empilweni yakho kanye nasempilweni yabantu obathandayo qala uphile impilo enenjongo.
Ngifisa ukuthi kusukela namuhla uzibuze injongo yokuphila kwakho emhlabeni bese uyaqala usebenza kanzima ukufeza injongo uMdali akulethela yona emhlabeni.