IChina ihehe abatshalizimali abaningi kune-USA ngowezi-2020
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina isigudluze i-USA esicongweni ohlwini lwamazwe athandwa kakhulu emhlabeni ngabatshalizimali bangaphandle, ngokusho kwezibalo zakamumva ezivela eNhlanganweni Yezizwe.
Lesi sikhondlakhondla sase-Asia sihlomule kakhulu ukwedlula i-USA ekuheheni abatshalizimali bamazwe angaphandle ngonyaka wezi-2020, nokube unyaka onzima emhlabeni njengoba belibhebhetheka ubuhanguhangu igciwane iCorona.
Ngonyaka odlule umnotho waseChina uzuze imali elinganiselwa ezigidigidini ezili-$163 ebivela ezinkampanini zangaphandle, nokusho ukukhuphuka ngama-4% ezibalweni zaphambilini. Imali engene e-USA yona yehle ngama-49% yaba izigidigidi ezili-$134, ngokusho kombiko we-United Nations on Trade and Development (UNCTAD).
Ngonyaka wezi-2019, i-USA iyona ehlomule kakhulu njengoba ithole imali eyizigidigidi ezingama-$251 ngesikhathi iChina yathola izigidigidi ezili-$140.
Lokhu akungabazeki ukuthi kuveza isithombe sokukhula komthelela weChina emkhakheni wezomnotho emhlabeni kanye nezinga lokwethenjwa kwayo osomabhizinisi.
Okunye okuvelayo ukuthi umkhankaso weBeijing wokuqhuba uhlelo lokuvuleleka emazweni angaphandle nokunxenxa izinkampani zangaphandle ukuthi zizovula amabhizinisi usuthela izithelo.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uZhao Lijian okhulumela uMnyango Wezangaphandle uthe: “Lezi zibalo ziwubufakazi bokuthi amazwe omhlaba abona iChina njengendawo efanele ukutshalwa kwezimali kanye namabhizinisi.”
Uthe iChina izoqhubeka yakhe ubudlelwano kwezomnotho namanye amazwe omhlaba njengoba ingena esigabeni esisha sentuthuko, futhi iphothula nezingxoxo zesivumelwano sezohwebo ne-European Union esizodala amathuba amasha okusebenzisana.
Umnotho waseChina ukhuphule izinga lokukhula esigabeni sesine sonyaka odlule kangangokuthi ize yadlula lokho obekulindelekile onyakeni obukhungethwe ubhubhane ukhuvethe.
Kanti izingqapheli zithi lokhu kuyibeke ethubeni elihle lokuthi iqhubeke nokukhulisa umnotho nasonyakeni wezi-2021.
Ngokwezibalo zakamumva, umnotho waseChina ukhule ngama-2.3% ngonyaka odlule, nokulibeke leli lizwe laba yilo kuphela elikwazile ukuvika ukufadabala komnotho ngowezi-2020.
Leli lizwe, nelilele isibili ngobukhulu bomnotho emva kwe-USA, selimangaze abaningi kulo mkhakha ngesivinini elikwaze ngaso ukuvuka emva kukushaywa ubhubhane ukhuvethe ekuqaleni kowezi-2020.
“IChina sekuyisikhathi iyinjini ebalulekile yokufukula umnotho womhlaba ngokunjalo ihamba phambili emazweni athandwa abatshalizimali abavela kuzo zonke izingxenye zomhlaba bezovula amabhizinisi kuleli lizwe,” kusho uZhao.
Konke lokhu kwenzeka nangesikhathi lapho iBeijing ikumdonsiswano wezohwebo ne-USA, nalapho la mazwe egadlana khona ngonswinyo, phakathi kwezinye izinto.
IChina, nezibona njengezwe elikhulu kodwa elisathuthuka, inabantu abayizigidigidi ezili-1.4, abahlanganisa abayizigidi ezingama-900 abasebenzayo kanye nabayizigidi ezili-120 ababambe iqhaza emaketheni yezwe.
Ungoti kwezezimali uMatteo Giovannini osebenzela elinye lamabhange amakhulu eBeijing uthe izibalo ze-UNCTAD zingachazwa njengokwamukela ngokusemthethweni iqhaza eliphambili okulindeleke ukuthi lidlalwe iChina ngokuxhasa ukukhula komnotho womhlaba.
“Ingaphinde ibonakale futhi ikhuthaza isinqumo saleli lizwe, iChina, sokwamukela amazwe omhlaba,” kusho uGiovannini ebhalela inhlangano kaHulumeni yokusakaza.
Uthe indlela iChina ekwaze ngayo ukulawula ukusabalala kwegciwane iCorona kwenze yabukeka kahle ezimakethe zamazwe omhlaba nokukhulise izinga lokuthembeka kubatshalizimali.
Ezingeni lomhlaba, iFDI yehle ngama-42% yalinganiselwa ezigidigidini ezingama-$859 ngowezi-2020, ngokusho kombiko we-UNCTAD. Ngowezi-2019, yabe ilinganiselwa kusigidintathu esi-$1.5.
IFDI yehle ngama-18% ezwenikazi i-Afrika, kwathi emazweni athuthukayo e-Asia yehla ngamaphesenti amane.
Ngowezi-2019, imali eyangena eNingizimu Afrika ivela emazweni angaphandle yehle ngama-15% yaba yizigidigidi ezi-$4.6.
Imali etshalwe emazweni adla izambane likapondo yehle cishe ngama-70% yaba yizigidigidi ezingama-$229.