Ugqugquzela ukubambisana kwamazwe uJinping



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
UMengameli waseChina uXi Jinping uxwayise abaholi bamazwe omhlaba ukuthi bagweme imibango nokuchukuluzana, kunalokho babumbane ukulwa nezinkinga zomhlaba ezihlanganisa nobhubhane lokhuvethe.
Ubekhuluma kanje ngesikhathi kuvulwa umhlangano waseDavos iWorld Economic Forum, nokungowamazwe ali-19 adla izambane likapondo kanye nalawo onomnotho okhulayo nobubanjwe kuleli sonto ngevidiyo ngenxa yobhubhane ukhuvethe.
UXi uthe izinqumo akumele zithathwe ngokukhombisa amandla noma ukusabisa ngempi amanye amazwe.
“Ubudlelwano phakathi kwamazwe kumele bulawulwe imigomo nemithetho engaphakathi kwezinhlangano ezifanele. Abanamandla akumele babe iziqhwaga kulabo abangenamandla,” kuqhuba uXi.
Yize engazange abalule magama, akungabazeki ukuthi uXi lo myalezo ubewubhekise e-USA nakuMengameli wayo osanda kungena uJoe Biden.
“Ukubambisana kwamazwe ahlukene akumele kusetshenziswe njengesizathu sokuthi amazwe athathe izinqumo ngawodwana,” kusho uXi emhlanganweni.
Ngaphansi kukaMengameli osanda kuphuma uDonald Trump, i-USA igqamisa ukuzimela kunokuthatha izinqumo ngokubambisana namanye amazwe omhlaba, yaphinde yafaka ingcindezi emazweni esebenzisana nawo ukuthi anqinde amandla eChina.
UBiden, othumele uJohn Kerry oyisithunywa seWashington ezindabeni zesimo sezulu kulo mhlangano waseDavos, ubesevele ezwakalisile ukuthi ufuna amazwe azwana ne-USA abumbane ukubhekana neChina.
Enkulumweni yakhe, uXi ugqugquzele ukubaluleka kokubambisana phakathi kwamazwe, nokuyivangeli iChina eseyilishumayele iphindelela kule minyaka yakamumva.
Uthe izinkinga zomhlaba zinkulu futhi zixakile ngakho zidinga ukuthi amazwe abambisane ekubhekaneni nazo aphinde akhe umphakathi onenjongo yekusasa elifanayo lawo wonke umuntu.
“Umlando kanye nesimo esikhona sekukwenze kwacaca ukuthi ukubhekana ngeziqu zamehlo nokuchukuluzana, okungaba ukulwa buthule, ukutholana phezulu mahlanze, impi yezohwebo noma eyezobuchwepheshe, kuzolimaza amazwe omhlaba kuphinde kucekele phansi impilo yabantu,” kuchaza uXi.
Ngaphansi kukaTrump, ubudlelwano phakathi kweChina ne-USA bubonakale bufadabala kakhulu nalapho kuqine khona umbango wezohwebo phakathi kwalezi zikhondlakhondla. IWashington iphinde yasola iBeijing ngokusebenzisa izinkampani zayo ukuqhuba ezobunhloli kanye nokusabalalisa ubhubhane ukhuvethe.
Enkulumweni yakhe, uXi uzwakalise ukweseka izinhlangano zamazwe omhlaba ezifana neWorld Health Organization (WHO), iWorld Trade Organization (WTO) nezinye ezimele ezomnotho, ethi kumele zisekelwe ngemali kanye nemigomo eqinile ehambisana nesikhathi nezidingo zamanje.
I-USA imemezele ukuthi isiyabuyela ekubeni ingxenye yamazwe angaphansi kweWHO emveni kokuthi leli lizwe lihoshe imfe ngaphansi kukaTrump emveni kokusola le nhlangano yezempilo nengaphansi kweNhlangano Yezizwe ngokungasebenzisi ngendlela imali.
I-USA iphinde yathi izokweseka ngemali isikhungo esesekwa iWHO esaziwa ngeCOVAX nesihlose ukusiza amazwe ahlwempu ukuthi akwazi nawo ukuthola imithi kanye nemigomo yokulwa neokhuvethe.
Lesi sikhungo iCOVAX sibhekene nezinkinga zemali kanti futhi nezinkampani ezakha imigomo yokhuvethe azisebenzisani naso, kunalokho zikhetha ukusebenzisana namazwe adla izambane likapondo.
IChina ingenye yamazwe ambalwa asefake imali eningi ukwesekela lesi sikhungo. Kusenjalo, ithimba lochwepheshe abavela emazweni ahlukene elithunyelwe iWHO liseChina ukuphenya ngomsuka wegciwane iCorona eyaqala ukubikwa edolobheni iWuhan ngoZibandlela wezi-2019.