Now Reading
Umphakathi usuqala ukulubuka ngelinye iso ukhuvethe
Dark Light

Umphakathi usuqala ukulubuka ngelinye iso ukhuvethe

Cishe manje wonke umuntu unezibazi angazikhomba ezishiywe ukhuvethe okungeyikhona ukulahlekelwa isihlobo nje kuphela kepha abanye bavale amabhizinisi abo, baphelelwa imisebenzi abanye bancishiselwa imiholo ngoba izinkampani ezibaqashile zingasayenzi kahle inzuzo ngenxa yelesi sifo. 

Ngehlandla lokuqala lokhuvethe ngoNdasa nyakenye belulubi kepha udosi lwalo belungazweli njengoba sekwenzeka manje lubulala abantu ubuthaphuthaphu.

Okuqashelwe umbhali walolu daba enhlokodolobha yaKwaZulu-Natal uMgungundlovu, uma eqhathanisa nasekuqaleni abantu abaningi sebenokwesaba, sebeqaphela kakhulu kunakuqala. 

Ekuqaleni abantu bebebeka izizathu ezingawakhi umqondo bethi isifonyo siyashisa kodwa sekushintshile njengoba nabantu abebedlula sengathi abamubonanga unogada ezitolo ebafutha ngesibulalimagciwane abasacelwa kunalokho yibo asebezicelela ukufuthwa uma bengena noma bephuma ezitolo, akekho ofisa ukutheleleka. 

Isifundazwe iKwaZulu-Natal yiso esihamba phambili ngezibalo zabatheleleke ngokhuvethe eNingizimu Afrika. Abaningi kubathusile lokhu bezwa inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa kepha kubantu abasalandela izibalo bekungasizona izindaba lezo ngoba izinto zishintshile bekungasabatshazwa isifundazwe i-Eastern Cape. 

Ukwesaba manje ngalesi sifo kubhalwe ebusweni kubantu, kuqala uma abantu bebingelelana bengenakho abazokuxoxa bebekhuluma ngesimo sezulu kodwa manje sekuwukhuvethe. Okunye okudala ukwesaba ulwazi oludluliselwa emphakathini oluningi olunye lwalo olungelona iqiniso nalabo abalukhulumayo abangakwazi ukuqinisekisa ukuthi luyiqiniso yini.

Muva nje indaba ingomgomo wokhuvethe ne-5G, impela uma ungaphika nalezi zinto ungaphanjanelwa ikhanda, uma selukubambile kwalona ukhuvethe lolo ungaze ukhohlwe nawukuzelapha ngoba uzwa lezi zinkulumo. 

IKwaZulu-Natal yakhiwe kakhulu izindawo zasemakhaya ezingama-70%. 

Kwezinye izigodi kusadliwa ngoludala, indaba yabantu abangama-50 okumele bathamele imingcwabo ayaziwa. Kukholelwa ukuthi ukuya lapho kuvele khona umshophi kuwubuntu ngoba awukho umuzi okungathi uvelelwe umkhuhlane umphakathi ungawumisi kepha uwushiye wodwa kulelo lifu elimnyama. Abanye bakholelwa ukuthi ukungayi kwamakhelwane uma kuvele isifo kuyinzondo noma kuzoyidala kodwa eqinisweni ukuthi isikhathi siguqukile manje isimo asivumi. 

IBAYEDE ikhulume nezekhamuzi zaseMgungundlovu ngezinguquko ezibenazo emphakathini nasemindenini yazo. 

Ilungu lomphakathi uMnu uMsawenkosi Kunene uthe: “Ngicabanga ukuthi sesinengcindezi engqondweni. Sengize ngathenga ithelevishini yasekameleni lami ukuze ngihlale ngedwa ngoba asisekho isikhathi somndeni manje. Engathi manje sesiqaphela kakhulu futhi kuyacaca ukuthi lizobhubha ngathi uma siziyekelela.” 

UNks uSindisiwe Mbatha uthe: “Noma lungadlula ukhuvethe kepha luzoshiya isilonda kimi, angikaze ngizitshele ukuthi ngiyofihla abazali bami ngokwehlukana esikhathini esiyizinsuku ezine. Ngike ngibone ukuthi manje ngeke sisabulawa yilo kuphela kepha sizobulawa ukucindezeleka komqondo. Lezi yizifo ebesinenkolelo yokuthi ziphatha abelungu ngikusho lokho ngoba ngikubonile emndenini wami udadewethu omncane ephathwa inhliziyo ngenxa yokwethuka ngoba ezwa kuvela ukuthi umfowethu omdala usebanjwe ukhuvethe emva kokuba kade sifihla abazali bami.” 

See Also

Elinye ilungu lomphakathi uNkk uLethiwe Mdluli lithe: “Ukufa uma uphethwe ukhuvethe ukubona ngamehlo. Kade ngiphethwe ukhuvethe emasontweni amathathu edlule ngiya emagunjini kadokotela, ngingene khona ngingakwazi ukuphefumula, umoya unqamuka. Ababili ababenenkinga efana neyami baphuma kula magumbi kadokotela sebefakwe kucwazi wezidumbu. Ngilokhu nginxuse abantu ukuthi bajwayele ukuzivocavoca amaphaphu abo ngoba ngikholwa ukuthi mhlawumbe ngasindiswa ilokho.” 

UNks uSindi Mthembu waseCatoridge uthe: “Ekhaya sesike sangcwaba ngenxa yokhuvethe kodwa okungikhathazayo izinto esiziphuza mihla namalanga ngoba sithi sibalekela ukubulawa ukhuvethe, angazi ukuthi ubani ongaqwashisa abantu ukuthi bangazinciphisa kanjani lezi zinto egazini. Abantu imithi sebeyiphuza engathi amanzi, ezinye izinto ezidliwayo ngathi ukudla okusheshayo kanti into uma isiningi iyabulala.”

NgoLwesithathu kuleli sonto uMnyango Wezempilo kulesi sifundazwe uveze ukuthi iTheku lisalokhu lihambe phambili ngezibalo zabahaqwe ukhuvethe KwaZulu-Natal abayazi-144 376, kwashona abayizi-2 949. Kulandela uMgungundlovu ngabayizi-30 531 abathelelekile nabangama-48 asebeshonile. 

EKing Cetshwayo bayizi-22 927 kwashona abangama-620, Ilembe abahaqekile bayizi-18 058 kwashona abangama-325, Ugu lunabayizi-15 467 abashonile bangama-416.

OThukela abathelelekile bayizi-11 100 kwashona abangama-317, eZululand bayizi-9 900 kwashona abangama-235, e-Amajuba bayizi-9 692 kwashona abangama-367, eMkhanyakude bayizi-8 536 kushone abangama-219 kuthi eHarry Gwala babeyizi-6 875 abahaqekile kanti sekushone abangama-276.

Scroll To Top