UMasipala Ethekwini uphuza inyongo izakhamuzi kolwamanzi



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Izingxenye eziningi zalo Masipala zisheba ukuphela kukagesi nokwamanzi
Phezu kokuba umasipala omkhulukazi eNingizimu Afrika okuwuMasipala i-Ethekwini ubeke izigidigidi ezicela kwezilishumini eziyisi-R9.9 kulezo ezingama-R45 kulo nyaka wezimali oqale ngoMbasa wezi-2020, ukuze kuqinisekiswe ukuhlinzekwa kwamanzi kubantu ngaphandle kwezinkinga kodwa ihlazo lilokhu liwulandele njalo lo Masipala kulolu phiko.
Kuso lesi sabelomali kukhona izigidi ezingama-R498 ezibekelwe ukubhekana nenkinga yamanzi njengokuthi uma kukhona okulimalayo nokunye kulungiswe ngokushesha.
Yize kunjalo kodwa leli hlazo lokuphela kwamanzi selidale okuningi ukukhuluma kubantu njengoba amaloli sekunezindawo abanjwa kuzo inkunzi aphucwe amanzi.
ITheku linezakhamuzi ezingaphezulu kancane kwezigidi ezintathu kodwa umbiko weMeya uMxolisi Kaunda wesabelomali awethule ngoMbasa wezi-2020 uveza ukuthi amanzi bawaphakela amakhasimende kaMasipala angaphezulu kwesigidi.
Ngaphandle kwalokho kuleli sonto imiphakathi igcine isithukuthela ezingxenyeni eziningi ezithile zilo Masipala ivala imigwaqo ngamathayi avuthayo nangamatshe ukuze kuzwakale usizi ebhekene nalo lokuphelelwa amanzi izinsuku zilandelana.
Kwezinye izindawo kugcine sekuvela izinsolo zokuthi kukhona osomabhizinisi abathile abanesandla ekunqamukeni kwamanzi okubonakale kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu abantu bengenawo amanzi.
Lokhu kuthwese uMasipala ingcindezi enkulu njengoba umthamo wabantu abadinga amanzi ungaphezulu kwamaloli ahlinzeka ngamanzi angama-35 kuphela bese kuba izibalo ezingaqinisekisiwe zamaloli angama-40 ngaphezulu abantu abazimele.
Lawa maloli kuthiwa awenele ngoba iChatsworth iyodwa kuthiwa idinga amaloli angama-21 kungakabalwa izindawo ezibanzi ezifana noMlaza, Inanda, iClermont nakwaMashu, nezinye ezinezibalo eziphezulu zabantu.
Kulesi simo kushayeke abantu abagulayo emakhaya abaphila ngemishini ebasiza ukuphefumula nedinga amanzi abanye ebasiza ezifweni zezinso.
Kuphinde kwashayeka namabhizinisi nemitholampilo eyahlukene ngenxa yokungabibikho kwamanzi.
Kulokhu kuphazamiseka, uMasipala ukhiphe isitatimende ebesithi ukuphazamiseka kwamanzi kungenxa yokucishwa kukagesi okwenziwa u-Eskom nokuphazamisa iziphehli zamanzi ezingama-33 sezizonke.
Esinye sezikhulu kuMasipala sihlebele elaboHlanga ukuthi akusikhona nje ukuthi inkinga imayelana no-Eskom ocisha ugesi kodwa kunobugebengu obenzakalayo obuthinta abanye osomabhizinisi.
“Inkinga yamanzi ijulile lapha eThekwini ngoba kunosomabhizinisi abathize abahlangana nezinye zezisebenzi ukuba kuphazanyiswe iziphehli zamanzi ukuze kuqashwe amaloli abo athutha amanzi bese ewayisa kubantu. Ngaleyo ndlela bakhokhelwa izizumbulu zemali uMasipala. Akugcini lapho kodwa kubuye kube nayizinkampani ezithize okusolekayo ukuthi zifike zilimaze imishini yamanzi ukuze uMasipala uzophinde ubuyele kuzo uyoyithenga. Nayo-ke ipolitiki iyadlalwa lapha ngoba uzokhumbula ukuthi ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yangowezi-2016 yokukhetha ubuholi be-ANC besifunda iTheku, kwaqhuma ipayipi laseMhlanga lamanzi ngendlela engaqondakali. Lelo payipi akuzange kuyiwe ngisho emigudwini yokukhipha ithenda kodwa kwasetshenziswa iSigaba 36 ukuba lilungiswe ngokushesha,” kusho lesi sikhulu esicele ukungadalulwa nangengozi igama laso.
Siqhube sathi okunye osekuyinkinga ukuthi ingqalasizinda yamanzi eThekwini isindala kakhulu ngoba nalena ekhona yayenzelwe idlanzana ngezikhathi zengcindezelo.
Izindawo okuthiwa lo mkhuba (wokulinyazwa kwengqalasizinda) udlange kakhulu kuzo kuseYellowwood Park lapho okuthiwa kwalinyazwa indawo okugcinwa kuyo amanzi.
Kuphinde kwavela nokuthi enye indawo okuthiwa ilinyaziwe isePinetown okuyiNorthdene kube seNtshanga lapho okunezigameko zabantu okuthiwa baphazamisa ukuya kwamanzi kubantu, bawavale bese kusebenza amaloli abo ukuwahambisa emphakathini.
UMnu uMabutho Mthwa waseKlaarwater uthe balimele ngalokhu kuvaleka kwamanzi ngoba sekubanjwa inkunzi ngisho amaloli amanzi abantu bafune aye ezindaweni zabo ngenkani uma behlangana nawo emgwaqeni.
“Isimo sibi ngempela ngoba wona uMasipala ugcine usukhipha amaphoyisa awo ukuba aphelezele la maloli amanzi noma ngabe aya kuphi ukuze angabanjwa inkunzi aphucwe amanzi. Lapha nje ngakithi kwenzekile sabona iloli libanjwa inkunzi livinjwa enye imoto baliphuca amanzi. Isimo lesi esingesihle futhi siyazibuza ukuthi amanzi aphela kanjani ekubeni sibhekene nengwadla yalesi sifo ukhuvethe, esidinga abantu bahlale besebenzisa amanzi ukuze babenenhlanzeko baphinde baphephe kuso. Okunye ukulethwa kwamanzi ngamaloli kuvele kwaba inkinga embi kabi kunokuba kube isisombululo ngoba awafiki ngesikhathi esifanele nokwenza abantu bacasuke,” kusho uMthwa.
Esinye isakhamuzi siveze ukuthi njengoba amanzi ebephelile aze abuya ngoLwesithathu, bekunzima kungayeki ngisho endlini yangasese ngoba kungaziwa ukuthi kuzokwenziwa njani noma kuzokhucululwa ngani.
ElaboHlanga lihambele oThongathi eHambanathi ngonyaka owedlule lafica amanzi engekho. Esikoleni samabanga aphezulu iNkosibomvu othisha nabafundi babe senkingeni. Kwabe kungaqali lokhu kuleli lokishi ngoba kuze kube ngosuku lwangeSonto eledlule ezinye izindawo bekuyima kubuya amanzi ayephele esikhathini esiyizinsuku eziyisi-6. Lesi simo senzeka nje izwe lisibekelwe wukhuvethe okuwumgomo ukuba kulandelwe isiko lokugeza izandla.
Okunye ukuthi ukhuvethe ludinga abantu bahlale behlanzekile kodwa lokhu bekungasenzeki njengoba amanzi ephela kanti nabantu abanye kukhona abagulela emakhaya abanemishini yokuphefumula abanye eyezinso edinga amanzi kodwa abagcine bedonsa kanzima.
Emjondolo yinsakavukela
UMholi wenhlangano Abahlali Basemjondolo, uMnu uSbu Zikode, uthe kulokhu kuphela kwamanzi abantu basemijondolo yaseThekwini bacela esigidini abahlukumezekile.
“Singasho nje ukuthi uMasipala lokhu okwenzile ukuba ungasinaki ngokusilethela amanzi njengoba bekunenkinga kuyefana nokuba umbulali. Empeleni besibulawa ngabomu ngoba selokhu kwaphela amanzi asikaze silethelwe lutho njengoba sizwa kuthiwa kwezinye izindawo bekuya amaloli kithi awakaze afike. Akukaze kufike ngisho lawa azosigcwalisela amathangi esafakelwa wona uMasipala. Ngakho ihlazo elibi leli futhi labo abaqondene nalo Mnyango ngithi kubo kufanele engabe banamahloni ngokwenzeka kithi ngoba abantu babhuqwa bhuqwa ukhuvethe namanzi awekho. Asigcini nje ngokuswela amanzi kodwa akuqoqwa ngisho udoti, angisayiphathike eyendle. Siphila ehlazweni ngenxa kaMasipala. Lapho sihlale sisho ukuthi sizimisele ukusiza lapho esingalekelela khona ukuze basincedise ukuphucula impilo yabahlali basemijondolo kodwa akwenzeki,” kusho uZikode.
UZikode ukusho lokhu nje uMasipala ubeke eceleni imali ebalelwa ezigidigidini ezingaphezulu kancane kwezimbili nengxenye kulo nyaka wezimali ukuze kubhekwane nokuqoqwa kukadoti bese kuba ezinye futhi izigidigidi ezimbili nengxenye zokuthuthwa kwendle.
Emalokishini khona kuthiwa isimo sibi njengoba amanzi ebengekho kodwa emigwaqeni eminingi akuhambeki ngenxa yokuqhuma kwezitamkoko kanti nendle iyageleza.
Lesi simo okukhalwa ngaso sibukeka emahositela singashayanga kakhulu njengoba uSihlalo wo-Ubunye Bamahositela, uMnu uMthembeni Thusi, ekuvezile ukuthi bona bakhala ngesimo sasemijondolo ngoba abathintekanga kangako kulokhu kuphazamiseka kwamanzi.
“Thina asizange sithinteke emahositela kule nkinga yamanzi ecasule abantu abaningi ngoba nasenkundleni yokuxhumana esibikelana kuyo zonke izinkinga zamahositela akekho okhale ngamanzi. Nokho siyacela ukuba uMasipala uqinisekise ukuthi uyangenelela emijondolo njengoba noZikode ekhala ukuze kuqinisekiswe inhlanzeko nokuphepha kwabantu njengoba kunokhuvethe ngoba sizoba nenkinga uma kuzoqhubeka kanje benganakwa abahlali basemijondolo,” kusho uThusi.
UMnu uShami Harichunder woMngeni Water ohlinzeka uMasipala ngamanzi ngesikhathi ethintwa elaboHlanga ukuze aphawule ngeqhaza labo ikakhulukazi mayelana nengqalasizinda nayo esolwayo ukuthi inomthelela kule nkinga yamanzi, uthe bona okwabo ukuthumela amanzi eThekwini njengakubo bonke omasipala kodwa abahlangani nengqalasizinda.
“Siyocela ukuba uthinte lona iTheku ukuze liphawule mayelana nendaba yengqalasizinda ngoba thina okwethu ukuhlinzeka ngamanzi kuphela njengoba senza nakwabanye omasipala,” kusho uHarichunder.
Okhulumela uMasipala i-Ethekwini, uMnu uMsawakhe Mayisela uthe abanalo ulwazi mayelana nezinsolo zokuthi kukhona abacekela phansi ingqalasizinda yamanzi kodwa uma kukhona izinsolo ezinjalo bacela zibikwe kwabomthetho.
“Mayelana namaloli ahlinzeka ngamanzi, uMasipala unamaloli angama-35 abhekene nokuhlinzeka ngamanzi uma kunenkinga,” kusho uMayisela.