Imikhandlu ikhathazekile ngokhuvethe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INational Coronavirus Command Council (NCCC) ihlangana ngasese ukudingida isimo sokhuvethe esikhona ezweni manje. Lokhu njengoba isibalo sabantu abanokhuvethe siqhubeka nokukhuphuka kanti ezinye izifundazwe ezinjengeGauteng neFree State sezingene egagasini lesithathu.
Kulindeleke ukuthi lo mkhandlu udingide izindaba ezehlukile mayelana nokuqalwa kwezinyathelo eziqinile zokunqanda izibalo ezikhuphukayo zabanokhuvethe.
UHulumeni njengamanje usemkhankasweni wawo wesibili wokukhipha umgomo wokhuvethe okuhloswe ngawo ukugoma abakhulile nalabo abanezimo ezihlukile zokugula.
Umkhandlu wotshwala ufuna ukuhlangana noMengameli
UMkhandlu Kazwelonke Wabahwebi Botshwala (National Liquor Trader Council) usuvele ubhalele uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi ufuna ukuhlangana naye lapho bezohlanganisa imibono neziphakamiso zamalungu awo nokwenza izethulo kuHulumeni ezizobhekana nezinselelo eziyingqayizivele ezibangelwe ubhubhane ukhuvethe.
Lo mkhandlu uthi ufuna ukuthola izixazululo ezizinzile noHulumeni ukunqanda ukusabalala kokhuvethe. Umkhandlu uthi abadayisi ababamele bagcina umthetho.
“Amabhizinisi ethu iningi labaphathi bawo ngaboHlanga futhi yibo abaqashi abakhulu nabanikeli abakhulu kwezomnotho zasemalokishini kanye nasezweni. Umkhakha wamathaveni ubiza ngaphezu kwezigidi ezingama-R60 minyaka yonke, ubala amaphesenti angama-80 kuya kwangama-90 wokuthengiswa kotshwala emalokishini kanye nokulinganiselwa kumaphesenti angama-43 okuphelele kokuthengiswa kotshwala. Singabahwebi botshwala abathobela umthetho, sinamalayisense okuthengisa imikhiqizo yotshwala elawulwayo, futhi engenazo izinto ezingekho emthethweni noma izithako ezingase zingakulungeli ukudliwa ngabantu, njengalezo ezithengiswa ngamabhizinisi ahweba ngokungemthetho,” kusho lo mkhandlu wabahwebi botshwala.
Umkhandlu uthi ukubonile ukwanda kokulaliswa ezibhedlela kwabantu ngenxa yalolu bhubhane, kodwa impi yokulwa nalo akufanele ibe nomthelela omubi emnothweni.