Ingulube encane: Icikoze ngombhobho



UDkt uMkhize ngumelaphi wendabuko, umbhali nongoti ezindabeni ezithinta isintu.
Kukhulu abasakazi besikhathi sanamhlanje abangakufunda emisebenzini kaBhodloza okungabasiza ukuthuthukisa amakhono abo nokuzibeka eqopheleni eliphezulu kulo mkhakha
Uma ukhuluma ngokusakaza usuke ukhuluma ngobugagu obungandele bani ngoba kuya nokuthi igagu lelo libeka ngabuphi ubuciko inkulumo yalo. Okusuke kube kubi ukuthi ngenkathi usakaza usuke ukhuluma ngqo nomhlaba wonke osuke ulalele kungekho ukuyibuyekeza inkulumo osuke uzoyisho noma osuyishilo. Kungakho kunenkolelo yokuthi akusuki nje kuwena ongumsakazi kumbe onekhono lokusakaza kodwa lisuke likhona leli gagu lakini elikhona ezilontweni zomsamo nokuzalekwa kwakho.
Ukusakaza emsakazweni
Baningi abakufisayo ukukwenza lokhu, kodwa kukhona lokhu okufanele sikubheke uma sikhuluma ngakho. Ubugagu bokukhuluma, ubugagu bolimi olulusiba okufanele lulobe ngokushesha, ngokuhambisana nemicabango nengqondo ejulile. Nakuba kwenzeka lokhu kufanele kuhambisane nobuciko, bokudlalisa ngolimi okhule ngalo waluncela, ngoba inhloso yomsakazo kusuke kuwukukhulisa ulimi, ukuze isizukulwane singalahlekelwa, futhi singanikezwa okungesikhona. Uthi usakaza ube ucabanga ngesiko nemikhuba yaleso sizwe, ukhumbule ulimi luwumthwali wesiko kokubili kungamawele ancelisanayo.
Uthi-ke noma unesifiso sokukwenza lokhu kuphinde kube khona isiduli esiligquma: Ilizwi/iphimbo lalowo osakazayo. Kukhona amaphimbo amnandi, kukhona amaphimbo okungathi ungalokhu uwezwa enkeneneza ezindlebeni njengengoma olukhu udamane uyiphinda phinda ungadeli. Ngakho esikhathini sakudalo abasakazi boHlanga esingaqhakambisa kubona, kwakuqashwa abantu ababengothisha ngoba kukholakaka ukuthi iphimbo labo lihle, nokukhuluma ngeke kulokhu kuba inkinga, ukujula nokucabanga lapho umuntu ekhuluma, nokushesha komqondo kukuyena lo muntu ngoba ufundile efundela ubuthishela. Kwabe kuwukucabanga kwabamhlophe okuyibona ababephethe iziteshi ngaleso sikhathi, esingasho sithi kwabaphumelilsa ngoba maningi amaqhawe aziwa aduma kulo mkhakha wokusakaza.
UBhodloza njengomsakazi
Kwesengikubalule ngasenhla engithe angivule ngakho, abasakazi abaningi babephuma emakhaya ngoba ukuzalelwa nokuhlala elokishini kwabe kuseyinto eyayisabukelwa phansi. Abasakazi abaningi ababesakaza eziteshini zingaphansi kwenhlangano yokusakaza kuleli uSABC aboHlanga babephuma ezindaweni zasemakhaya. Abantu ababelusile, amasiko nesintu bekhulele kukhona. Umuntu bewumuzwa ngendlela aphimisa ngayo amagama ukuthi lo-ke uphuma enhla, noma ezansi nezwe. UBhodloza esaqala emsakazweni wayezwakala ngokuthi athi uma efunda izindaba umuzwe ethi: “Nazi izindaba zawani” kunokuthi athi; “Nazi izindaba zikawani”, okwakungasho ukuthi akulungile kodwa kuyilokhu okuthiwa ulimi lwesigodi.
Ukufika kwakhe emsakazweni ufika ngesikhathi ukusakaza kuwumsebenzi wokwenza konke. Kwakufundwa izindaba, ukuqopha izinhlelo ezazidlala engekho umsakazi, kokunye ungene ngempelasonto uMgqibelo neSonto, kokunye usakaze bukhoma imikhonzo eyayifundwa phansi ngaleso sikhathi. Konke wawuzihlelela wena, ungene wedwa lapho egunjananeni elincane lokusakaza.
Inselelo kwabe kuwukuthi kufanele ube nomfanekiso ogcwele wabantu abakulalele. Ukuze uzehlukanise kwabanye kuyinto eyayisemqoka. Kulapho-ke abasakazi babefike badlulisele khona amakhono abo uma besakaza bukhoma noma benza izinhlelo zabo, ngoba akekho owayethi khuluma kanje.
Emqulwini engawubhalela iziqu zobudokotela: ‘The Spoken and the Written Word: Stylistic Creation in Black Broadcasting”, ngangicubungula amakhono abo bonke abasakazi beziteshi ezazisakaza ngezilimi zoMdabu kuleli. Bonke babekhomba ukuzibongela bengena ezinhlelweni zabo, nokuzithopha.
UBhodloza wayehluke ngokuthi yena izinto ayezithopha ngazo wayenza isiqiniseko sokuthi kuyahlekisa.
Wayekuthatha kakhulu ezintweni azibonile mhlawumbe nkathi ezihambela kokunye eya ekhaya kokunye ekuzwe ndawana thizeni lapho kade ekhona. Kunomsakazi owayejwayele ukuthi athi uma esakaza ibhola athi: “Walibamba umfana walinikeza owangakubo- kahleni bafana”, lo msakazi ekusho lokhu ngoba amagama abadlali engawazi, uBhodloza kulapho athatha khona ithuba ukuthi azisebenzisele lokhu ezinhlelweni zakhe. Uma exoxa indaba yakhe ngeNgulube Encane, uthi kukhona ichwane lengulube ekhaya abalikhuza selingene endlini lasishaya lasivala isijingi sotshwala esasibekwe lapho, bathi beqambe belikhipha kwase kuphele konke. Isalukazi sakhala ngengulube encane. Kulapho kwasukela khona ukuzibiza ngeNgulube Encane.
Wathi esakaza ngelinye ilanga washayelwa izinsizwa ezazise-Emerlo zimbikela ukuthi kunensizwa esiqhutshwa ngebhala, nebala wakuthatha lokhu wakusebenzisa njengento yakhe. Ekhula ekhaya ukhulele emndenini obunezinsizwa zengoma nendlamu. Ube nabafowabo oJibha Nomtshikolo ezazishaya isiginci nenkositina. Kuyacaca ekukhuleni kwakhe into lena eyayingaphakathi kuyena. Akumangazi-ke uma usuthola eqhakambisa umculo wesintu kangaka, umaskandi, ucothoza umculo wezinsizwa, umculo wombhaqanga, ngoba kwabe kuyinto ekhulele kuyona ingaphakathi ekhaya esibayeni sakubo. Abasakazi abaningi nabo babeqamba izinto zabo abazisho emoyeni, kodwa yena wayeme ngokuba ngumuntu phaqa, eyisintu ngisho ekhuluma esesakaza uzwe kukhuluma insizwa yasemakhaya phaqa.
Ukusakaza kudinga ukukhulisa nokuthuthikisa ulimi osuke usakaza ngalo, yena wayengeyena umuntu owayeqhamuka namagama amasha njengoThokozani Nene, kodwa wayechumisa kakhulu into ezohlala kumlaleli ibe lihlaya, okuthi noma engena emoyeni akhunjulwe ngayo.
Kungakho nanamhlanje uma ukhuluma ngaye kusheshe kuthiwe usho uNgulube Encane, amahlaya okuqhutshwa ngebhala kucatshangwa ngaye, izisho ezifana nokuthi “Woza Nawe” ezazidume entsheni ngaleso sikhathi kodwa yena wakuthatha wakuneka njengehlaya.
Ukwehluka kwakhe
Ingwe idla ngamabala. UBhodloza ukwenzile lokho. Izinto abe nazo uzisebenzisile okungelula omunye azithathe kalula. Ngaphezu kwalokho izwi nephimbo lakhe ubengomunye wabasakazi abebelisebenzisa. Kulokhu singabala abasakazi ababefana noStanley Boy Radebe, uDalton Thamsanqa Ngwenya, uSaggeus Thwala ababedlisela ngamazwi abhodlayo. Kungakho-ke nje agcina kuthiwa iMbhodlomane, ngenxa yezwi lakhe. Laligqama kakhulu lapho esefunda izindaba zona ezazidinga isizotha.
Intuthuko nakwabanye ibonakale lapho, esephethe isiteshi somsakazo. Uhlulekile ukuzibamba, ngokuthi abasakazi abakhombile bonke ubefuna leya nto afikela kuyona emsakazweni hhayi lokhu esikubona namhlanje kwezokusakaza. Ukwelusa kumkhulisile ngokuthi ungahlulwa omunye umfana oweluse kwenye intaba.
Kungakho abasakazi abaqasha ubebaphilisa ngokuthi uma besakaza kufanele njalo bahlale: “Bemba umgodi” ukuze ozokulandela akhalakathele.
Ukulamula, nokuthuthukisa kwakhe abantu akuyona into yanamhlanje, into afika nayo emsakazweni, ngoba kuyashiwo ngisho esesikoleni wayenjalo. Lokhu kusishiya nesithombe somuntu owayengesabi ngemvelaphi yakhe, ngokungafiki enze sengathi uzalelwe edolobheni kungenjalo kodwa uqhakambise ubukhaya nobunsila bomndeni wakhe nomphakathi aphuma kuwona.
Okungayothathwa muntu kuBhodloza
Zikhona izinto esingathi zingathatheka kumuntu, kodwa uBhodloza segathithi okwakhe kuphume eceleni njengojosaka. Izisho zakhe ezinamahlaya ezingatholakali ndawo. Ukubongela ngendlela yakhe enohleko nensini phakathi. Kuze kube namhlanje sithola izinsizwa esezikwazi ukuthi zizibize ngamabhinca, kusukela kuyena uBhodloza. Ilokhu-ke esethembe abasakazi abasele ngeke bakukopele kodwa bazofunda kukhona.
- UBhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize, Umsunguli/Mphathi Umsamo Institute, Isigodlo SaseMlambomunye.