Now Reading
Sihlukaniswe umngcele kuphela, simunye nabaseMozambique
Dark Light

Sihlukaniswe umngcele kuphela, simunye nabaseMozambique

Kunamalokishi ambalwa eMozambique lapho amaPutukezi abakhela abahlalisa kuwona aboHlanga ngokobuhlanga.

Kuyabonakala nakhona eMaputo ukuthi amaKoloni asePortugal nawo ayekholelwa enqubeni yokubusa ngokuhlukanisa aboHlanga idivide and rule system.

Ukucaphuna sibona ngoba aboHlanga baseZavala, abaTsopi bakhelwa ilokishi iGwembeni, iMahalambeni, neXakana (iShakana) noChidembweni. Lokho kwakwenzelwa amaThonga ayesebenza emadolobheni.

Uma sibalula ngamaKoloni ngokomlando sithola ukuthi afika khona kunoBukhosi obabubuswa iNkosi uChangameri Dombo. Kube uBukhosi ngaphansi kweNkosi uSoshangane Ndwandwe nokunguye okwasunguleka isizwe samaShangane eMaputo. Amanye aMakhosi kwakunguXaba, uMsane, noKhoza. Kanti kunoBukhosi futhi obutholakala khona bakwaTembe. Busahlonishwa kakhulu uBukhosi.

Uma siqhubeka sisabathola futhi eManhica eMaputo kubo kaMnu uVusi Leonardo nodadewabo uLindiwe Manhica (Manyica) ababezibiza ngabakwaMsomi ubaba wabo evela khona nesasifunda nabo ngowe-1970. Basahlala khona KwaMashu esigcemeni sakwa-F emgwaqeni uVilakazi. Basalukhuluma kahle ulimi lwakubo kanye nesiZulu njengamanje.

Sasinabo futhi obaba oChiluvane (uShiluvane) omuzi wakhe uKwaMashu, esigcemeni sakwa-C, emgwaqeni uMnini kanti sasifunda nenye yamadodana akhe ngowe-1978. Babengomakhelwane bakamalume uNdoda, uJohn, uKopi, uMkhosana Biyela. Wayedume ngelikaMkhosana.

Laba ngaboHlanga abakhuluma isiZulu njengawo wonke amaZulu eNingizimu Afrika. Uma ucubungulisisa uyathola ukuthi abalapha ezweni nabaminyaka isuka kuma-55 kuya phezulu ubudala, iningi labo aliwunakile lo mlando ngabafowethu nodadewethu. Kubuhlungu lokho.

Asikhumbuzane muzi wakwethu futhi umlando ukuthi kubona kuvela izibongo ezisabalele kwelikaMthaniya kanye nezwe lonke. Bayizingane zasekhaya nezinqotho zazo.

Uma sikha phezulu siyabathola abesibongo sakwaNxumalo, sakwaLanga, sakwaGasa, sakwaNdlovu, sakwaMtshali, sakwaMasinga, sakwaMasango, sakwaMathe, sakwaNgcobo, sakwaHlophe, sakwaMsane, sakwaSithole, sakwaMsibi, sabakwaManyisa, sakwaKhoza, sabakwaMwandla, sabakwaMthembu, sabakwaMbhele, nezinye.

Kafushane nje uzothola ukuthi emngceleni eManguzi, koMkhanyakude, koPhongolo kwelikaMthaniya isimo sakhona sokwakheka kobuso babo sithi asifane nesabaseFroteira, nesabaseGaza okuyiseMaputo.

Sengake ngakwelamela, ngakubukisisa kaningi impela ukuthi ungacishe udideke uze uzitshele ukuthi umZulu wase-Eshowe ngoba siyefana uma ubabheka nje ngenkathi bezithulele ngenkathi nawe ungajulile kangako.

Kanjalo isimo esifanayo bayefana ngethambo njengoba besondelene neMozambique abasemngceleni eMulanje eMalawi, kanti igama lentaba iMulanje lelo. Kanti uma ungapha eMozambique uzothola ukuthi bayibiza bathi iMuranje.

Lapha sizobuka noma sizoqaphela okunye esingakunakile lapha eNingizimu Afrika okuwukufana kwenye inkathi kwamanye amagama olimini lwesiZulu nesiShangane.

Ngaphambi kokuba siqhubeke ukuhlwaya kancane nokucoshacosha sithola ukuthi leli elithi isiShangane aligqamile kangako, lazimela lodwa lathi qekelele emibhalweni eminingi. Asazi ukuthi kwadalwa yini lokho.

See Also

Okunye lapha uma unodlebe ngempela indaba yokuphinyiswa kwezinhlamvu zamagama esiShangane okube sengathi bakhuluma isiPutukezi. Yebo kuyafakazeka ukuthi saba nawo umthelelela isiPutukezi olimini lwesiShangane.

AmaZulu akhe oPhongolo, eNdumo, eManguzi, eKosi Bay, eSaint Lucia Bay, oBonjeni, okuthi uma ulalela ukuphimisa kwabo amanye amagama esiZulu kuzwakala sengathi abakwelinye izwe. Njengoba sazi kudalwa ukuthi ezinye zalezi zingxenye ziseduzane nezwe laseMaputo.

Okunye azandile izichazamazwi zolimi lwesiShangane yize bebaningi abakhuluma isiShangane. Ngakho-ke kugqama isiTsonga lakhulu.

Asibone amanye ala magama ngezansi ukuthi sintongelani kanti sicakulani ngabo thina abaseNingizimu Afrika.

Lapha ekubizeni sibezwa bebiza bethi indlu ngesiShangane njengoba nasesiZulwini kubizwa kuthiwe indlu. Kanti uma uzothi ufudu nangesiShangane bazothi ufudu. Uma uzothi iduku ngesiZulu nangesiShangane nabobathi iduku. Igama isilevu libizwa ngendlela efanayo neyesiZulu. Empelani maningi kabi amagama afanayo abawakhulumayo ahlobene nesiZulu.

Uma siqaphela lapha uManyica lona ochaza isibongo ubhalwa uManyica bese kuthi uhlamvu u-c ujobelelwa ngomugqa ezansi. Kanti uManyica onjena usuke uchaza uManyika okuyisizwe sakhona eMozambique futhi esitholakala eZimbabwe.

Ngenxa yolimi sibe sesithola ukuthi  udadewabo kaDavid igama langempela u-Aninhas Mbere (u-Annah Mbhele). Bazalwa nguMnu uSalvador Mbere baseManyica. Uma kushiwo uSalvador uchaza umuhulushi (umbonisi).

Scroll To Top