Now Reading
Ubungozi bokugqilazeka kwengqondo ngenxa yencindezelo
Dark Light

Ubungozi bokugqilazeka kwengqondo ngenxa yencindezelo

Kukuthina ukuzikhipha emaketangweni engcindezelo nokudiliza umjondolo kaNgcindezi ezingqondweni zethu 


Nixole nina benkayishana kaMenzi eyaphuz’ umlaza ngameva, nixole nina bakaPhunga nomaGeba ukunyamalala isikhathi eside kangaka kule ngosi. Isililo senu sizwakele. Sibonge ezikhulwini zephephandaba ezisivumele ukuba siqhubeke nomsebenzi – umsebenzi wokuncinda odengezini lwaseKhemethi – lona elingangcoliswanga ngabakwaNgcindezi. 

Ayikho into eyingozi njengengqondo ecindezelwe ngoba kuthi noma umuntu esekhululekile, isale le ndoda emfishane, encane, ehlala ngaphakathi emathanjeni yengqondo, ilokhu iqhubeka njalo nje itshela ingqondo ukuthi ‘ayingakwenzi lokhu, kodwa mayenze lokhuya’. Njalo nje nxa umuntu ethi wenza lokho okukhombisa ukuthi usakhululeka phela ezweni lawokhokho bakhe, iqhamuke le ndoda encanyana ithi: ‘wenzani manje, ubani othe yenza lokho? Uyothi uyabona umuntu wakithi useyeke phansi lokho abethi uyakwenza, usephindela emuva kulokho abekwenza lingakakhululeki izwe. Thina beNguni le ndoda siyibiza ngoNgcindezi.  

Ubone indoda yomZulu, ithi uma ihlabile emzini wayo, ibe nokwesaba ukugqoka izevatho zesintu, ize yesabe ngisho ukufaka isiphandla uqobo. Yilokhu kwesaba okwenza izinto zosikompilo lwakho lubekeke engcupheni ngoba yikho kanye okusibamba ukuthi singaqhubekeli phambili nomshikashika wokuqhakambisa imvelaphi yethu.  

Uzwe umuntu ethi: “Cha, mina ngikhule ekhaya kusontwa enkolweni yamaKhrestu” kumbe athi: “Thina sikhule ekhaya sisonta eLuthela”. Omunye umuzwe ethi: “Cha ngeke nje ngithi sengimdala kangaka ngiqale phansi ngigqoke izikhumba zezilwane, ngishise impepho, ngenze zonke lezo zinto zobuqaba”. Omunye umuzwe ethi: “Uba? Ngifundisiwe mina, amajazi eziqu angikakile. Angikwazi ukuphindela ebumnyameni”. Uyezwa-ke ukuthi imfundo le nayo ibuye ibe isithiyo esikhulu. Ubokwazi ukuthi aboHlanga abakhuluma kanje, basuke bebanjwe yile ndoda emfushane (uNgcindezi) eseyaba neqhugwana layo la engqondweni yomuntu njengoba  ingafuni nje ukuphuma. 

Uzwe omunye ethi: “Eyami ingane ngifuna iyofunda ezikolweni zabelungu, ngoba phela ngifuna ikhulume isiNgisi, hhayi isiZulu”. Ukukhuluma ulimi lwakho, okuyilo oluqukethe usikompilo yakho, kumuntu ocindezelwe uNgcindezi kuyinto ebaluleke kakhulu. Ngoba naso isiNgisi lesi, uma usuzosazi ngaphezu kolimi lwakho lwebele, bhasobha, sekukhona ingozi lapho.  Ngenkathi kuqala kuvunguza umoya wenkululeko kusukela ngeminyaka ye-1950, abanye bethu basebeyekile ukubiza umlungu ngo‘Basi’, kodwa obaba nomkhulu abakhulela engcindezelweni, babekubuka ngamehlo okungabi nanhlonipho uma uzombiza ngegama lakhe umfana woumlungu uthi “James”. Kodwa yena umfana womlungu wayekwazi ukubiza umkhulu wakho noma uyihlo ngegama lakhe, okuyinto thina boHlanga esingayenzi. 

Asimbizi omunye umuntu ngegama lakhe, kodwa simbiza ngokumthakazela. Kodwa aboHlanga banamhlanje, asebamkhipha uNgcindezi, basho kahle bathi: “Hheyi wena mlungu, ungangihlanyeli lapha”. Abesebona umlungu ukuthi, cha, ayingangaye, ehlele ngezansi. 

Ngakho-ke ngisho ukuthi inselelo enkulu kithina boHlanga ukuzikhulula thina uqobo emaketangweni engcindezelo. Akekho umuntu oyosikhulula uma singasukumi thina. Le ndoda emfushane eseyakha umjondolo ezingqondweni zethu kudingeka siyihlasele ngezikhali ezinzima, siyishaye iphume iphele kithi. 

Inkinga enkulu yikuthi siyikhipha kanjani la ezingqondweni zethu. 

See Also

Elinye ikhehla lakwaNgubane, elalingumbhali wezincwadi eziningi, eselahamba emhlabeni, engangincela kulo izinto eziningi, lalivamise ukuthi lithi: “Uyabona Ngcolosi, abelungu bashiqeka usungulo olubomvu la ebuchosheni bethu, yingakho sinjena nje, kwasekusha imithambo yengqondo”.  Abesethi okubalulekile ukuthi: “Iva likhishwa ngelinye”. 

Khumbula mhlobo wami ukuthi umlando usitshela ngezigameko ezibuhlungu lapho, uma ngenza nje isibonelo, ukuthi inkolo yamaKhrestu yafakwa kanjani emilonyeni yaboHlanga. Kwakuqhuma isibhaxu, uma ungafuni ukulalela, wawuthunyelwa kwagoqanyawo kumbe udingiswe ezweni. Ukuze uhlale kahle ezweni kwakudingeka uhloniphe abakwaNgcindezi, uvume konke abakushoyo nabathi kudle. Uvume inkolo leyo abayishoyo ukuthi yilandele. Okungenani babekwazi ukukupha ukudla, izingubo, nokunye okuningi ukuze uvumele umthetho wabo.

Konke lokhu kwakuwuhlelo lokubulala aboHlanga, bafe bephila, ngoba ukungazazi ukuthi ungubani nokuthi ithini imvelaphi yakho, kusho ukuthi uyilulwane loqobo. Noma ungafunda kangakanani, noma ungaceba kangakanani kodwa uma ungayazi imvelaphi yakho, usenkingeni.  

Ngakho-ke ukususa le ndoda emfushane ezingqondweni zethu, ukwenza konke okusemandleni ukusuthisa umqondo wakho ngeqiniso ngoba isikhathi esiningi asiphili ngaphansi kweqiniso, kodwa sivamise ukuphila ngaphansi kwamanga. Lokhu kusho ukubhekisisa, ubuze, ucwaninge ukuthi lento ephambi kwami iyini, yavelaphi, yafika kanjani lapha phambi kwami. Kodwa okubalulekile ukuzibuza ukuthi lokho okwenzayo kuyahambisana nosikompilo lwakho.

Scroll To Top