Now Reading
LISAQHUBEKA IHLAZO NGESANDLWANA: Amagama amaqhawe awekho
Dark Light

LISAQHUBEKA IHLAZO NGESANDLWANA: Amagama amaqhawe awekho

Intwasa kaMasingana imqoka kuZulu nasemlandweni waseNingizimu Afrika ne-Afrika. Namuhla ngoLwesihlanu zingama-22 kuMasingana umhlaba ukhumbula isigameko lapho uMkhumbi WeMpi kaZulu ngaphansi kukaJininindi Omnyama, INgonyama uCetshwayo kaMpande wabambana phezulu wadla umhlanganiso kubhekenwe namaNgisi. 

Nonyaka kuphela iminyaka eli-142 yobuqhawe bamadelamzimba amelana nabafo, okwabe kuyiziqhwaga zamaNgisi eSandlwana. Umlando wale mpi uvusa usinga kubo bonke labo ababecindezelwe ngoba kukhona ukuvumelana kwaboHlanga jikelele ekutheni lapha uZulu wabe ungazimele nje wona kepha wabe ulihawu lama-Afrika empini yokulwela inhlabathi.

Khona lapho kunokuvumelana ekutheni umhla zingama-22 kuMasingana ngowe-1879 waba yisiqalo sosizi kuZulu kanye nakubacindezelwa kuleli. Impi yaqala mhla zingama-22, yadlula yayobhixana eShiyane, kwaKhambule, eHlobani yaze yayophelela Ondini mhla zizi-4 kuNtulikazi ngowezi-1879. Kuso leso sikhathi uZulu waphambanisa ulibo labakwaBonaparte (Napoleon) ngesikhathi ibutho likaZulu lidla iNkosana yamaFulentshi eyabe yaziwa ngelePrince Imperial. Nali ihhotela eMsunduzi liqanjwe ngaye.

Isiphetho saguqula kakhulu isimo sikaZulu. ISigodlo, igugu elikhulu likaZulu, sashiswa saba umlotha. INgonyama  uCetshwayo kaMpande yaboshwa yabuye yadingiswa. 

Okwathunaza kakhulu uZulu kwaba ukuqedwa kwamandla eNgonyama ngokwesiko nangenqubo kaZulu kodwa yanikezwa amandla ngokobukoloni. Yize iSigodlo sasOndini sashiswa, kwaboshwa, kwaba nokuthunazwa nokudingiswa kweZingonyama. Kuma-Afrika jikelele, ikakhulukazi kuZulu impi yaseSandlwana imele ukuzigqaja nesibindi kwazise kwaba yimpi lapho amabutho kaZulu ekubuseni kweNgonyama uCetshwayo kaMpande alwa ngesibindi. Ayevikela isiko nombuso emaNgisini ayegcwaneka futhi ehlasela.

Phezu kwalo mlando ojulile kunechilo eliqhubekayo lokungaqoshwa kwamagama oMkhumbi wabavikeli bakaZulu. Kunalokho kunohlu lwamagama amaNgisi ayengabahlaseli. Amagama angekho laphaya eSandlwana awumlando nobufakazi bokuthi aboHlanga laba namuhla asebelisho ligcwale elokuthi bakhululekile bazalwa ngobani. 

Ukungabi bikho kwabo kugebhula ingxenye emqoka emlandweni waboHlanga. AmaNgisi okwabe kuyiwo abahlaseli ayabazi ubumqoka bokuqopha amagama yikho ekhona amagama awo. Yikho la magama engagcini ngokuqoshwa lapha eSandlwana, eMgungundlovu naseThekwini kepha akhona ngisho kwabo eBritain. Abahlaseli bamaNgisi nanamuhla kwabo bathathwa njengamaqhawe.

See Also

Nakulo nyaka njengoba sihlale senza njalo ngalolu suku sigqugquzela izizukulwane zamaqhawe empi yaseSandlwana akuHulumeni ukuba akhumbule iqhaza lokhokho babo. Sigqugquzela uHulumeni waKwaZulu-Natal ukuthi uqophe amangama awo wonke amaqhawe namabutho ngokwezigaba zawo. 

Sinxusa ukuthi wonke amabutho kaZulu alele eSandlwana athathwe njengamaqhawe ezwe. Lokhu kokuthi kuthi salokhu safundiswa  ngamagama abahlaseli sengathi babelwa bodwa noma babeyizisulu. 

KuZulu naboHlanga bonke sithi kulokhu akudwetshe umugqa, akufakwe ingcindezi ukuthi abazali bethu abasala nabalwa eSandlwana bahlonishwe ngoba simi lapha sikhona nje kungenxa yabo. Uyadela wena osulapho!

Scroll To Top