Now Reading
Kukhona okunyonyobela uSuthu ne-Arrows
Dark Light

Kukhona okunyonyobela uSuthu ne-Arrows

UMKHOKHA wokugawulwa yizembe kwamaqembu aKwaZulu-Natal ayibamba ku- Absa Premiership, ubonakala usazolokhu uqhubeke njalo nokugadla uma izikhulu zala maqembu zingafundi emaphutheni amadala. Kuyinto esejwayelekile ukuthi njalo nxa kusongwa isizini, elilodwa lamaqembu aphuma KwaZulu-Natal lizovika izembe noma ligcine seliye kwalasha kuNational First Division (NFD). Ngesizini yezi-2006/07 iMaritzburg United igawulwe yizembe njengoba kwaphela leyo sizini inamaphuzu angama-21 emidlalweni engama-30. Empeleni ngesizini efanayo noSuthu lagawulwa yizembe njengoba laba sendaweni ye- 15 ngamaphuzu angama-28 emidlalweni efanayo.

Ngesizini yezi-2013/14 iGolden Arrows nayo ishone khona kwalasha kuNFD, ngesikhathi icijwa uShaun Bartlett owathatha isizini isiya ngasekupheleni. Kuthe ngesizini elandelayo yezi-2014/15 babuya Abafana Bes’thende kwabe sekugawuleka uSuthu ngaphansi kukaSteve Barker owayelucija ngaleso sikhathi. AmaZulu aze abuya kule sizini eqale ngoNcwaba ngephepha ngemuva kokuthenga isitifi keti seThanda Royal Zulu eyadla umhlanganiso kuNFD ngaphansi kukaRoger Sikhakhane owayecija aMabhubesi. Uma ungabala izikhathi lapho amaqembu aKwaZulu- Natal esinde khona ezembeni elwa kunzima eminyakeni eyedlule kungagoba usiba lolu esibhala ngalo, kuphela nesikhala samagama. Lokhu kuyizinkomba zokuthi kukhona lapho izinto zingahambi khona kahle kula maqembu, nokuyinto okufanele ilungiswe ngokushesha ngabaphathi bala maqembu uma bewakhathelele amaqembu abo negama lesifundazwe uqobo.

Okufi ke kudide kakhulu ukuthi cishe wonke amaqembu ali-16 ayibamba ku-Absa Premiership, ikakhulukazi lawo athathwa njengamakhulu okuyiKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns abadlali abaningi abadabuka KwaZulu-Natal. Eminyakeni eyedlule umfundi welaboHlanga angafakaza ukuthi amaqembu aseGoli abegabe ngabadlali baKwaZulu-Natal emaqenjini abo. Lapha singabala uSiyabonga “Bhele” Nomvethe (osadlala namanje oSuthwini), odume kakhulu kuChiefs ngaphambi kokuya phesheya. Ngeke lasala negama likaSibusiso “Rhee” Zuma naye owenza izimanga kuPirates ngaphambi kokuya phesheya kwezilwandle. Baningi abanye abadume eminyakeni eyedlule, abanye bayibambe njengamanje, abangumnsinsi wokuzimilela KwaZulu-Natal abenza into yamehlo emaqenjini amakhulu aseGauteng. Okufi ke kuxake ukuthi kungani pho amaqembu akulesi sifundazwe athwale kanzima ku-Absa Premiership, uma ikhono nabadlali abasezingeni eliphezulu iningi labo liqhamuka kulesi sifundazwe? Kusasa uSuthu luzodlala omunye wemidlalo ebalulekile kule sizini ngaphansi kwe-Absa Premiership lapho luzotholana khona nomkhaya iGolden Arrows, eKing Zwelithini Stadium, ngehora lesi-8 ebusuku.

Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kuNyokana Eluhlazana ngoba uma lungathola amaphuzu aphelele uSuthu lungaphuma endaweni eyingozi elikuyona njengoba lulengelwa yizembe nje. Kumanje ezikaCavin Johnson zisendaweni ye-14 kulogi ngamaphuzu angama-20, emidlalweni eli- 19. Ukunqoba ngoMgqibelo kungawenza athole ukuphefumula enyukele endaweni ye-10 noma ye-11 (kuye ngokuthi kweminye imidlalo kudlalwe kanjani). Kepha nabo Abafana Bes’thende abacijwa uClinton Larsen bathwele kanzima njengoba besendaweni yeshumi kulogi ngamaphuzu angama-23, emidlalweni eli-19. Uma i-Arrows inganqoba umdlalo wayo noSuthu ingangena khaxa kuTop 8.

See Also

Ngesikhathi la maqembu egcina ukuzwana amandla emlenzeni wokuqala wawubanjelwe ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMandulo nyakenye, Abafana Bes’thende balobola uSuthu ngamagoli ama-4 kweli-1. Okucaca bha ukuthi AmaZulu azofuna ukuziphindiselela komkhaya wabo nakuba kungelula neze ngokusho kukaMandla Ncikazi oyisekela mqeqeshi ku-Arrows. “Lo mdlalo ubaluleke emaqenjini omabili ngoba uSuthu lufuna ukusuka kule ndawo engeyinhle olukuyona, kanti nathi sifuna ukungena kuTop 8 futhi asifuni nakancane ukushaywa emdlalweni womkhaya. Womabili amaqembu ngicabanga ukuthi ayakuqonda ukuthi umdlalo uzoba nzima kakhulu ngoMgqibelo futhi silindele AmaZulu ashintshe kakhulu kulawa esawashaya ngamagoli ama-4 kwelilodwa ngonyaka owedlule,” kusho uMandla Ncikazi obumuzwa ukuthi ulindele impi kulo mdlalo.

Scroll To Top