Ayisalanga iBanyana Banyana ekukhinyabezweni wukhuvethe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Leli qembu lidunguza ebumnyameni ngezinhlelo zalo zakulo nyaka okuyinto engaba nomthelela omubi kubadlali balo abanamaphupho okuzibonakalisa emaqenjini aphesheya
Eminyakeni emibili edlule iqembu lesizwe likanobhutshuzwayo labesifazane iBanyana Banyana lenze into encomekayo liphakamisa ifulegi lakuleli ngokuhambisa inqwaba yabadlali beyodlala emaqenjini aphesheya kwezilwandle.
Kulabo badlali singaba uThembi Kgatlana noNoko Matlou abadlalela iqembu laseSpain iSD Eibar, uRefiloe Jane odlala ku-AC Milan yase-Italy, uBambani Mbane weFC Dinamo Minsk yaseBelarus, uLetago Modiba we-ALG Spo yaseTurkey, u-Andisiwe Mgcoyi we-Apolonia yase-Albania noJermanie Seoposenwe yena odlalela iReal Betis yaseSpain.
Okuyikho okubukeka kwenze iningi labadlali beBanyana Banyana bakwazi ukuthola amaqembu phesheya kwezilwandle ukuthi babe nemidlalo eminingi nokwenza amaqembu akwazi ukubalandelela abadlali.
Njengoba iminxa yemidlalo imisiwe nje ngenxa yokhuvethe kuze kube imanje akukashiwo lutho ngezinhlelo zaleli qembu.
ElaboHlanga likhulume noyisekelela lomqeqeshi uThinasonke Mbuli, olekelelana noDesiree Ellis, ngalesi simo.
Eqala ekhuluma naleli phephandaba uvele wakhala ngokhuvethe njengawo wonke umuntu.
“Eminyakeni emibili edlule izinto zisihambele kahle kakhulu, sikwazile ukuthi sikhiqizele amaqembu aphesheya kwezilwandle inqwaba yabadlali nokuyinto enhle kakhulu. Ngeke ngaqamba amanga ukufika kokhuvethe kuphazamise kakhulu impela. Ngikhuluma nje asinalo uhlelo esisebenzela ngaphansi kwalo, angazi ukuthi umdlalo wethu wokuqala wakulo nyaka uzokuba nini. Ukungabi bikho kwemidlalo kuchaza ukuthi kuzoba nzima kwabanye abadlali ukuthi bathole amadlelo aluhlaza ngoba phela ngeke beze babonakale, okuyikho okade kusiza abadlali abafana noKgatlana noJane ukuthi besidlala imidlalo yesihle namazwe amakhulu emhlabeni,” kusho uMbuli.
UMbuli igama lakhe liyohlezi likhona emiqulwini yabaqeqeshi abaqopha umlando befaka okokuqala iBanyana Banyana emidlalweni yeNdebe YoMhlaba eyabe iseFrance.
Ebuya eFrance waqokwa njengenhloko yabaqeqeshi beqembu lesizwe lakuleli elaliye kumaWorld Students Games ayeseNapoli, e-Italy.
Le ntokazi eyazalelwa eMkhondo esifundazweni iMpumalanga iphinde ibe ngumqeqeshi we-University of Western Cape (UWC), egijima kuligi enkulu kuleli iNational Women’s League.
“Yize kubuhlungu ukuthi abadlali kusekude ukuthi badlale ngenxa yokhuvethe. Ngisho nemidlalo yeligi engaphansi kweSASOL nayo ayikhulunywa indaba yayo. Kodwa iqiniso lithi okuyikho okubalulekile impilo,” kusho uMbuli onesitifiketi sokuqeqesha seCAF A License.
Ebuzwa ukuthi indlela abadlali abaphesheya kwezilwandle abadlala ngayo iyamjabulisa yini uthe: “Njengomqeqeshi ngiyabalandela abadlali ukuthi benza njani emidlalweni yabo, lokho kusho ukuthi ngiyayazi indlela abenza ngayo. Engingakusho ukuthi ngiyajabula kakhulu ngoba benza kahle ikakhulukazi laba badlali abayizethenjwa zeBanyana Banyana. Bayalithoba ithuba lokudlala benze kahle bashaye namagoli. Lokho kungitshela ukuthi sineqembu lesizwe eliqinile ngamava atholwa ilaba badlali abaphesheya”.
Kulo nyaka iBanyana Banyana ingelinye lamaqembu esizwe okumele adlale imidlalo yokuhlungela ukungena ku-Africa Women Cup of Nations ezokuba ngonyaka ozayo.
“Asazi ukuthi kuzothiwa asibuyele nini enkundleni. Koba buhlungu ukuthi sizodlala imidlalo yokuhlunga singasitholanga isikhathi esanele sokuzilungiselela,” kusonga uMbuli.