IChina izama ukunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina ithi bangaphezulu kwezigidi ezili-15 abantu asebethole imigomo yokubavikela okhuvetheni kuleliya lizwe.
IChina njengamanje iphezu kwemizamo yokunqanda ukutheleleka kwabantu ngokhuvethe osekuqubuke enyakatho nezwe njengoba kubhekwe emaholidini amakhulu okugubha unyaka omusha iLunar New Year ngoNhlolanja.
IKhomishini Yezempilo eChina isikhuthaza abantu ukuthi bazinakekele kula maholidi azayo nalapho izigidi ngezigidi zabantu okulindeleke ukuthi zigoduke ziye emakhaya zifulathela amadolobha amakhulu ukuyoba nemindeni.
Sikhuluma esithangamini sabezindaba, isikhulu sale Khomishini uWang Bin sithe: “Labo abazobe bebuya emakhaya emva kwamaholidi kuzomele babuye nezitifiketi eziveza imiphumela yeNucleic Acid Test eyenziwe esikhathini esingangezinsuku eziyisikhombisa.”
IChina isikwazile ukunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane, kanti isibalo sabantu abanaleli gciwane siphansi kakhulu uma kuqhathaniswa namazwe amaningi emhlabeni akhungethwe ilolu bhubhane okubalwa kuwo i-USA, iBritain kanye neNingizimu Afrika.
Kodwa ukuvela kwalo kwakamumva ezindaweni ezisenyakatho nezwe ngaphambi kwamaholidi lapho izigidi ngezigidi ziya emakhaya ukubungaza nemindeni sekudale ukukhathazeka okukhulu nokwenze uHulumeni asukumele phezulu.
Isifundazwe esishayeke kakhulu kulezi zigameko zakamumva zegciwane iHebei neyakhelene neBeijing. Isikhungo esengamele ukunqadwa kwezifo iChinese Center for Disease Control and Prevention sithi lolu bhubhane oluqubuke endaweni yaseShijiazhuang okokuqala ukuthi lqubuke endaweni yasemakhaya kanti luyabhebhetheka ngesivinini esifuze iWuhan.
IHebei isibike abantu abasanda kutheleleka ngegciwane iCorona abangaphezulu kwenkulungwane kusukela ekuqaleni kukaMasingana. Lokhu kwenza lesi sifundazwe sibe isizinda esisha salolu bhubhane.
Abaphathi eBeijing naseShijiazhuang esifundazweni iHebei bavale izindawo okuyizo okutholakale khona abantu abatheleleke ngeCoronavirus. IHebei isiyalele abantu ukuthi bangathathi hambo kula maholidi azayo eLunar New Year azoqala esontweni lesibili kuNhlolanja.
Izikhulu zaseChina zakha izikhungo zokugonqa lapho kuzohlalaliswa khona izinkulungwane zabantu abazobe behlolelwa ukhuvethe eShijiazhuang. Kulezi zikhungo kuzohlala abantu okukholakala ukuthi babenokusondelana nabantu abatholwe benegciwane.
Lo mkhankaso ufuze lowo wangonyaka wezi-2020 lapho iChina yakha izibhedlela zeziguli zokhuvethe ngesivinini ezingamaviki ambalwa edolobheni iWuhan lapho okwahlonzwa khona okokuqala lesi sifo.