Now Reading
Abase-Europe bakholelwa ukuthi iChina izoyidlula i-USA ngamandla
Dark Light

Abase-Europe bakholelwa ukuthi iChina izoyidlula i-USA ngamandla

Yize kungena uHulumeni omusha kaMengameli uJoe Biden e-USA, ucwaningo lwakamuva luthole ukuthi abantu base-Europe bakholelwa ukuthi lokhu ngeke kulenze leli lizwe libuyelwe isithunzi, futhi iChina izokhula idlule i-USA kule minyaka eyishumi ezayo.

Lokhu kutholwe inhlolovo osihloko sayo sithi “The Crisis of American Power: How Europeans see Biden’s America” lwezincithabuchopho ze-European Council on Foreign Relations.

Kulolu cwaningo kukhulunywe nabantu abazi-15,000 basemazweni ayishumi nanye, iDenmark, iFrance, iGermany, iGreat Britain, iHungary, i-Italy, iThe Netherlands, iPoland, iPortugal, iSpain neSweden.

Ucwaningo luthole ukuthi abantu abayisithupha kwabayishumi bakholelwa ukuthi iChina izokhula ibe namandla okudlula i-USA kule minyaka eyishumi ezayo. Kubantu abakumazwe ali-11 ababeyingxenye yenhlolovo, babebaningi, bangaphezulu kwama-70%, abavela eSpain, ePortugal nase-Italy ababona ukuthi iChina izoba nkulu ukudlula i-USA.

Umbiko uthi ama-53% wabantu ababeyingxenye yocwaningo bakholelwa ukuthi ukunqoba kukaBiden okhethweni kuzoletha umehluko ongcono ebudlelwaneni phakathi kwe-USA namazwe ase-Europe. Ama-57% akholelwa ukuthi uHulumeni kaBiden uzoyihlomulisa kakhulu i-Europe, kodwa kuzomele bazimele uma leli qoqo libhekene neChina.

“Ucwaningo lwethu luveze ukuthi indlela abantu base-Europe ababuka ngayo i-USA isiguquke kakhulu.  Iningi labantu abasemazweni abalulekile ku-EU sebekholelwa ukuthi uhlelo lwezepolitiki e-USA luphukile, iChina izoba namandla ngaphezu kwe-USA kule minyaka eyishumi ezayo, nokuthi i-Europe ayikwazi ukuthi ithembele ku-USA ukuthi iyivikele,” kusho umbiko.

Ama-51% abantu abaphendule imibuzo abakholelwa ukuthi, ngaphansi kukaBiden, i-USA izokwazi ukulungisa uqhekeko lwangaphakathi kuleliya lizwe iphinde izibophezele ekuxazululeni izinkinga zomhlaba okubalwa kuzo isimo sokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nobudlelwano bayo neChina.

Ucwaningo lwenziwe phakathi kukaLwezi noZibandlela nyakenye emva kokhetho lobuMengameli mhla zintahu kuLwezi lapho uBiden ehlule khona uDonald Trump emvimba ukuthi angalithathi ihlandla lesibili ehola e-USA.  Nokho uTrump ukwazile ukukhuphula amavoti kulawo awathola ngowezi-2016 kanti imiphumela yokhetho luka-2020 igqamise uqhekeko kubantu base-USA.

UBiden uthatha izintambo e-USA nje baningi babheke ngabovu ukuthi umgomo wakhe wezangaphandle uzohambisana noma uzogudluka yini kokaTrump. Ngenyanga endlule, uBiden uthe i-Europe ne-USA kuzomele basebenzisane ukubhekana neChina ukuze bayinqinde amandla.

Ngaphansi kukaTrump, ubudlelwano beWashington kanye neBrussels neBeijing buphakathi kwalobo obuguquke babamazonzo. Ngakolunye uhlangothi, i-Europe neChina babe sebesondelana basayinda nesivumelwano sokuhwebelana okuyiComprehensive Agreement on Investment.

Umbiko we-ECFR ukhomba ukuthi abantu base-Europe sebejike indlela ababuka ngayo umbimbi lwamazwe ngamazwe ezifundeni ezahlukene nokungenza kube nzinyana ukuthi baguqule imiqondo ukuya phambili.

See Also

“Inhlolovo ye-ECFR ikhomba ukuthi, e-Europe yanamuhla, azikho izifiso zokubuyela eziyingini ezimbili ezahlukene lapho amazwe asentshonalanga ebhekene khona ngeziqu zamehlo neChina, njengoba kwakwenzeka ngesikhathi seSoviet Union.”

Iningi labantu abaphendule imibuzo kule nhlolovo bazwakalise ukuthi bangathanda ukubona amazwe abo engathathi hlangothi lapho ezingxabanweni i-USA ebanazo namanye amazwe. Ngesikhathi iDenmark nePoland kube ngamazwe abenabantu abaningi abazwakalise ukuhambisana ne-USA, iningi labantu abaphendule imibuzo kula mazwe liveze ukuthi lifuna amazwe abo angathathi hlangothi ezimpini ze-USA.

Umbiko uthi lokhu kukhomba ukuthi ngesikhathi i-Europe ne-USA beqinisa indlela ababhekana ngayo neChina, izinhloso zabo zehlukile. “Ngesikhathi i-USA ihlubuka kuChina ifuna futhi ukuyikhalima, abase-Europe – ikakhulu i-Germany – isenethemba lokunxenxela iChina ohlelweni lwemigomo yamazwe ngamazwe,” kusho umbiko.

Yize iningi labantu base-Europe beneme ngokuphumelela kukaBiden, iningi labo ababethembi abavoti base-USA ukuthi ngeke baphinde bavotele omunye umengameli ofana noTrump ngokuzayo. Ama-32% abantu kule nhlolovo “bayavuma ukuthi, emva kokuvotela uTrump ngowezi-2016, abantu base-USA abathembakali, kanti ama-27% ayaphikisana nalesi sitatimende.”

Abantu baseGermany ibona abazwakalise ukungabethembi kakhulu abantu base-USA, njengoba ama-53% abantu abaphendule kule nhlolovo bethi, emva kukaTrump, abasathembekile.  Ngakolunye uhlangothi, abantu baseHungary nabasePoland bayaphikisana nalo mbono.

Scroll To Top