IBeijing iqinisa imibandela emveni kokutholakala kwegciwane laseBritain
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IBeijing isiqinise imibandela evumela abangena enhlokodolobha yaseChina kulabo abavela kwamanye amadolobha noma ngaphandle kwamanye amazwe ukunqanda ukusabalala kwegciwane iCorona.
Lesi sinqumo simenyezelwe yizikhulu zakuleli dolobha emveni kokuthi kutholakale elinye iqoqo elisha labantu abatheleleke ngegciwane iCorona kamuva nje emveni kwesikhathi eside limile ukusabalala leli gciwane.
Kusukela kuqale unyaka, abantu abanaleli gciwane abalinganiselwa ema-350 sebebikwe eBeijing, kanye nezinye izifundazwe ezingomakhelwane iJilin neHeilongjiang ezisenyakatho.
Oyiphini likaMqondisi eMnyangweni Wezokuxhumana eBeijing uXu Hejian uthe emva kokubheka ngeso elibanzi kuso isimo segciwane kutholakele abanye abantu abanegciwane ezindaweni ezehlukene eBeijing nakwezinye izindawo eChina.
“Ingozi yokuthi igciwane lingene eBeijing livela ngaphandle seyiphezulu kakhulu manje kanti nesimo sokulinqanda sibucayi,” kuchaza uXu.
Uthe ukuze bakwazi ukulunqanda ukhuvethe lungafiki nabantu bangaphandle noma lusabalaliswe asebethelelekile, sebeqinise imibandela engamele labo abangena eBeijing bevela kwamanye amazwe noma kwezinye izindawo eChina.
Phakathi kwale mibandela, abantu abangena eBeijing bevela kwamanye amazwe bazohlolwa izisebenzi zezempilo ezibhekene nokunqandwa kwezifo.
Emva kokuhlolwa kumele loyo naloyo angene emgonqweni wezinsuku ezili-14 ehhotela. Kuzothi uma seziphothuliwe lezo zinsuku aphinde ayohlala ezinye eziyisikhombisa ekhaya noma lapho abelibangise khona ngale kokuzibandakanya nabanye abantu. Sonke lesi sikhathi sizobe siqashwe kabanzi isimo sempilo yakho.
Kulabo abavela kwezinye izindawo eChina nabafuna ukungena eBeijing, uma lapho bevela khona kuyindawo ebekwe ezingeni eliphezulu noma eliphakathi nendawo lobungozi begciwane bayakhuthazwa ukuthi bahlale lapho bekhona. Nokho uma kunesidingo esibalulekile sokuthi uye eBeijing, kumele uhlolelwe ukhuvethe izinsuku ezintathu ngaphambi kohambo, uphinde uye emgonqweni, phakathi kwezinye izinto.
Uma abantu sebeziphothulile izinsuku ezili-14 zomgonqo sebeyozigquma emakhaya, abavunyelwe ukuthi babe sezindaweni lapho kunamaqoqo abantu, noma lapho kukhona imicimbi. Nokho kuvumelekile ukuthi bathathe uhambo olujwayelekile noma baye emsebenzini ngokuqikelela impilo.
Kusenjalo, abantu abahlala ezindaweni ezinhlanu eziseningizimu neBeijing sebeyalelwe ukuthi bahlale emakhaya emva kokuthi kutholakale abantu abayisithupha abanokhuvethe esifundeni iDaxing. Lokhu kusho ukuthi abantu abayisi-1 700 000 abahlala kulezi zindawo abakwazi ukuyandawo ngalesi sikhathi kunalo myalelo ohlanganisa nazo zonke izingane zesikole eBeijing.
Laba abayisithupha babe ngabokuqala ukutholakala nohlobo olusha lwegciwane iCorona olwahlonzwa okokuqala eBritain.
IDaxing iyisizinda sesikhumulo sezindiza esikhulukazi kuleli lizwe nesamukela izihambi ezivela emazweni ahlukene.