Umbango weChina ne-Australia kwezohwebo
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Impi yezohwebo phakathi kweChina ne-Australia isinike ithuba iBeijing ukuthi ikhombise ukuthi obani omakhonya esifundeni i-Asia-Pacific.
IBeijing isiyeke ukuthenga amalahle, iwayini ubhali nenyama, phakathi kwezinye izimpahla, e-Australia ngenxa yokungezwani kwala mazwe.
I-Australia isiludlulisele kuWorld Trade Organization (WTO) ukuze ilekelele ukuxazulula lolu daba njengoba ithi lesi senzo siphula imithetho yezohwebo phakathi kwamazwe.
UMnyango Wezangaphandle eChina usole i-Australia ngokuzenza umgilwa, uthi konke ekwenzayo kuwukulandela umthetho wezwe kanye nenqubo yamazwe ngamazwe
Konke lokhu kuza emveni kokuthi i-Australia isikhombise ukuhambisana ne-USA ekukhipheni iChina inyumbazane.
I-Australia ingelinye lamazwe agxeka kakhulu iBeijing ngemithetho yayo kanye nokuphathwa kwezindaba ezifana nobhubhane ukhuvethe, iHong Kong kanye nesifunda sasenyakatho nezwe iXinjiang.
Ngowezi-2018, iCanberra ivale inkampani yaseChina iHuawei ukuthi ingabi ingxenye yohlelo lokwethulwa kobuxhakaxhaka be-5G yafaka nomthetho ogwema ukugxambukela kwamazwe angaphandle ezindabeni zezepolitiki zase-Australia.
IChina ayizithathanga kancane izinyathelo ze-Australia kuzo zonke lezi zindaba, okuyinto iBeijing ethi iwukugxambukela ezindabeni zangaphakathi kuleli lizwe.
Kamumva nje iChina isishaye i-Australia ngonswinyo lwezomnotho emva kokuthi kuqine ukungaboni ngasolinye phakathi kweCanberra neBeijing. Uhwebo phakathi kweChina ne-Australia lufinyelele ezigidigidini ezili-$159 ngonyaka odlule. Ama-40% kulolu hwebo impahla ethengwa iChina ezweni i-Australia.
Ngowezi-2005 la mazwe asayinda isivumelwano sohwebo olukhululekile nesasusa intela emikhiqizweni yezolimo, ubisi kanye newayini eChina.
I-Australia futhi iyingxenye yombimbi lwamazwe amane oluholwa i-United States nolwaziwa ngeQuad. Kulo kukhona iJapan ne-India okungamazwe avele anomlando wokungezwani eChina ngenxa yokubanga imingcele.
I-USA isungule lolu mbimbi ngoba ibona umthelela weChina udlondlobala esifundeni i-Asia-Pacific.
Emhlanganweni owawungoMfumfu, uNgqongqoshe Wezangaphandle wase-USA uMike Pompeo watshela ozakwabo base-Australia, e-India naseJapan ukuthi ufuna balwisane nenkohlakalo nobudlova beChinese Communist Party.
Izingqapheli zibone lokhu njengesinyathelo sokuzama ukwakha umbimbi olufuze iNATO evikela amalungu ayo kulokho abakubona njengengozi, njengoba la mazwe eQuad ethatha iChina njengengozi.
Ukuphendula ezenzweni ze-Australia, iChina isivale ukuthengwa kwempahla elinganiselwa ezigidini ngezigidi zamadola ase-USA yaphinde yakhuphula nentela kuleyo esavunyelwe ukungena.
IChina izokwazi ukuthola impahla kwamanye amazwe kodwa kuleyo esifakwe intela ephakeme abathengi ibona azoshayeka ephaketheni uma uqhubeka lo mbango.
Ukungenelela kweWTO kungasho uhlelo lokuxazulula olungadonsa isikhathi eside, okusho ukuthi kungakuhle uma iChina ne-Australia bengakwazi ukuhlala phansi bazame ukuluxazulula bona lolu daba.