Now Reading
Imithelela yokhuvethe yanyakenye isiqala ukufufusa kwaSassa
Dark Light

Imithelela yokhuvethe yanyakenye isiqala ukufufusa kwaSassa

Uchithe ubusuku obubili owesifazane waseWestern Cape okhubazekile, uNkk uNtombethembe Apile, emahhovisi esikhungo esiholela izibonelelo zikaHulumeni iSouth African Social Security Agency (SASSA) eGugulethu efuna ukuba kuvuselelwe isibonelelo sakhe sokukhubazeka. 

UNkk u-Apile oneminyaka yobudala engama-45 ube ngomunye wabantu abangamakhulu abebehleli ngaphandle kwala mahhovisi belinde ukuba balekelelwe yizisebenzi zalesi sikhungo. UNkk u-Apile uthi ufike lapha ezintatha ngoMsombuluko kepha akumusizanga lokho njengoba kwakunabantu ababekhona ababefike ngeSonto ebusuku. 

Obekumkhathaza ukuchitha obunye ubusuku lapho ukhuvethe ludla lubi kulesi sikhathi ehleli nabantu abangawuhloniphi umthetho wokugcina ibanga elifanele okungomunye yemigomo yokhuvethe. 

“Ngifisa engathi uHulumeni ubengakubona lokhu. Ngabe ngempela ayikho into angayenza ukunqanda le nto? Lapho igagasi lokuvethe lesibili libulala ngale ndlela abantu mihla namalanga,” kusho yena. 

Okhulumela uSASSA eWestern Cape, uNkk uShivan Wahab, uthe isibonelelo sabantu abayizi-53 000 abaphila nokukhubazeka kwesikhashana sivalekile kule nyanga kusona sonke isifundazwe. Uthe izibonelelo okwakumele zivaleke ngoNhlolanja nyakenye ngaphambi kwemvalelwakhaya bezilokhu zelulwa izikhashana kwaze kwashaya uZibandlela. Uqhube wathi njengoba bezilokhu zelulwa kubadle isigidigidi esi-R1,5.

“Isibonelelo esingavaleki sinikwa umuntu isimo sakhe sempilo esithikamezeke kakhulu okuzophazamisa impilo yakhe isikhathi esingaphezu konyaka. Lezo zibonelelo zesikhashana zinikwa abaphazamiseke isikhathi esiphakathi kwezinyanga eziyisi-6 kuya kwezili-12, sibe sesivuselelwa uma sikhona isidingo uma kade sesiphelelwe isikhathi,” kusho uNkk uWahab.

Uthe kuthunyelwe amavolontiya ukuba ayoqapha imigqa ezikhungweni aphinde ahlele nezinsuku zokufika kwabathola izibonelelo. 

“Uma kuwukuthi izibonelelo zabo azivuselelwa futhi ayikho imali abayitholayo eceleni bangafaka izicelo zeSocial Relief of Distress,” usho kanje. 

Uthe ukuba uSASSA ubuqhubeka nokwenza lokhu bewuzokhokha imali engangesigidigidi esi-R1,2 engeziwe kuze kuphele lesi sabelomali. 

Uphethe ngokuthi ihlandla lesibili lokhuvethe lifike nezinkinga ezintsha kwaSASSA lapho umphakathi unesifiso sokukhuluma nezisebenzi kanti zincane ezisebenzayo ngenxa yokulandela imgomo yokhuvethe.

Le nkinga ayihlasele isifundazwe iWestern Cape kuphela kepha naKwaZulu-Natal kukhalwa esifanayo. 

Okhulumela uSASSA KwaZulu-Natal, uNks uSandy Godlwana, uthe bayazi ngezibalo eziphezulu zabantu abavakashela izikhungo zabo. Uthi okwenza kuhambe kancane kakhulu ukushoda kwezisebenzi ngenxa yokulandela imyalelo yokhuvethe.

Ube esenza isibonelo ngehhovisi iRaisethorp elibe sematheni ngokujikisa owesifazane onesifo somdlavuza ozisiza ngepayipi wathi bekunezisebenzi eziyisi-6 kanti abantu balala ngaphandle becuthele ukuba babe ngabokuqala. “Amahhovisi asebenza ngokuqashwa ngoba ezinye izisebenzi ziyagula. Sisebenzise izinhlaka zokuxhumana ezahlukene ukwazisa umphakathi izinsuku ezihlonziwe zokuvuselela izibonelelo ezahlukahlukene. USASSA uthikamezekile ubhubhane kepha sizama ukuthi sigcine amahhovisi ethu evuliwe,” kusho uNks uGodlwana. 

Kwenzeka lokhu nje, kuleli sonto kusabalale izinkulumo zokuthi iSASSA iphelelwe imali yesibonelelo sesikashana sabakhubazekile okuyinto iSikhulu Esiphezulu salolu phiko, uNkk uBusisiwe Memela, esikuphikile. Uthe uSASSA unqamule izibonelelo zalabo abanokukhubazeka kwesikhashana. 

Scroll To Top