Ukhuvethe nepolitiki yezomnotho eNingizimu Afrika



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Unyaka wezi-2020 ube ngomubi kakhulu eNingizimu Afrika. Kube unyaka obhedise izinhlelo eziningi zezwe. Kunobungozi bokuthi ububi bawo bungase bukapakele kulona wezi-2021 imbangela enkulu kuwukuthi isiqhwaga ukhuvethe kasikafuni ukuhamba. Ngaphandle kokhuvethe lo nyaka ubuvele uzoba ngowesivivinyo kuleli lizwe uphinde ube yinkombandlela yekusasa leNingizimu Afrika. Ukhuvethe lunika uHulumeni wakuleli ithuba lokuhlonza ubudlelwano bawo namanye amazwe.
NgoZibandlela wangowezi-2010 iNingizimu Afrika yaba yilungu lenhlangano yokusebenzisana nokuthuthukisana kwezomnotho nenhlalakahle eseyaziwa ngokuthi iBrazil, Russia, India, China, and South Africa (BRICS). Wonke amazwe akule nhlangano agilwe yisiqhwaga ukhuvethe. Lokhu kwenze ukuthi amanye abhukule afune ikhambi lokunqoba lokhu kufa. Kwakuvele kunemibuzo ngokusebenzisana phakathi kwamazwe akule nhlangano esekuthanda ukucaciswa ipolitiki yomgomo wokhuvethe.
I-India ithi isinawo umgomo walokhu kufa, kodwa ekupheleni konyaka owedlule yenqaba ukwamukela izinhloli zaseNingizimu Afrika ukuzohlonza lo mgomo. IChina nayo ithi inayo imigomo yokhuvethe kodwa akekho ovunyelwe ukuzoyihlonza. IRussia kade yamemezela umgomo kodwa uHulumeni weNingizimu Afrika ubonakala engayingeni eyokuwucela njengoba isize yakha isivumelwano sokuthenga umgomo iCovax weWorld Health Organization (WHO), i-European Commission kanye neFrance.
Okunakekayo ukuthi ngoNhlangulana wanyakenye yakwazi ukusebenzisana neNingizimu Afrika yayiboleka izigidigidi ezili-17 ukulwa nalokhu kufa, kodwa uma sekuziwa kumgomo akusekho ukusebenzisana. Lokhu kuletha imibuzo yokuthi kungani kulula emazweni ale nhlangano ukunika iNingizimu Afrika isikweletu kodwa kunzima ukuyinika umgomo wokufa okwayiphoqa ukuthi ize yakhe lesi sikweletu.
Kuphinde kulethe umbuzo wokuthi iNingizimu Afrika izame kangakanani ukuthola le migomo etholakala kulawa mazwe akule nhlangano futhi lokhu kusho ukuthini ngokuthembana phakathi kweNingizimu Afrika nalawa mazwe. Konke lokhu kumqoka futhi kucacisa lukhulu ngekusasa leNingizimu Afrika kule nhlangano.
Zinhlanu kuZibandlela wanyakenye inhlangano i-African Union (AU) yethula ukuqala kokusebenza kwesivumelano sokuhwebelana i-African Continental Free Trade Area (AfCFTA). Njengezwe elinozinzo kwezomnotho, iNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi ilibambe ngazozobili lelithuba. Kwenzeka lokhu nje uHulumeni waleli lizwe unengcindezi yokuguqula isimo somnotho ebesivele singesihle esesicindezelwa nawukubakhona kokhuvethe.
Kumqoka kuMengameli uCyril Ramaphosa kanye ne-African National Congress (ANC) ukuthi asebenzise leli thuba ukuguqula isimo somnotho weNingizimu Afrika. Okwenza libaluleke kakhulu leli thuba ukuthi isimo esifanayo sake senzeka ngonyaka wezi-2008 lapho khona nengcindezi yezomnotho eyayingalindelwe.
Ngowezi-2009 uMnu uJacob Zuma waqokwa njengoMengameli weNingizimu Afrika, ngesikhathi isengaphansi kwengcindezi yomnotho. Njengoba kukhona ukungahoshelani nokuklolodelana phakathi kwakhe uRamaphosa noZuma, kubalulekile kuRamaphosa ukuthi enze kangcono kunoZuma ngaphansi kwesimo esicishe sifane.
Nyakenye uRamaphosa wathi iminyaka yokubusa kukaZuma ifana nento efile kanti ne-ANC yaphinde yayivuna le nkulumo. Ingcindezi inkulu ku-ANC yenze nakuRamaphosa ukuthi enze kangcono ukunesikhathi sikaZuma kanti i-AFCFTA inikeza lelo thuba. Lokhu kwenza lo nyaka kube ngomqoka kupolitiki yezomnotho eNingizimu Afrika ikakhulukazi ngoba bangaphezu kwezigidi ezimbili abantu abalahlekelwe imisebenzi ngenxa yokhuvethe.
Zimbili izinkulumo ezizocacisa ngesimomnotho seNingizimu Afrika kulo nyaka. Eyokuqala ngezokwethulwa nguMengameli uRamaphosa iState of the Nation Address (SONA). Le nkulumo kulindeleke ukuthi icacise ngokuningi okuthinta uHulumeni nenhlalakahle yabantu.
Minyaka yonke uHulumeni usebenzisa izizumbulu zemali ukuhlenga nokutakula izinkampani zikaHulumeni. Inkampani yezindiza iSouth African Airways (SAA) ingenye yezinkampani ezihlezi zilindele ukukhangezwa uHulumeni. Ibhekwe ngamehlo abomvu enkulumweni kaMengameli yakulo nyaka eyokuthi uzoyithini eyale nkampani ekade yayilashwa kodwa kayisindi.
Ukulekelelwa kwale nkampani kuhlenga imisebenzi ecela emakhulwini ayisithupha kuphinde kwehlise nolaka lwezinyunyana. Kuphinde kucwilise imali ebingalekelela kwezinye izindawo. UMengameli kulindeleke ukuthi acacise ngokuzokwenzeka kule nkampani evele ingakwazi ukusebenza kahle ngenxa yokhuvethe.
Inkulumo kaRamaphosa kulindeleke ukuthi iphinde icacise nangesu alimemezela ekuqaleni kowodlule ngokwehlukanisa kathathu inkampani kagesi i-Eskom. Kulesi simemezelo uRamaphosa wazibophezela ukwelekelela lenkampani ngemali eyidingayo ukweseka leli lisu nokuyinto okulindeleke ukuthi ayicacise kuSONA kwazise isimomnotho sezwe asisafani nangalesiya sikhathi ayethule ngaso leli lisu.
Kuvele kulindeleke ukuthi le nkampani iphinde ifune ukukhangezwa nakulo nyaka. Ezinye izinkampani okulindeleke ukuthi uRamaphosa acacise ngekusasa lazo iPassenger Rail Agency of South Africa (PRASA), iDenel kanye noTransnet. Lezi zinkampani zineqhaza kwezomnotho eNingizimu Afrika kodwa ukungenzi kahle kwazo nokufika kokhuvethe kuletha imibuzo ngekusasa lazo nokuyinto esiphenduke ibhola lomnqakiswano kumaqembu ezepolitiki.
Konke okuzoshiwo nguRamaphosa kusemseni kaNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni okuzomele acacise ukuthi yiziphi izinkampani ezizohlomula futhi kanjani. Le nkulumo izophinde ibaluleke ekutheni icacise ukuthi singakanani isikhwama sokulwa nokhuvethe okulindeleke ukuthi kuthinte kakhulu uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (COGTA) wona owaphoqeleka ukuthi usebenzise imali yezinye izinhlelo ekulweni nokhuvethe, kwazise lo nyaka ungowokhetho loHulumeni Bezindawo.