Izitoyitoti zithi kawabanjwe amatomu okhetho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Esimweni esejwayelekile unyaka esikuwo unyaka wokhetho eNingizimu Afrika. Kulokhu ukhetho olulindelwe ngoloHulumeni Bendawo nayilapho abavoti bezoqoka kabusha amalungu emikhandlu eyahlukene kuleli. Ngokuhamba kwezinto ezweni lolu wukhetho olumqoka eqenjini elibusayo kanye nakulawo aphikisayo, amasha namadala. Kwelibusayo kulindeleke ukuba lingagcini nje kuphela ngokuzama ukubuyisa izinduku njengoba okhethweni olwedlule lwemukwa amadolobha amakhulu okuyiGoli, iNelson Mandela Bay neTshwane. Lokhu kwalifaka ehlazweni ngoba kwabe kungokokuqala ukuthi iqembu elibusayo lingakwazi ukuhola inhlokodlobha yezwe, iTshwane, isizinda somnotho wezwe ne-Afrika, iJohannesburg kanye nesizinda lapho kukhiqizwa khona izimoto ezidayiswa emazweni omhlaba nesiqanjwe ngedlozi layo elikhulu, iNelson Mandela Bay.
Ngakolunye uhlangothi iqembu elikhulu kwaphikisayo iDemocratic Alliance (DA) lizoya okhethweni selinomholi omusha nokumqoka ukuba naye aziveze. Khona lapho kulokhu iDA kubukeka ingeke izame ukuphunga uKhongolose kepha neqembu elisha laloyo owayeyilungu layo neMeya yaseGoli, uMnu uHerman Mashaba, uhlele ukwenza umonakalo. Nokho lo mdlalo omuhle kubukeka ungahle uhlehle uma kuhamba ngezifiso zelinye lamaqembu aphikisayo amancane ngesibalo koHulumeni Bendawo kepha akhuluma kuzwakale, i-Economic Freedom Fighters (EFF).
Enkulumeni yakhe yokuqala nonyaka nabezindaba umholi we-EFF uMnu uJulius Malema uphakamise ukuba aluhlehle ukhetho loHulumeni Bendawo ngenxa yezizathu ezimbili. Esokuqala uphinde lokho iqembu lakhe kade lakusho ukuthi kuyabiza ukubamba ukhetho kabili olukazwelonke nolwendawo. Uthi iqembu lakhe liphakamisa ukuba lube lunye ukhetho kuhlanganiswe ukuvotelwa kwePhalamende, izifundazwe kanye namakhansela. Isizathu sesibili nathe sewuyabonakala umonakalo wukhuvethe nathe luphazamise zonke izinhlelo zawo wonke amaqembu ukukhankasa. Isiphakamiso sokuhlehlisa ukhetho uthe bazothumela amathimba aholwa nguNobhala Jikelele weqembu lakhe ukuba bayolumunyunga namanye amaqembu ukuze baqhamuke nezwi elilodwa ngalolu daba.
UMalema ukusho lokhu nje vele abenhlangano eyengamele ukhetho kuleli sebeqalile ukuba mathintanyawo ngenxa yalo ukhuvethe belu. Abe-IEC sebevele bahlongozile ukuthi bazoqonda eNkantolo Yokhetho beyophakamisa ukuba ukhetho lokuchibiyela oluzayo luhlehle ngenxa yokhuvethe. Izitoyitoyi zithe kungakuhle ukuba ukhetho luhlehliselwe unyaka wezi-2024.