Now Reading
Kusemome ukuzalwa kabusha kweZimbabwe
Dark Light

Kusemome ukuzalwa kabusha kweZimbabwe

UKUZALWA kabusha kweZimbabwe ngokwezomnotho, ngokushesha okukhulu emuva nje kokwehla esikhundleni kukaMnu uRobert Mugabe.

Akapholisanga maseko uMnu u-Emmerson Mnangagwa ekuhlahleni indlela ebheke phambili nasekuhlabeni ikhwelo kuqala ezweni alaziyo ukuthi lingumakhelwane obalulekile okuyi Ningizimu Afrika.

Ukubaluleka kweNingizimu Afrika eZimbabwe kumbaxambili ngokwezizathu ezingqangi njengalezi: Selokhu kwaqala udungunyane lonswinyo lwezomnotho ngamazwe ayizikhondlakhondla asentshonalanga futhi abe engahambisani nokubuyiselwa komhlaba waboHlanga eZimbabwe, abantu abalinganiselwa cishe ezigidini ezintathu bafudukela kuleli lizwe. Okwesibili ukuthi iNingizimu Afrika, yiyona ehwebelana kakhulu ukwedlula wonke amanye amazwe neZimbabwe. Kwesokuqala isizathu, njengalokhu kwazeka ukuthi iZimbabwe isalokhu ihamba phambili e-Afrika ngokwezinga lemfundo yabantu balo, ngenxa yezinkinga ebezibhekene nabo, ulwazi nemfundo yabo seyasabalala nomhlaba wonke, lokhu okugcina kwenza ngcono umnotho wamanye amazwe ngobuhlakani nemfundo okufanele ngabe isebenzela iZimbabwe.

Kwezokuhwebelana, ubungoti beNingizimu Afrika ngobuchwepheshe, ubuholi obuzinzile emabhizinisini nakupolitiki, yingqalasizinda esezingeni lomhlaba, yikho lokhu uMnu uMnangagwa afisa ukuncela kukho ukuze akhulise ngesivinini izwe lakhe. Yingakho nxa evakashele kuleli lizwe ngoZibandlela wanyakenye, uthe esehlangene nabaholi bobabili, okungoMnu uZuma noMnu uRamaphosa wakucacisa ukuthi uzokwethekela kubo ulwazi olungasiza ekuzalweni kabusha kweZimbabwe. Okunye nxa sibheka isasasa umhlaba owemukele ngalo ushintsho olwenzekile eZimbabwe, kusukela emazweni afana neChina, iBritain kuya eDavos lapho uMnangagwa amukelwa ngelikhulu isasasa, kuyatshengisa ukuthi ukushintshana kwezandla zokuphatha kulethe ithemba elikhulu elizokwenza iZimbabwe yenyukele ezingeni elikhulu ngaphansi kweminyaka elishumi. Yize ophethe njengamanje abe yingxenye enkulu yohlelo lokuguqula isimo somhlaba ekutheni ubuyele kubaniniwo, futhi wabuye wasolwa kakhulu ngokuletha usizi kumaNdebele aseZimbabwe lapho kwafa khona abantu abangaphezu kwezi-20,000; ulwazi lwakhe nendlela abeka ngayo izinkulumo zakhe ukuheha abatshali zimali kuhlaba umxhwele. Yingakho kumanje, kunenkulu intshisekelo kubatshali zimali asebevele batheleka ngobuningi eHarare ukuyoxoxisana nosozimboni baseZimbabwe ekubeni yingxenye yokwakha kabusha leliya lizwe.

Kwenzeka lokhu nje, kuleli viki kuqhubeka ingqungquthela yezezimayini lapha eNingizimu Afrika, eKapa. Le ngqungquthela iqale mhla zinhlanu kuya ziyisishiyagalombili kuNhlolanja kophezulu.

Ekhuluma kule ngqungquthela ngosuku lokuvulwa kwayo uNgqongqoshe Wezimbiwa uMnu uMosebenzi Zwane uthe ikhona inhlansi yethemba ngemihlangano asebe nayo nezinkampani zezimayini zomhlaba ezisebenzela eNingizimu Afrika. Uthi phakathi kwezinto ababonisana ngazo emihlanganweni abayibambayo ukugqugquzela ukusebenza ngokubambisana ukuze kube nokuthuthuka embonini yezimayini.

Eyanonyaka idingida kabanzi ngezezimayini e-Afrika jikelele, lapho isihloko sakhona sithi “Providing the foundation for sustainable junior and major mining growth in Africa”. I-Afrika njengezwekazi yaziwa futhi ihlonishwa kakhulu ngokuba nomnotho wezezimbiwa osazoqhubeka ulethela inzuzo amazwe amaningi emhlabeni. Yingakho minyaka yonke kuhlale kunale ngqungquthela eKapa. Okuzobe kwenzeka nonyaka  kungukubheka izinto ezibalulekile ezizothi zisize labo abangosozimboni bezimayini e-Afrika jikelele. Abagquqguzeli bayo bayaqinisekisa ukuthi, akuseyona nje indawo la kuzode kuhlanganwa khona kukhulunywe kuphela, kodwa bagcizelela ukuthi kuzoba yinkundla lapho kwakhiwa ukusebenzisana  ngokuthuthukisa umnotho wezimayini wonkana. Akumangalisi ukuthi lapha kuzobe kukhona labo asebemkatshubomvu nalabo abasafufusa, izinhloko zeminyango zoHulumeni bamanye amazwe e-Afrika kunye namazwe angaphandle, abafuna nabo ukuzosika elinonile kuleli zwekazi.

See Also

Emuva kwenye ingqungquthela ebibanjelwe eDavos, eSwitzerland, ingxoxo ibihambisana kakhulu nokusebenza esimweni somhlaba esicikizelayo nesiqhutshwa ngohlelo lokuthuthuka kwezobuchwepheshe.  Uma sibheka lena yezezimayini, yona izobe ibheka izinhlelo ezintsha ezingasetshenziswa ukukhulisa umkhiqizo wamazwe ahlomula ngezezimbiwa ngonyaka wezi- 2050. Lokhu kuhambisana nokuhlakulela ingqondo ukuze kuqambe kufika lo nyaka, abantu abaningi sebekulungele ukusebezisa izinhlelo ezintsha ekuzibandakanyeni nokumba ingcebo emathunjini omhlaba.

Okunye okudingidwayo, ukusebenza ngendlela ezoletha uzinzo ekusetshenzisweni komhlaba, kwazise asinawo omunye umhlaba ozokwakheka kabusha ukuze unike izizukulwane ezizayo nazo ukukwazi ukuziphilisa ngamanoni omhlaba.

Okuzobe kugcizelelwa kakhulu futhi, kuzobe kungukubambisana phakathi koHulumeni, osozimboni nemiphakathi ukuze kwakhiwe uhlelo oluzoletha uzinzo nentuthuko kubo bonke.

  • UMnu uGugulethu Xaba ungumsunguli we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathelene nentuthuko yezezenhlalo nomnotho. Uyilungu leBhodi lenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.
Scroll To Top