Now Reading
Kuzoshiyana ukwenza kusasa kweyomkhaya basePitoli
Dark Light

Kuzoshiyana ukwenza kusasa kweyomkhaya basePitoli

Qhude manikiniki zindaba zombili!. Lesi isisho esishiwo uma kutholene izinkunzi ezimbili, kunzima ukuqagula ukuthi iyiphi ezogoba uphondo kuleyo yimpi okanye kulowo mdlalo.

Ngisho nalaba okuthiwa amaphanta kunzima ukuthi baqagele okuzokwenzeka kuwona. Kulokhu uqhude manikiniki umdlalo ophakathi kweSuperSport United neMamelodi Sundowns.

Labo mkhaya basePitoli bazotholana emdlalweni ozokuba kusasa ngoMgqibelo ozobanjelwa eLucas Masterpieces Moripe Stadium. 

Okwenza kube nzima ukuqagela umphumela walo mdlalo ukuthi abadlali bala maqembu basefomini ngendlela eyisimanga. Kanti nabaqeqeshi banhlangothi zombili kubukeka amaqhinga abo esebenza kuwona womabili amaqembu kusukela kuqale iligi yeDStv Premiership.

ISuperSport United okuyiyo ezobe idlala ekhaya kulo mdlalo, kuligi ilele endaweni yesibili emva kwemidlalo eli-10. Isikwaze ukunqoba imidlalo eyisi-7, yadlala ngokulingana kowodwa yehlulwa kwemibili nokuyenza ibe namaphuzu angama-22.

Kubadlali abasefomini kuleli qembu nguBradley Grobler ongalibheki ipali osevalele phakathi amagoli ali-10. NgoLwesithathu iSuperSport United inqobe ngamagoli amabili kwelilodwa ibhekene neBloemfontein Celtic lapho uGrobler ebe ngomunye wabashaye amagoli. Ukushaya kwakhe igoli kumenze wazifaka emlandweni ngokuthi abe ngumdlali oseshaye amagoli amaningi kuleli qembu nangama-53.

Abanye abadlali abavutha bengabaselwe kuleli qembu nguThamsanqa “Gandaganda” Gabuza naye oseshaye amagoli amahlanu. Ulusizo olukhulu kuleli qembu njengoba uKaitano Tembo ongumqeqeshi efuna inkontileka yalo mdlali ivuselelwe kwazise iyaphela.

Alisali ngaphandle igama likaSipho Mbule olibamba kuthule umoya esisweni kubadlali abasefomini kuleli qembu eliteketiswa ngelaMatsatsantsa A Pitori. Yize emncane kokweminyaka yobudala kodwa ukhombisa ukuzethemba okukhulu uma ephethe ibhola.

Ngasohlangothini lweSundowns khona izinto zikhanya kakhulu kuyona njengoba emidlalweni eli-10 yeligi ingakaze ihlulwe. Inqobe imidlalo eyisi-7 yadlala ngokulingana kwemithathu nokuyenza ibe namaphuzu angama-24 kanti ihlezi esicongweni kulogi futhi yiyo engompetha.

Umdlali olokhu eqhubekile nokuba ithemba kuleli qembu eliqeqeshwa nguManqoba Mngqithi, uRhulani Mokoena noSteve Komphela ngokubambisana, nguThemba “Mshishi” Zwane. Yize edlala esiswini kodwa usekwaze ukuthi avalele phakathi amagoli ayisi-8.

Ukuba khona kwabadlali abafana noPeter Shalulile othengwe esuka kuHighlands Park edayisele igunya lokudlala kuDStv Premiership iTS Galaxy noKermit Erasmus osuka kuCape Town City kwenza izinto zibe lula kakhulu kuZwane.

Emidlalweni yayo iSundowns isivalele phakathi amagoli ali-19, yangenelwa amahlanu. ISuperSport nayo isishaye amagoli ali-19 yangenelwa ali-11.

Ukaputeni weSundowns uRicardo Nascimento uncoma indlela iqembu elibambisene ngayo enkundleni.

“Kuyasiza ukuthi sibe nabadlali abakwazi ukumaka emikhakheni ephambili lokho kwenza umsebenzi wethu ubelula kakhulu emumva. Ukubambisana ikhona okwenza ukuthi iqembu linqobe, lokho sizimisele ukuthi siqhubeke nokukwenza,” kusho uNascimento.

See Also

Ube esencoma ubudlelwano anabo noBrian Onyango abayibambe naye emuva kuleli qembu wathi: “Umdlalo nomdlalo ubudlelwano bethu buyakhula. Indlela esidlala ngayo iyangihabulisa ngoba kukhona konke siyasizana.”

Omunye umdlalo womkhaya obhekwe ngabomvu kule mpelasonto ophakathi kwa-AmaZulu FC neMaritzburg United. La maqembu azotholana phezulu ngeSonto emdlalweni ozobanjelwa eJonsson Kings Park Satdium, eThekwini.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto

NgoMgqibelo

  • ISuperSport United neMamelodi Sundowns eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ngele-15:00.
  • ILamontville Golden Arrows neTshakhuma FC ePrincess Magogo Stadium, ngele-15:00.
  • ITS Galaxy neChippa United eMbombela Stadium, ngele-15:30.
  • IBloemfontein Celtic neStellenbosch eDr Petrus Molemela Stadium, ngele-15:30 ntambama
  • ICape Town City neKaizer Chiefs eCape Town Stadium, ngele-17:00.
  • IBaroka neSwallows ePeter Mokaba Stadium ngele-17:00.

NgeSonto

  • I-AmaZulu neMaritzburg United eJonsson Kings Park Stadium
  • IBlack Leopards ne-Orlando Pirates eThohoyandou Stadium

* Le midlalo izoqala ngele-15:30.

Scroll To Top