Now Reading
Abaqeqeshi nabaphathi basemkhankasweni wokuthi abasubathi bangahlali dekle kulolu khuvethe
Dark Light

Abaqeqeshi nabaphathi basemkhankasweni wokuthi abasubathi bangahlali dekle kulolu khuvethe

NgoNdasa nyakenye ukugadla kwesifo ukhuvethe kwaphoqa ukuthi kume cishe yonke into eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele kodwa ekuhambeni kwesikhathi okunye kwabuyela esimweni esithi asijwayeleke ngaphansi kwemibandela eyayibekwe uHulumeni.

Inkulumo eyenziwe nguMengameli wezwe uCryil Ramaphosa ngoMsombuluko lapho eveze ukuthi izwe lisazohlala esigabeni sesithathu semvalelwakhaya isho ukuthi izinto eziningi zizoqhubeka nokuma.

Umqeqeshi onamava kwezokusubatha uXolani Mabhida, ekhuluma naleli phephandaba uthe lo nyaka ubukeka uzofana nowedlule.

“Isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima kakhulu njengoba abantu beshona langa laphuma. Ukumiswa kwemiqhudelwano kuyinto ebuhlungu kakhulu, yize kubuhlungu kunjalo kodwa lokho ngeke sakuvimba ngoba kumele sibeke impilo phambili,” kusho uMabhida odabuka KwaMathandubisi, eHowick.

Lo mqeqeshi nyakenye ubeqeda iminyaka eli-12 aqala ukuqeqesha nakuba engakahlanganisi nekhalenda ngokweminyaka yobudala kodwa usekwaze ukuba ngomunye wabaqeqeshi bamaqembu esizwe kuleli kumabanga amade.

UMabhida ongumsunguli weSpeed Explosion Athletics Club ngoMandulo wangonyaka wezi-2018 waba ngomunye wabaqeqeshi beqembu lakuleli elabuya nezindondo ezintathu ku-IAU 100km World Championships ayeseSvet, eCroatia. “Amaphupho ebenginawo kulo nyaka abemakhulu kakhulu kodwa ngibona emancane amathuba okuthi afezeke njengoba isimo sinjena nje. Ngingasho ngithi mhlawumbe singaze sibe nemiqhudelwano ngoNhlangulana nonyaka. Okubuhlungu nje ngishayeke kakhulu ephaketheni, kodwa ngenxa yothando enginalo lwalo mdlalo ngeke nakancane ngiphele amandla,” kubeka uMabhida.

UMabhida amagalelo akhe ayaziwa kakhulu njengoba esemabhukwini omlando eqeqesha uBongumusa Mthembu osenqobe iComdrades Marathon ephindelela. UMthembu wayinqoba iComdrades Marathon ngowezi-2017 kunyukwa nangowezi-2018 kwehliwa.

Ngokusho kukaMabhida imiqhudelwano emikhulu izinhlelo zayo eseziphazamisekile iComdrades Marathon, iTwo Oceans Marathon neWorld Track & Field.

Limbuza elaboHlanga ukuthi ngalesi sikhathi uzobe ematasa ngani njengoba ezokusubatha zisamisiwe nje, uthe kukhona amatasa nakho.

See Also

“Ngimatasa ngiqeqesha umsubathi oyedwa okunguPakiso Mthembu. Ngomhla zingama-23 kwephezulu uzobe egijima ePotchefstroom esifundazweni iNorth West lapho kuzobe kuhlungwa abasubathi abazomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni wamazwe omhlaba. Nakhona asazi ukuthi uzokwenzeka yini lo mqhudelwano esiwuhlungelayo, sizolinda inhlangano ephethe ezokusubatha iWorld Athletics kube yiyo ephuma nesinqumo. Kuyoba buhlungu uma nawo lo mqhudelwano ungagcina ubhuntsha,” kusho uMabhida.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noSteve Mkasi weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) othe: “Lesi simo sizophazamisa izinto eziningi kakhulu nakulo nyaka. Kuphazamiseka amakilabhu nabagijimi. Angeke ngamangala uma kungakhona amakilabhu ashabalalayo ngenxa yokubhuntsha kwemijaho yawo kwazise phela athola imali ngokuhlela imijaho. Besihlele imijaho eminingi kakhulu kusukela manje ngoMasingana kodwa libukeka lishabalala ithemba lokuthi ingaba khona,” kusho uMkasi.

Uthe kunezicelo abazifakile enhlanganweni ephethe ezokusubatha kuleli i-Athletics South Africa (ASA), benxusa ukuthi bavunyelwe ukuba nemiqhudelwano ethize. “Silwela ukuthi abasubathi nabaqeqeshi bangahlali njengoba kwenzekile nyakenye, sifisa i-ASA isivumele ukuthi sibe nemiqhudelwano ethize ngaphansi kwakho ukulandela imigomo kaHulumeni,” kusho uMkasi.

Kubukeka izobhuntsha imiqhudelwano yaminyaka yonke yeKZNA obekulindeleke ukuthi ibe ngenyanga ezayo okuyiBest of the Best neCapital Marathon.

Scroll To Top