Now Reading
Ibhekene nomqansa kwelase-Australia iSharks kusasa eThekwini
Dark Light

Ibhekene nomqansa kwelase-Australia iSharks kusasa eThekwini

ICELL C Sharks ibhekene nomqansa wokuthi nakanjani iwunqobe umdlalo wayo wakusasa ukuze izobuyisa izinsuku zenjabulo kubalandeli bayo.

Okwenza lokho ukuthi iSharks izinto aziyihambeli kahle njengoba emasontweni amabili idlale imidlalo emibili yanganqoba nowodwa, ihlulwe yiBlue Bulls ngamaphuzu angama-37 kwali-17 kwathi kolandelayo yahlulwa IDHL Stomers ngamaphuzu ali-16 kwali-11.

Kusasa leli qembu elicijwa uRobert du Preez lizotholana phezulu neRebels yase-Australia. Lo mdlalo uzoba kusasa ntambama eJonsson Kings Park, eThekwini.

Isekela mqeqeshi weSharks uRicardo Laubscher uthi ukungaqhathwa ngeledlule kubasize kakhulu.

“Ukungadlali kwethu ngeledlule kusisizile ngoba sithole isikhathi esanele siyithimba labaqeqeshi ukuthi sibheke lapho abadlali bengenzanga kahle khona. Izinkinga esizibonile zimbili kuphela, ukuthi amathuba asiwasebenzisi bese silahla ngokuthi siyaziyekela izitha uma sezisihlasela,” kubeka uLaubscher.

Kule sizini iSharks isidlale imidlalo emine, inqobe emibili yahlulwa kwemibili.

IRebels yona isidlale imidlalo emine isinqobe emithathu yahlulwa kowodwa. Kule midlalo ihlule iBrumbies yase- Australia kabili, yaphinde yahlulwa iHighlanders yaseNew Zealand ngeledlule ihlulwe iLions ngamaphuzu angama-36 kwangama-33.

“Umqeqeshi uDu Preez ekuqaleni kwesonto uthole ithuba lokuthi akhulume nomdlali ngamunye, ukubagqugquze abadlali ekutheni bakhohlwe okwenzeke emidlalweni yethu emibili eyedlule. Umdlalo weRebels siyazi uzoba nzima. Siyibonile igadulisana neLions yinhle kuzona zonke izinhlongothi, siyethemba ukuthi leso simo sizosigwema,” kuchaza lo mqeqeshi.

See Also

Emdlalweni wokugcina la maqembu etholene phezulu ngoNdasa nyakenye wanqotshwa yiRebels ngamaphuzu angama-46 kwali-14 owawubanjelwe e-AAMI, eMelbourne.

Esikwatini sayo iSharks uyedwa kuphela umdlali ongeke abonakale kulo mdlalo, uJeremy Wardy.

Lo mdlali ngeke abonakale nje yingoba wathola isigwebo sokuhlawuliswa amasonto amahlanu emva kokudlalisa kabi umdlali weBulls uRosko Specman.

Scroll To Top