Ithimba leWHO liseChina ukuphenya ngomsuka wegciwane iCorona
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Seligcine livunyelwe ukungena eChina ithimba lososayensi leWorld Health Organization (WHO) elizophenya ngomsuka wegciwane iCorona.
Leli thimba lochwepheshe abalinganiselwa eshumini nabavela emazweni ahlukene bekulindeleke ukuthi litheleke edolobheni elisenkabeni yezwe iWuhan, esifundazweni iHubei, ngesonto eledlule, kodwa kube sekuba nengwijikhwebu eBeijing mayelana nokukhishwa kwezimvume.
UMnyango Wezangaphandle eChina ube usuqinisekisa ngoLwesibili ukuthi lizongena kuleli lizwe izolo ngoLwesine liye ngqo eWuhan lapho kwabikwa khona okokuqala abantu abatheleleka ngegciwane iCorona ngoZibandlela ngowezi-2019.
Ekhuluma eseGeneva, uMqondisi Jikelele weWHO uTedros Adhanom Ghebreyesus uthe: “Siyathokoza ukuthi ithimba lososayensi – ochwepheshe abahlonishwayo abavela ezikhungweni kanye namazwe ayishumi – seliqhubekile nohambo lwaseChina ukuyohlola liphinde licwaninge ngokubambisana nozakwabo eChina mayelana nemvelaphi yaleli gciwane.”
Ithimba leWHO lizogonqa (quarantine) eWuhan izinsuku eziyishumi nane ngaphambi kokuthi liqalise umsebenzi walo. Kanti litheleka nje iChina ibhekene nezigameko ezintsha zegciwane emadolobheni ehlukene, emva kokunqandeka izinyanga.
NgoLwesithathu, iKhomishini Yezempilo eChina ibike abantu abali-115 abasanda kutholakala negciwane. Kulabo abangama-90 basesifundazweni esisenyakatho iHebei. Isibalo sabantu abatheleleke ngegciwane iCoronavirus eChina singaphezulu kwezi-87,000, kuthi asebeshonile babe ngaphezulu kwezi-4,600 kusukela laqubuka leli gcinwane.
Abantu abanokhuvethe eHong Kong balinganiselwa ngaphezu kwezi-9,000, babe ngama-46 eMacao, kuthi eTaiwan babengama-838.
Amanye amazwe okubalwa kuwo i-USA kanye neBritain asesole iChina ngokuqubuka nokubhubhetheka kokhuvethe.
NgoMsombuluko, uNdunankulu waseBritain uBoris Johnson, ekhuluma engqungqutheleni yezemvelo ebiseParis, uthe kuzomele kuqedwe izinkolelo eziyimisangano zokuthi amalulwane namapangolin angaba iziqukathigciwane. Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina ukugxekile lokhu kuphawula, ethi kuwukuqagela okungaphazamisa ucwaningo ngomsuka walesi sifo.
IBeijing isikuchithe iphindelela ukuthi kumele isolwe ngokuqubuka kwalesi sifo. Phezu kwalokho isizame ukuvika ngokuthi kungenzeka igciwane iCorona laqubuka kwamanye amazwe.
Izikhulu zeKhomishini Yezempilo eChina zithe kuzomele ithimba longoti leWHO liphinde lenze uphenyo nakwamanye amazwe phezu kwalolu abazolwenza eWuhan ukuhlonza umsuka wegciwane iCorona.
IWHO ikugcizelele ukuthi umsebenzi wayo wokuphenya ngomsuka waleli gciwane akuwona wokuthi bathole ozokhonjwa ngenjumbane. Le nhlangano yezempilo iphinde yathi ayikuchithi ukuthi kungenzeka leli gciwane laqubuka kwamanye amazwe.
IPhini likaMqondisi weCenter for Disease Control eChina uFeng Zijian lithe nalo alikabi nalo ulwazi ngokuthi lasuka kanjani igciwane iCorona ezilwaneni langena kubantu. Lithe ososayensi baseChina bazosebenzisana nongoti beWHO ukuzama ukuhlonza umsuka waleli gciwane.
Uphenyo lokuqala olwenziwa ososayensi baseChina lwakhomba ukuthi igciwane iCorona leli laqubuka emakethe okwabe kudayiswa khona imnyama yasendle edolobheni laseWuhan. Kukholakala ukuthi lasabalala ngezilwane ezifana namalulwane nokho ukuthi labe livela kuphi bekungakacaci.
Ithemba manje ukuthi ithimba leWHO lizocwaninga imininingwane ehlanganiswe ososayensi baseChina ukufunda kabanzi ngegciwane kanye nomsuka walo ngethemba lokukhanyiseleka kangcono kule mibuzo esasele nokungahle kusize ukulwisana nalolu bhubhane.