IChina ibeka phambili intuthuko yezokuthutha
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Ukuthuthukisa ezokuthutha ngesivinini enye yezinto iChina ezigqaja ngayo, kanti le enye yezinto eyisibonelo ngazo kwamanye amazwe omhlaba, ngisho nase-USA imbala.
Leli lizwe lithi imizila yezitimela kuleli lizwe kulindeleke ukuthi ifinyelele ema-146,000 km ekupheleni kwalo nyaka wezi-2021.
UHulumeni kuleli sonto ukhiphe umqulu obalula intuthuko yezokuthutha nosihloko sawo sithi “Sustainable Development of Transport in China”.
Lo mqulu udalula osekuzuzwe yiChina ekuthuthukiseni ezokuthutha kule minyaka edlule, ngokunjalo nezinhlelo zikaHulumeni ukuya phambili.
Unjiniyela omkhulu weNational Railway Administration, uYan Hexiang, uthe uHulumeni usevule imizila yezitimela ezihamba ngesivinini esiphezulu engama-38,000 km, nokubeka iChina phambili emhlabeni kulolu hlelo lwezitimela.
UHulumeni uthi usuwakhe imigwaqo emikhulu enguthelawayeka elinganiselwa ema-150,000 km. Uthi uhlelo lwentuthuko esheshayo selubeke iChina phambili njengezwe elinemizila yezemigwaqo kanye nezitimela eminingi emhlabeni.
Kanti ukutshala imali kungqalasizinda yezokuthutha sekube enye yezindlela zokufukula umnotho
IChina iphinde ihole ekusungulweni kobuchwepheshe kwezokuthutha. Phakathi kwezinto esizenzile kubalwa ukwakha isitimela esihamba ngesivinini esingu-350 kmph esizishayelelayo.
IBeijing yaluqala lolu hlelo lwezitimela ngonyaka ka-2004, kanti manje cishe ama-70% wemizila yezitimela ezihamba ngesivinini esiphezulu emhlabeni useChina.
Izitimela ezihamba ngesivinini esiphezulu zisho ukwehla komkhiqizo omubi ongcolisa umkhathi notholakala ezitimeleni ezejwayelekile.
Kanti futhi ukuba khona kwalezi zitimela sekwenze ukuthi abantu bakwazi ukufinyelela ezingxenyeni eziningi zezwe ngokushesha. Kuphinde kusize ekutheni abantu bangabuthani endaweni eyodwa befaka ingcindezi ezinsizeni kodwa basabalale.
Isibonelo, uma ugibela sitimela esijwayelekile usuka eBeijing uya eShanghai kuzoba uhambo oluthatha amahora cishe amahlanu, kuthi isitimela esihamba ngesivinini sika-350 kmph sikuthathe amahora amathathu nesigamu emzileni ongu-1074 km.
Uma ufuna ukuhamba ibanga elithi alifane naleli eNingizimu Afrika ngesitimela kuzoba umzukuzuku wezinsuku. Asikho isitimela esisuka eThekwini siye ngqo eCape Town ngakho kudingeka uxhume endleleni nokungagcina kwenze uhambo lwakho lukuthathe ngaphezulu kosuku. Umgwaqo iwona othi ukubagcono.
Ezinhlelweni zayo zezokuthutha, iChina iphinde yabelane ngolwazi kanye nobuchwepheshe bayo namanye amazwe e-Asia, e-Afrika nese Europe.
Ngonyaka odlule, kuvulwe ngokusemthethweni isigaba sokuqala somzila wesitimela ohlanganisa iKenya, i-Uganda, iSouth Sudan neRwanda, nokuwuhlelo oluxhaswe ngemali iChina. Lo mzila ohlanganisa iNairobi neNaivasha ubize imali elinganiselwa ezigidigidini ezi-$4.7.
Nokho imali ephezulu yalolu hlelo lomzila wesitimela isiyenze ukuthi lungahambi ngokushesha njengoba isimo somnotho esingesihle emhlabeni senza kube nzima ukuthi itholakale imali yokuqhuba izinhlelo eziningi.
Ukuncipha kokukhula komnotho eChina sekwenze ukuthi iBeijing ibuyekeze izinhlelo ezixhasayo ngemali, okubalwa nalezo ezingaphansi kohlelo lwayo lokuthuthukisa uhwebo phakathi kwamazwe iBelt and Road Initiative.
Ngenyanga edlule, izitimela ezisheshayo ezihamba phakathi kweChina ne-Europe zifinyelele ezi-32,000.
UHulumeni waseChina uhlose ukuthi uqhubeke nokukhiqiza izitimela ezihamba ngesivinini esiphezulu nokunciphisa isikhathi abagibeli abasihambayo ngesitimela emadolobheni kanye nasemizileni emide.
Kulindeleke ukuthi uma sekufika unyaka wezi-2035 kube sekwakhiwe isitimela esizohamba ngesivinini esingama-400 kmph kanye nesizohamba ngama-600 kmph.
Ngesikhathi iNingizimu Afrika ibonakala isilele emuva kakhulu kuChina kwezokuthutha, imizila ekhona njengamanje iyisizinda esihle sokwakhela phezulu kwaso.
Kuzobaluleka ukuthi ibe nezinhlelo ezicacile ngokunjalo kufakwe nemali kuzona ukuze kubekhona indlela eyaphambili ukusiza izigidi zabantu abathembele ohlelweni lwezokuthutha lomphakathi.