Abadlali bakuleli bayadinga ukwesekwa ngabahlaziyi nezingqapheli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abakwamanye amazwe ahamba phambili emhlabeni kwezemidlalo lokhu bayakwenza nemiphumela iyabonakala
Indlela ababhali nabahlaziyi bezemidlalo base-England abenza ngayo iyangichaza ngoba bahlezi bevikela abadlali babo noma bengenzi kahle.
Esikhathini esiningi uma kudlala imidlalo ye-English Premier League (EPL), ngike ngilalele abahlaziyi uma kuyikhefu noma emva komdlalo, ngizwe ukuthi bayabavikela abadlali babo. UMarcus Rashford ongumgadli osemncane weManchester United, wathi engakenzi lutho abahlaziyi nababhali bezindaba base-England base beqalile bethi unguWayne Rooney wakusasa.
Ku-EPL kunabagadli abanamagama amakhulu kodwa uma ulalela abahlaziyi ubezwa kahle bethi uHarry Kane ongumgadli weTottenham Hotspur, uyena mgadli ohamba phambili. Ngeke ngakuphika ukuthi uKane ungumgadli osezingeni eliphezulu njengoba engalibheki ipali kodwa indlela igama lakhe eliphakanyiswa ngayo kuyakhombisa ukuthi uyaphushwa.
Ngikhumbula uMohamed Salah ongumgadli weLiverpool FC ngesikhathi efika kulabo mpetha be-EPL ngesizini yangonyaka wezi-2017/18, wavalela phakathi amagoli angama-32 emidlalweni engama-36. Abahlaziyi babesho ligcwale elokuthi uSalah odabuka e-Egypt ungumlilo wamaphepha.
Kuyimanje nje uSalah kule sizini emidlalweni eli-16 useshaye amagoli ali-13. Ukube ungowokudabuka e-England ngabe igama lakhe lihlezi libhalwe kwabezindaba, ‘’libhalwe kahle”.
Isitobha uHarry Maguire esuka kuLeicester City eyojoyina iManchester United wathengwa ngemali elinganiselwa ezigidini ezingama-80 zamadola. Njengoba eyisitobha esibiza kunazo zonke emhlabeni abezindaba base-England baba nomthelela omkhulu njengoba bebelokhu bebhala ngaye.
Konke lokhu okwenziwa ngababhali, abahlaziyi kuyinto enhle kakhulu ukuthi baphakamise into yasekhaya.
Ngiba buhlungu-ke uma ngibona ababhali balapha eNingizimu Afrika behluleka ukuvikela abadlali bethu, kunalokho kuba yibona abababhala kabi. Akuyona-ke into yamanje leyo kodwa isuka kudala.
UJabu ‘’Shuffle’’ Pule/Mahlangu angeke ngithi wayemsulwa kodwa indlela ayebhalwa ngayo emaphephandabeni akuleli, kukhulunywa ngaye emsakazweni wayecindezelwa. UMbulelo ‘’OJ’ Mabizela naye ngesifanayo. Izingane ezingababonanga laba badlali bedlala zibazi njengabadlali ababengaziphethe kahle, zimbalwa ezazi ukuthi uMabizela wadlala eqenjini lase-England iTottenham Hotspur nokuthi uShuffle wayeyisikweletu somdlali owayeshiya indoda ilele phansi enkundleni.
Njengoba uPercy Tau esebuyele qenjini lakhe lase-England iBrighton Hove & Albion, uyadinga ukwesekwa ngabezindaba bakuleli. UTau uyena kuphela lapha eNingizimu Afrika ogijima ku-EPL.
Ngaphandle kukaTau lapha eNingizimu Afrika sinabadlali abaningi abadlala phesheya kwezilwandle okungabhalwa lutho ngabo, kuyothi mhlazane benze kahle wonke umuntu aqale abanake. UBongani ‘’Ben 10’’ Zungu odlalela iRangers yaseScotland, umqeqeshi waleli qembu uSteven Gerrard uyayithakasela kakhulu indlela lo mdlali adlala ngayo kodwa kuleli akukhulunywa lutho ngaye.
Baningi kakhulu abadlali okungaziwa ukuthi kwenzakalani ngabo njengoba bedlala emazweni aphesheya nje. Singabala uThembi Kgatlana odlalela ISD Eibar yaseSpain, uRefiloe Jane odlalela i-AC Milan yase-Italy.

Abanye uGift Link we-AGF Aurhus yaseDenmark, uThabo Cele weCova da Piedade yasePortugal, uKeagan Dolly weMontepiellier yaseFrance, uMihlali Mayambela weFerense yasePortugal noSphephelo Sithole we-OS Belenses SAD nayo yasePortugal.
Iqiniso lithi baningi kakhulu abadlali okungashiwo lutho ngabo laba ababalulwa ngenhla nje bambalwa.
Uma kuwumthetho ukuthi e-England akubhalwa kabi ngabadlali bakhona ngabe umthetho ophusile nengifisayo ukuthi engathi ungasebenza nakuleli.