Now Reading
Amasizini iMan U ingaqhwakeli, kulokhu congo kuligi ye-EPL
Dark Light

Amasizini iMan U ingaqhwakeli, kulokhu congo kuligi ye-EPL

nguSabelo Maphumulo

IManchester United ingelinye lamaqembu amakhulu emhlabeni ingakho ihlale ibhekiwe imiphumela uma idlala.

Ukuphuma kwayo emdlalweni wamaqoqo omqhudelwano omkhulu i-UEFA Champions League, kubukeka kuyivusile njengoba igila izimanga kuligi yase e-England i-English Premier League (EPL).

Kuyimanje leli qembu eliqeqeshwa u-Ole Gunnar Solskjaer lihlezi esicongweni kulogi. Selidlale imidlalo eli-17, linqobe eli-11, ladlala ngokulingana kwemithathu, lahlulwa kwemithathu nokulenza libe namaphuzu angama-36.

IMan United igcine ukuhlulwa emdlalweni weligi ngoMfumfu nyakenye lapho yabhaxabulwa kabuhlungu iTottenham Hotspur ngamagoli ayisi-6 kwelilodwa.

NgoLwesibili itholene phezulu neBurnley FC inqobe ngegoli elilodwa elivalelwe phakathi nguPaul Pogba. Njengoba ihlezi phezulu kulogi nje kwagcina ukuthi ibe kule ndawo ngesizini yangowezi-2012/13 lapho eyanqoba khona isicoco seligi.

USolskjaer ongowokudabuka eNorway uncome ubumbano olukhona kubadlali bakhe njengoba iqembu lenza kahle.

Emdlalweni olandelayo weMan United izotholana phezulu nompetha iLiverpool FC, lo mdlalo uzokuba ngeSonto. Uzobanjelwa enkundleni yeLiverpool FC i-Anfield Stadium ngele-18:30 kusihlwa.

“Siyazi ukuthi siya kompetha bale ligi. Iqiniso lithi iLiverpool FC idlale kahle kakhulu kumasizini amathathu edlule. Lo mdlalo uzokuba nzima kakhulu kodwa sikulungele ukubhekana nayo. Njengoba sinqobile nje maphakathi nesonto lokho kusenze saba sesicongweni kusho ukuthi sesizifakele ingcindezi enkulu. Siya kulo mdlalo nje sisesimweni esihle, sisezingeni elifanele, silambele isicoco, ukuze sinqobe kumele sinqobe imidlalo enzima njengalona,” kusho uSolskjaer.

Lo mqeqeshi uncome injini yaleli qembu uPogba indlela azinikele ngayo emasontweni adlule.

“Bengihlale ngikusho lokhu ukuthi uPogba ungumdlali omkhulu eqenjini, ungumpetha womhlaba. Ngasho ngathi uma ifomu yakhe ingaba phezulu iqembu lingenza kahle, nakhu lokhu kuyavela.  Ngiyafisa ukuthi angaqhubeka enze kahle neqembu liqhubeke lithole amaphuzu agcwele,” kubeka uSolskjaer.

See Also

Ezibuhlungu ukuthi iMan United kungenzeka iye kulo mdlalo ngaphandle kuka-Anthony Martial noNemanja Matic. Laba badlali balimale kabuhlungwana ngoLwesibili okuphoqe ukuba baphume.

ILiverpool FC yona ihlezi endaweni yesibili kulogi emdlalweni eli-17, inqobe eyisi-9 yahlulwa kwemibili yadlala ngokulingana kweyisi-6 okuyenza ibe namaphuzu angama-33.

Isiyonke imidlalo ye-EPL ithakwe kanje

Kusasa 

  • IWolverhampton Wanderers neWest Bromwich e-Albion eMolineux Stadium ngele-14:30.
  • ILeeds United neBrighton & Hove Albion e-Elland Road ngele-17:00.
  • IWest Ham United neBurnley eLondon Stadium ngele-17:00.
  • IFulham neChelsea eCraven Cottage Stadium ngele-19:30.
  • ILeicester City neSouthampton eKing Power Stadium ngele-22:00.

NgeSonto

  • I-Aston Villa ne-Everton eVilla Park ngele-14:00.
  • ISheffield United neTottenham Hotspur eBramall Lane ngele-16:05.
  • ILiverpool neManchester United e-Anfield Stadium ngele-18:30.
  • IManchester City neCrystal Palace e-Etihad Stadium ngele-21:05.

NgoMsombuluko

  • I-Arsenal neNewcastle United e-Emirates Stadium ngele-22:00.
Scroll To Top